Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • nwt kk. 28-29
  • Umbuzo 16: Ungabhekana kanjani nokukhathazeka?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umbuzo 16: Ungabhekana kanjani nokukhathazeka?
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
Umbuzo 16: Ungabhekana kanjani nokukhathazeka?

UMBUZO 16

Ungabhekana kanjani nokukhathazeka?

“Phonsa umthwalo wakho kuJehova, yena uyokusekela. Akasoze avumele olungile awe.”

IHubo 55:22

“Ngokuqinisekile amacebo okhuthele amenza aphumelele, kodwa bonke abanamawala ngokuqinisekile bazifaka ekuhluphekeni.”

IzAga 21:5

“Ungesabi ngoba nginawe. Ungakhathazeki ngoba nginguNkulunkulu wakho. Ngizokuqinisa, impela ngizokusiza, impela ngizokubamba ngesandla sami sokudla sokulunga.”

Isaya 41:10

“Ubani kini ongathi ngokukhathazeka anezele ngisho nomzuzu owodwa esikhathini sakhe sokuphila?”

Mathewu 6:27

“Ngakho, ningalokothi nikhathazeke ngosuku olulandelayo, ngoba usuku olulandelayo luyoba nezalo izinkathazo. Usuku ngalunye lunezalo izinkinga.”

Mathewu 6:34

“Niqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu.”

Filipi 1:10

Umama uthandaza nendodakazi yakhe ngaphambi kokuba badle

“Ningakhathazeki ngalutho, kodwa zonke izicelo zenu zitsheleni uNkulunkulu ngomthandazo, ngokunxusa kanye nokubonga; ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukuqonda kuyoqapha izinhliziyo zenu nemicabango yenu ngoKristu Jesu.”

Filipi 4:6, 7

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela