NGOKUKAJOHANE
1 Ekuqaleni wayekhona uLizwi, + uLizwi wayenoNkulunkulu, + futhi uLizwi wayewunkulunkulu. *+ 2 Ekuqaleni lona wayenoNkulunkulu. 3 Zonke izinto zaba khona ngaye, + ayikho neyodwa into eyaba khona ngaphandle kwakhe.
Ukuphila 4 kwaba khona ngaye futhi ukuphila kwakuwukukhanya kubantu. + 5 Ukukhanya kuyakhanya ebumnyameni, + kodwa ubumnyama abukwazanga ukukuhlula.
6 Kwavela umuntu owayethunywe njengommeleli kaNkulunkulu; igama lakhe kwakunguJohane. + 7 Lo muntu weza njengofakazi ukuze afakaze ngokukhanya, + ukuze abantu bazo zonke izinhlobo bakholwe ngaye. 8 Wayengekhona lokho kukhanya, + kodwa inhloso yayiwukuba afakaze ngakho.
9 Ukukhanya kweqiniso okunika zonke izinhlobo zabantu ukukhanya kwase kuzofika ezweni. + 10 Wayekhona* ezweni, + futhi izwe laba khona ngaye, + kodwa izwe alizange limazi. 11 Wafika endaweni yakubo, kodwa abantu bakubo abazange bamamukele. 12 Nokho, bonke abamamukela, wabanika igunya lokuba ngabantwana bakaNkulunkulu, + ngoba babenokholo egameni lakhe. + 13 Abazalwanga ngegazi noma ngentando engokwenyama noma ngentando yomuntu kodwa bazalwa nguNkulunkulu. +
14 Ngakho uLizwi waba yinyama *+ wahlala phakathi kwethu, sayibona inkazimulo yakhe, inkazimulo enjengeyendodana ezelwe yodwa + kuyise; wayegcwele umusa kaNkulunkulu* neqiniso. 15 (UJohane wafakaza ngaye, yebo, wamemeza: “Lo nguye engathi ngaye, ‘Lowo oza emva kwami uvele ngaphambi kwami, ngoba waba khona kuqala kunami.’ ”) + 16 Ngoba sonke samukela kokuvela ekugcwaleni kwakhe, yebo, ngisho nomusa omkhulu phezu komusa omkhulu. 17 UMthetho wanikezwa ngoMose, + umusa omkhulu + neqiniso kwaba khona ngoJesu Kristu. + 18 Akekho umuntu oye wabona uNkulunkulu noma nini; + unkulunkulu ozelwe yedwa + oseceleni kukaBaba *+ nguye oye wamchaza. +
19 Lobu ubufakazi obanikezwa nguJohane lapho amaJuda ethumela kuye abapristi namaLevi bevela eJerusalema ukuba bambuze: “Ungubani wena?” + 20 Wavuma akazange aphike, wathi: “Angiyena uKristu.” 21 Bambuza: “Khona-ke, ungubani? Ingabe ungu-Eliya?” + Wathi: “Angiyena.” “UngumProfethi?” + Waphendula: “Cha!” 22 Ngakho-ke bathi kuye: “Ungubani? Sitshele ukuze siphendule labo abasithumile. Uzibiza ngokuthini wena?” 23 Wathi: “Mina ngiyizwi lothile omemeza ehlane ethi, ‘Yenzani indlela kaJehova* iqonde,’ + njengoba nje umprofethi u-Isaya asho.” + 24 Abathunyiwe babevela kubaFarisi. 25 Ngakho bambuza: “Pho kungani ubhapathiza uma ungeyena uKristu noma u-Eliya noma umProfethi?” 26 UJohane wabaphendula, wathi: “Mina ngibhapathiza ngamanzi. Kukhona eningamazi omi phakathi kwenu, 27 lowo oza emva kwami, engingakufanelekeli ukuqaqa amabhande ezimbadada zakhe.” + 28 Lezi zinto zenzeka eBhethaniya ngaphesheya kweJordani, lapho uJohane ayebhapathizela khona. +
29 Ngosuku olulandelayo wabona uJesu eza kuye, wathi: “Bhekani, iWundlu + likaNkulunkulu elisusa isono + sezwe! + 30 Lo nguye engasho ngaye ngathi: ‘Emva kwami kuza umuntu ovele ngaphambi kwami, ngoba waba khona kuqala kunami.’ + 31 Ngisho nami bengingamazi, kodwa isizathu sokuba ngize ngibhapathize ngamanzi sasiwukuba abonakaliswe ku-Israyeli.” + 32 UJohane wafakaza futhi, wathi: “Ngibone umoya wehla njengejuba uvela ezulwini, wahlala phezu kwakhe. + 33 Ngisho nami bengingamazi, kodwa Yena kanye ongithume ukuba ngibhapathize ngamanzi wathi kimi: ‘Noma ubani oyobona umoya wehlela phezu kwakhe futhi uhlale kuye, + lowo nguye obhapathiza ngomoya ongcwele.’ + 34 Ngikubonile lokho, futhi ngifakazile ukuthi lo uyiNdodana kaNkulunkulu.” +
35 Ngosuku olulandelayo, uJohane wayemi nabafundi bakhe ababili, 36 njengoba ebuka uJesu ehamba, wathi: “Bhekani, iWundlu + likaNkulunkulu!” 37 Lapho laba bafundi ababili bemuzwa esho lokhu, balandela uJesu. 38 UJesu waphenduka, futhi ebabona belandela, wathi kubo: “Nifunani?” Bathi kuye: “Rabi (okusho ukuthi, “Mfundisi,” uma kuhunyushwa), uhlalaphi?” 39 Wathi kubo: “Wozani, nizobona.” Ngakho bahamba babona lapho ehlala khona, futhi bahlala naye ngalolo suku; cishe kwakuyihora leshumi.* 40 U-Andreya, + umfowabo kaSimoni Petru, wayengomunye walaba ababili abezwa lokho okwashiwo uJohane base belandela uJesu. 41 Okokuqala wathola umfowabo, uSimoni, wathi kuye: “Simtholile uMesiya” + (okusho ukuthi “uKristu,” uma kuhunyushwa), 42 wamyisa kuJesu. Lapho uJesu embheka wathi: “Wena unguSimoni, + indodana kaJohane; uzobizwa ngokuthi uKhefase (okuhunyushwa ngokuthi “Petru”). +
43 Ngosuku olulandelayo uJesu wayefuna ukuhamba aye eGalile. Wabe esethola uFiliphu + wathi kuye: “Yiba umlandeli wami.” 44 UFiliphu wayengowaseBhetsayida, edolobheni lakubo ka-Andreya noPetru. 45 UFiliphu wathola uNathanayeli + wathi kuye: “Simtholile lowo uMose kanye nabaProfethi ababhala ngaye eMthethweni: uJesu, indodana kaJosefa, + waseNazaretha.” 46 Kodwa uNathanayeli wathi kuye: “Kukhona yini okuhle okungaphuma eNazaretha?” UFiliphu wathi kuye: “Woza ubone.” 47 UJesu wabona uNathanayeli eza ngakuye wathi ngaye: “Bheka, umIsrayeli weqiniso okungekho nkohliso kuye.” + 48 UNathanayeli wathi kuye: “Ungazi kanjani?” UJesu wamphendula wathi: “Ngikubone ngaphambi kokuba uFiliphu akubize, ngesikhathi uphansi kwesihlahla somkhiwane.” 49 UNathanayeli wathi kuye: “Rabi, wena uyiNdodana kaNkulunkulu, uyiNkosi yakwa-Israyeli.” + 50 UJesu waphendula wathi: “Ukholwa ngoba ngikutshele ukuthi ngikubone ungaphansi kwesihlahla somkhiwane? Uzobona izinto ezinkulu kunalezi.” 51 Wabe esethi kuye: “Ngiqinisile impela ngithi kini madoda, nizobona izulu livulekile nezingelosi zikaNkulunkulu zehla zenyuka ziza eNdodaneni yomuntu.” +
2 Ngosuku lwesithathu kwaba khona idili lomshado eKhana laseGalile, nonina kaJesu wayelapho. 2 UJesu nabafundi bakhe nabo babemenyiwe kulelo dili lomshado.
3 Lapho iwayini liphela, unina kaJesu wathi kuye: “Abanalo iwayini.” 4 Kodwa uJesu wathi kuye: “Sifazane, mina nawe kusithinta kanjani lokho?* Ihora lami alikafiki.” 5 Unina wathi kulabo ababekhonza: “Noma yini anitshela yona, yenzeni.” 6 Kwakukhona izimbiza zamanzi zetshe eziyisithupha zihlezi lapho njengoba imithetho yamaJuda yokuhlanza yayifuna kanjalo, + ngayinye ikwazi ukumumatha izikali ezimbili noma ezintathu zoketshezi.* 7 UJesu wathi kubo: “Gcwalisani lezi zimbiza ngamanzi.” Bazigcwalisa phama. 8 Wayesethi kubo: “Manje wakheni niwayise kumqondisi wedili.” Ngakho bawayisa kuye. 9 Lapho umqondisi wedili enambitha la manzi ayesephenduke iwayini, engazi ukuthi livelaphi (nakuba izikhonzi ezazikhe amanzi zazazi), umqondisi wedili wabiza umkhwenyana 10 wathi kuye: “Abantu abaningi bakhipha iwayini elimnandi kuqala, kuthi lapho abantu sebedakiwe, bakhiphe elezinga eliphansi. Wena ugcine iwayini elimnandi kwaze kwaba manje.” 11 Lokhu uJesu wakwenza eKhana laseGalile njengesiqalo sezibonakaliso zakhe, futhi wenza inkazimulo yakhe yabonakala, + abafundi bakhe baba nokholo kuye.
12 Ngemva kwalokhu yena nonina nabafowabo + nabafundi bakhe behlela eKapernawume, + kodwa abazange bahlale khona izinsuku eziningi.
13 IPhasika + lamaJuda lase liseduze, futhi uJesu wakhuphukela eJerusalema. 14 Wathola ababethengisa izinkomo nezimvu namajuba + ethempelini nabashintshi bemali besezihlalweni zabo. 15 Ngemva kokwenza isitswebhu sezindophi, wabaxosha ethempelini bonke ababenezimvu nezinkomo, wachitha izinhlamvu zemali zabashintshi bemali, wagumbuqela namatafula abo. + 16 Wathi kulabo ababethengisa amajuba: “Susani lezi zinto lapha! Yekani ukwenza indlu kaBaba indlu yokuhwebelana!” *+ 17 Abafundi bakhe bakhumbula ukuthi kulotshiwe ukuthi: “Uthando lwami ngendlu yakho luyoba njengomlilo ovuthayo ngaphakathi kimi.” +
18 Ngakho-ke, amaJuda athi kuye: “Yisiphi isibonakaliso ongasibonisa sona, + njengoba wenza lezi zinto?” 19 UJesu waphendula wathi kuwo: “Dilizani leli thempeli, mina ngizolivusa ngezinsuku ezintathu.” + 20 AmaJuda abe esethi: “Leli thempeli lakhiwa iminyaka engu-46, wena-ke uzolivusa ngezinsuku ezintathu?” 21 Kodwa wayekhuluma ngethempeli elingumzimba wakhe. + 22 Nokho, lapho evuswa kwabafile, abafundi bakhe bakhumbula ukuthi wayevamile ukukusho lokhu, + futhi bayikholelwa imibhalo nalokho uJesu ayekushilo.
23 Nokho, lapho eseJerusalema emkhosini wePhasika, abantu abaningi baba nokholo egameni lakhe lapho bebona izibonakaliso ayezenza. 24 Kodwa uJesu yena wayengabathembi ngoba wayebazi bonke 25 nangenxa yokuthi wayengadingi muntu ukuba afakaze ngomunye umuntu, ngoba wayekwazi okungaphakathi kumuntu. +
3 Kwakukhona umuntu othile kubaFarisi, kunguNikhodemu + igama lakhe, umbusi wamaJuda. 2 Lona weza kuJesu ebusuku + wathi: “Rabi, + siyazi ukuthi ungumfundisi ovela kuNkulunkulu, ngoba akekho ongenza lezi zibonakaliso + ozenzayo ngaphandle kokuba uNkulunkulu enaye.” + 3 UJesu waphendula wathi kuye: “Ngiqinisile impela ngithi kuwe, ngaphandle kokuba umuntu aphinde azalwe, *+ akanakuwubona uMbuso kaNkulunkulu.” + 4 UNikhodemu wathi kuye: “Umuntu angazalwa kanjani esemdala? Akakwazi ukungena esibelethweni sikanina okwesibili futhi azalwe, akunjalo?” 5 UJesu waphendula: “Ngiqinisile impela ngithi kuwe, ngaphandle kokuba umuntu azalwe ngamanzi + nomoya, + akakwazi ukungena eMbusweni kaNkulunkulu. 6 Lokho okuzelwe yinyama kuyinyama, nalokho okuzelwe ngumoya kuwumoya. 7 Ungamangali ngokuthi ngithe: Kumele niphinde nizalwe. 8 Umoya uvunguza lapho uthanda khona, uwuzwe nomsindo wawo, kodwa awazi ukuthi uvelaphi nokuthi uyaphi. Kunjalo nangawo wonke umuntu ozelwe ngumoya.” +
9 UNikhodemu wathi kuye: “Zingenzeka kanjani lezi zinto?” 10 UJesu waphendula wathi kuye: “Ungumfundisi ka-Israyeli, kodwa awuzazi lezi zinto? 11 Ngiqinisile impela ngithi kuwe, lokho esikwaziyo siyakukhuluma nalokho esikubonile siyafakaza ngakho, kodwa nina anibamukeli ubufakazi esibunikezayo. 12 Uma nginitshele izinto zasemhlabeni kodwa nilokhu ningakholwa, niyokholwa kanjani uma nginitshela izinto zasezulwini? 13 Ngaphezu kwalokho, akekho umuntu oye wanyukela ezulwini + ngaphandle kwalowo owehla evela ezulwini, + iNdodana yomuntu. 14 Futhi njengoba nje uMose aphakamisa inyoka ehlane, + kanjalo iNdodana yomuntu kumele iphakanyiswe, + 15 ukuze wonke umuntu okholwa yiyo abe nokuphila okuphakade. +
16 “Ngoba uNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, + ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa athole ukuphila okuphakade. + 17 UNkulunkulu akayithumelanga iNdodana yakhe ezweni ukuba yahlulele izwe, kodwa ukuba izwe lisindiswe ngayo. + 18 Noma ubani obonisa ukholo kuyo akumele ahlulelwe. + Noma ubani ongalubonisi ukholo wahlulelwe kakade, ngoba akakholwanga egameni leNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa. + 19 Manje yilesi isisekelo sokwahlulela: ukuthi ukukhanya kufikile ezweni, + kodwa abantu baye bathanda ubumnyama kunokukhanya, ngoba imisebenzi yabo ibimibi. 20 Noma ubani owenza izinto ezimbi uyakuzonda ukukhanya futhi akezi ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ingadalulwa.* 21 Kodwa noma ubani owenza okulungile uyeza ekukhanyeni, + ukuze imisebenzi yakhe ibonakaliswe njengeyenziwe ngokuvumelana noNkulunkulu.”
22 Ngemva kwalokhu uJesu nabafundi bakhe baya emaphandleni aseJudiya, wachitha khona isikhathi esithile nabo futhi wayebhapathiza. + 23 UJohane naye wayebhapathiza e-Enoni eduze kwaseSalimi, ngoba amanzi ayemaningi khona, + futhi abantu babelokhu beza bebhapathizwa; + 24 ngoba uJohane wayengakaboshwa. +
25 Manje abafundi bakaJohane baba nempikiswano nomJuda othile ngokuphathelene nokuhlanzwa. 26 Ngakho beza kuJohane bathi kuye: “Rabi, lo muntu owayenawe ngaphesheya kweJordani, lowo owafakaza ngaye, + bheka, uyabhapathiza futhi bonke baya kuye.” 27 UJohane waphendula wathi: “Umuntu akakwazi ukwenza ngisho nento eyodwa ngaphandle kokuba eyinikwa ivela ezulwini. 28 Nina ngokwenu niyangifakazela ukuthi ngathi, ‘angiyena uKristu, + kodwa ngithunywe ngaphambi kwakhe.’ + 29 Noma ubani onomakoti ungumkhwenyana. + Kodwa umngani womkhwenyana, lapho ema futhi emuzwa, ujabula kakhulu ngenxa yezwi lomkhwenyana. Ngakho injabulo yami isiphelelisiwe. 30 Yena kumele aqhubeke anda, kodwa mina kumele ngiqhubeke ngincipha.”
31 Ovela phezulu + ungaphezu kwabo bonke abanye. Ovela emhlabeni uvela emhlabeni futhi ukhuluma ngezinto zasemhlabeni. Ovela ezulwini ungaphezu kwabo bonke abanye. + 32 Ufakaza ngalokho akubonile nakuzwile, + kodwa akukho muntu obamukelayo ubufakazi bakhe. + 33 Obamukelile ubufakazi bakhe ubeke uphawu lwakhe kubo* lokuthi uNkulunkulu uqinisile. + 34 Ngoba lowo uNkulunkulu amthumile ukhuluma amazwi kaNkulunkulu, + ngoba uNkulunkulu akancishani ngomoya wakhe.* 35 UBaba uyayithanda iNdodana + futhi unikele zonke izinto esandleni sayo. + 36 Obonisa ukholo eNdodaneni uyothola ukuphila okuphakade; + ongayilaleli iNdodana ngeke akubone ukuphila, + kodwa ulaka lukaNkulunkulu luhlezi phezu kwakhe. +
4 Lapho iNkosi iqaphela ukuthi abaFarisi babezwile ukuthi yayenza* abafundi abaningi kunoJohane futhi ibabhapathiza +— 2 nakuba uJesu ngokwakhe engazange abhapathize kodwa kungabafundi bakhe ababebhapathiza— 3 yasuka eJudiya yaphinde yaya eGalile. 4 Kodwa kwakudingeka idabule eSamariya. 5 Ngakho yafika edolobheni laseSamariya elibizwa ngokuthi iSikhari, eduze kwensimu uJakobe ayeyinike indodana yakhe uJosefa. + 6 Empeleni, wawulapho umthombo kaJakobe. + Manje uJesu, ekhathele ngenxa yalolu hambo, wayehlezi emthonjeni.* Cishe kwakuyihora lesithupha.*
7 Kweza owesifazane waseSamariya ezokha amanzi. UJesu wathi kuye: “Ngiphuzise.” 8 (Ngoba abafundi bakhe babehambile beye edolobheni beyothenga ukudla.) 9 Ngakho lona wesifazane ongumSamariya wathi kuye: “Kwenzeka kanjani ukuba wena, nakuba ungumJuda, ucele ukuba ngikuphuzise, ngibe ngingowesifazane ongumSamariya?” (Ngoba amaJuda ayengezwani namaSamariya.) + 10 UJesu waphendula wathi kuye: “Ukube bewazi ngesipho sesihle sikaNkulunkulu + nokuthi ngubani lo othi kuwe, ‘Ngiphuzise,’ ngabe ucele kuye, futhi ngabe ukunike amanzi okuphila.” + 11 Yena wathi kuye: “Mnumzane, awunalo ngisho nebhakede lokukha amanzi, futhi umthombo ujulile. Pho la manzi okuphila onawo avela kumuphi umthombo? 12 Awumkhulu kunokhokho wethu uJakobe, owasinika lo mthombo, yena namadodana akhe nezinkomo zakhe abaphuza kuwo, akunjalo?” 13 UJesu waphendula wathi kuye: “Wonke umuntu ophuza la manzi uyophinde ome. 14 Noma ubani ophuza la manzi engizomnika wona akasoze oma, + kodwa amanzi engizomnika wona, ngaphakathi kuye ayoba umthombo wamanzi ophuphumayo ukuze udlulisele ukuphila okuphakade.” + 15 Owesifazane wathi kuye: “Mnumzane, nginike la manzi, ukuze ngingomi futhi ngingalokhu ngiza kule ndawo ngizokha amanzi.”
16 UJesu wathi kuye: “Hamba uyobiza umyeni wakho nize kule ndawo.” 17 Owesifazane waphendula wathi: “Anginaye umyeni.” UJesu wathi kuye: “Usho kahle uma uthi, ‘Anginaye umyeni.’ 18 Ngoba uye waba nabayeni abahlanu, futhi indoda onayo manje ayiyena umyeni wakho. Lokhu ukusho ngeqiniso.” 19 Owesifazane wathi kuye: “Mnumzane, ngiyabona ukuthi ungumprofethi. + 20 Okhokho bethu babekhulekela kule ntaba, kodwa nina nithi iseJerusalema indawo abantu okufanele bakhulekele kuyo.” + 21 UJesu wathi kuye: “Ngikholwe, sifazane, ihora liyeza lapho ningeke nikhulekele uBaba kule ntaba noma eJerusalema. 22 Nina nikhulekela eningakwazi; + thina sikhulekela esikwaziyo, ngoba amaJuda aluthola kuqala ulwazi ngensindiso. + 23 Noma kunjalo, ihora liyeza futhi sekuyilo namanje lapho abakhulekeli beqiniso beyokhulekela khona uBaba ngomoya nangeqiniso, ngoba ngempela uBaba ufuna abanjalo ukuba bamkhulekele. + 24 UNkulunkulu unguMoya, + futhi abamkhulekelayo kumele bamkhulekele ngomoya nangeqiniso.” + 25 Owesifazane wathi kuye: “Ngiyazi ukuthi uMesiya uyeza, obizwa ngokuthi uKristu. Noma nini lapho yena efika, uyozimemezela obala zonke izinto kithi.” 26 UJesu wathi kuye: “Mina engikhuluma nawe nginguye.” +
27 Kusenjalo kwafika abafundi bakhe, futhi bamangala ngoba wayekhuluma nowesifazane. Noma kunjalo, akekho owathi: “Ufunani?” noma “Ukhulumelani naye?” 28 Ngakho, owesifazane washiya imbiza yakhe yamanzi wahamba waya edolobheni, watshela abantu wathi: 29 “Wozani nibone umuntu ongitshele zonke izinto engizenzile. Akuyena mhlawumbe uKristu lona?” 30 Baphuma edolobheni baya kuye.
31 Phakathi naleso sikhathi, abafundi babemncenga, bethi: “Rabi, + yidla.” 32 Kodwa wathi kubo: “Nginokudla engizokudla eningazi ngakho.” 33 Abafundi base bethi omunye komunye: “Akekho omlethele ukudla, akunjalo?” 34 UJesu wathi kubo: “Ukudla kwami kuwukuba ngenze intando yalowo ongithumile + nokuba ngiqede umsebenzi wakhe. + 35 Anisho yini ukuthi kusasele izinyanga ezine ngaphambi kokuba kufike isikhathi sokuvuna? Bhekani! Ngithi kini: Phakamisani amehlo enu nibuke amasimu, ukuthi asemhlophe alungele ukuvunwa. + Kakade 36 umvuni useyalamukela iholo futhi ubutha isithelo esiyothola ukuphila okuphakade, ukuze umhlwanyeli nomvuni bajabule kanyekanye. + 37 Kule ndaba, leli zwi liyiqiniso: Omunye ungumhlwanyeli omunye ungumvuni. 38 Nganithuma ukuba niyovuna lokho eningazange nikusebenzele. Abanye baye basebenza, nina nizuzile emsebenzini wabo.”
39 Abaningi kumaSamariya akulelo dolobha bakholwa nguye ngenxa yezwi lowesifazane owafakaza, wathi: “Ungitshele zonke izinto engizenzile.” + 40 Ngakho lapho amaSamariya efika kuye, amcela ukuba ahlale nawo, wahlala khona izinsuku ezimbili. 41 Ngenxa yalokho, abanye abaningi bakholwa ngenxa yalokho akusho, 42 futhi bathi kowesifazane: “Asisakholwa ngenxa yalokho okushilo; ngoba sizizwele ngokwethu, futhi siyazi ukuthi lo muntu ngempela ungumsindisi wezwe.” +
43 Ngemva kwalezo zinsuku ezimbili, wasuka lapho waya eGalile. 44 Nokho, uJesu ngokwakhe wafakaza ukuthi umprofethi akadunyiswa ezweni lakubo. + 45 Lapho efika eGalile, abaseGalile bamamukela, ngoba babebone zonke izinto ayezenze emkhosini eJerusalema, + ngoba nabo babeyile emkhosini. +
46 Waphinde wafika eKhana laseGalile, lapho ayephendule khona amanzi aba yiwayini. + Kwakukhona isikhulu sasebukhosini esasigulelwa yindodana eKapernawume. 47 Lapho lo muntu ezwa ukuthi uJesu uphumile eJudiya waya eGalile, waya kuye wamcela ukuba ehle elaphe indodana yakhe, ngoba yayisizofa. 48 Kodwa uJesu wathi kuye: “Ngaphandle kokuba nina bantu nibone izibonakaliso nezimangaliso anisoze nakholwa.” + 49 Isikhulu sasebukhosini sathi kuye: “Nkosi, yehla ngaphambi kokuba umntanami afe.” 50 UJesu wathi kuso: “Hamba; indodana yakho iyaphila.” + Lo muntu wakukholelwa lokho uJesu akusho kuye, wahamba. 51 Kodwa lapho esesendleleni, izinceku zakhe zamhlangabeza zizomtshela ukuthi umfana wakhe uyaphila.* 52 Ngakho wazibuza ukuthi ube ngcono ngaliphi ihora. Zathi kuye: “Umkhuhlane umyeke izolo ngehora lesikhombisa.”* 53 Uyise wazi ukuthi yilelo hora kanye lapho uJesu asho ngalo kuye ukuthi: “Indodana yakho iyaphila.” + Ngakho yena nomndeni wakhe wonke bakholwa. 54 Lesi kwakuyisibonakaliso sesibili + uJesu asenza lapho ephuma eJudiya eya eGalile.
5 Ngemva kwalokhu kwaba nomkhosi + wamaJuda, uJesu waya eJerusalema. 2 ESangweni Lezimvu + eliseJerusalema kukhona ichibi elibizwa ngokuthi i-Bhethesda ngesiHebheru, elinompheme onezinsika ezinhlanu. 3 Ngaphansi kwawo kwakulele uquqaba lwabagulayo, izimpumputhe, izinyonga, nalabo ababenamalunga omzimba akhubazekile.* 4 *—— 5 Kodwa kwakukhona umuntu owayesegule iminyaka engu-38. 6 Ebona lo muntu elele lapho futhi eqaphela ukuthi wayesegule isikhathi eside, uJesu wathi kuye: “Uyafuna yini ukwelapheka?” + 7 Lo muntu ogulayo wamphendula wathi: “Mnumzane, anginaye umuntu ozongifaka echibini lapho amanzi enyakaziswa, ngithi lapho ngiseza kwehle omunye ngaphambi kwami.” 8 UJesu wathi kuye: “Sukuma! Thatha uhlaka lwakho uhambe.” + 9 Ngokushesha lo muntu welulama, wathatha uhlaka lwakhe wahamba.
KwakuyiSabatha ngalolo suku. 10 Ngakho amaJuda athi kulo muntu owelashiwe: “YiSabatha, akukho ngokomthetho ukuba uthwale uhlaka.” + 11 Kodwa wawaphendula wathi: “Lowo ongelaphile uthe kimi, ‘Thatha uhlaka lwakho uhambe.’ ” 12 Ambuza: “Ubani lowo muntu othe kuwe, ‘Luthathe uhambe’?” 13 Kodwa lo muntu owayelashiwe wayengazi ukuthi ungubani, ngoba uJesu wayengene esixukwini esasilapho.
14 Ngemva kwalokhu uJesu wamthola ethempelini wathi kuye: “Bheka, usungumqemane. Ungabe usona, ukuze ungehlelwa okubi nakakhulu.” 15 Lo muntu wahamba watshela amaJuda ukuthi nguJesu omelaphile. 16 Ngenxa yalokhu amaJuda aqala ukumshushisa uJesu, ngoba wayenza lezi zinto ngeSabatha. 17 Kodwa wawaphendula: “UBaba ulokhu esebenza kuze kube manje, nami ngiyasebenza.” + 18 Ngenxa yalokhu, amaJuda afuna nakakhulu ukumbulala, ngoba wayengaphuli iSabatha nje kuphela kodwa futhi wayebiza uNkulunkulu ngoYise, + ezenza olingana noNkulunkulu. +
19 Ngakho-ke, uJesu wawaphendula wathi: “Ngiqinisile impela ngithi kini, iNdodana ayikwazi ukwenza nento eyodwa ngokwayo, kodwa yenza kuphela lokho ebona uYise ekwenza. + Ngoba noma yiziphi izinto azenzayo Yena, neNdodana izenza ngendlela efanayo. 20 Ngoba uBaba uyayithanda iNdodana + uyibonisa zonke izinto azenzayo, futhi uzoyibonisa imisebenzi emikhulu kunale, ukuze nimangale. + 21 Ngoba njengoba nje uBaba evusa abafile futhi ebaphilisa, + kanjalo neNdodana iyabaphilisa labo efuna ukubaphilisa. + 22 Ngoba uBaba akahluleli muntu nhlobo, kodwa ukuphathise iNdodana konke ukwahlulela, + 23 ukuze bonke badumise iNdodana njengoba nje bedumisa uYise. Noma ubani ongayidumisi iNdodana akamdumisi noYise oyithumile. + 24 Ngiqinisile impela ngithi kini, noma ubani ozwa izwi lami akholwe yiLowo ongithumile, uyothola ukuphila okuphakade, + futhi ngeke ahlulelwe kodwa usedlulile ekufeni waya ekuphileni. +
25 “Ngiqinisile impela ngithi kini, ihora liyeza, futhi sekuyilo manje, lapho abafile bezolizwa khona izwi leNdodana kaNkulunkulu, labo abaye balalela bazophila. 26 Ngoba njengoba nje uBaba enokuphila* kuye ngokwakhe, + kanjalo unike neNdodana ukuba nayo ibe nokuphila kuyo ngokwayo. + 27 Uyinike negunya lokuba yahlulele, + ngoba iyiNdodana yomuntu. + 28 Ningamangali ngalokhu, ngoba ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni* beyolizwa izwi layo + 29 baphume, ababenza okuhle baphumele ovukweni lokuphila, ababenza okubi ovukweni lokwahlulelwa. + 30 Mina angikwazi ukwenza ngisho nento eyodwa ngokusuka kimi. Ngahlulela ngalokho engikuzwayo, futhi isahlulelo sami silungile, + ngoba angifisi ukwenza intando yami, kodwa intando yalowo ongithumile. +
31 “Uma kuyimi ngedwa ozifakazelayo, ubufakazi bami abulona iqiniso. + 32 Ukhona omunye ofakazayo ngami, futhi ngiyazi ukuthi ubufakazi abunikezayo ngami buyiqiniso. + 33 Nithumele abantu kuJohane, futhi uye wafakazela iqiniso. + 34 Nokho angibamukeli ubufakazi obuvela kumuntu, kodwa ngikhuluma lezi zinto ukuze nisindiswe. 35 Leyo ndoda yayiyisibani esivuthayo nesikhanyayo, futhi nani okwesikhashana nanizimisele ukujabula ekukhanyeni kwayo. + 36 Kodwa mina nginobufakazi obukhulu kunobukaJohane, ngoba yona kanye imisebenzi uBaba angabele ukuba ngiyifeze, yona le misebenzi engiyenzayo, iyafakaza ukuthi ngithunywe nguBaba. + 37 UBaba ongithumile naye uye wafakaza ngami. + Anikaze nilizwe izwi lakhe nganoma isiphi isikhathi futhi anikaze niwubone umzimba wakhe, + 38 futhi izwi lakhe alihlezi kini, ngoba yena kanye lowo amthumile animkholwa.
39 “Nihlola imiBhalo, + ngoba nicabanga ukuthi niyoba nokuphila okuphakade ngayo; yiyo kanye le* efakaza ngami. + 40 Kodwa nokho anifuni ukuza kimi + ukuze nithole ukuphila. 41 Angamukeli inkazimulo kubantu, 42 kodwa ngazi kahle ukuthi aninalo uthando lukaNkulunkulu. 43 Ngize ngegama likaBaba, kodwa aningamukeli. Ukube bekufike omunye umuntu ngegama lakhe siqu, yena beniyomamukela. 44 Ningakholwa kanjani nibe namukela inkazimulo komunye nomunye futhi ningayifuni inkazimulo evela kuNkulunkulu okuwukuphela kwakhe? + 45 Ningacabangi ukuthi ngizonimangalela kuBaba; ukhona onimangalelayo, uMose, + lowo enithembele kuye. 46 Eqinisweni, ukube namkholwa uMose beniyongikholwa nami, ngoba yena waloba ngami. + 47 Kodwa uma imibhalo yakhe ningayikholwa, niyokukholwa kanjani lokho engikushoyo?”
6 Ngemva kwalokhu uJesu waya ngaphesheya koLwandle LwaseGalile, olubizwa nangokuthi oLwaseThibheriya. + 2 Isixuku esikhulu sasilokhu simlandela, + ngoba sasibona izibonakaliso ayezenza lapho elapha abagulayo. + 3 Ngakho uJesu wakhuphukela entabeni, wahlala lapho nabafundi bakhe. 4 IPhasika, + umkhosi wamaJuda, laliseduze. 5 Lapho uJesu ephakamisa amehlo futhi ebona ukuthi isixuku esikhulu siza kuye, wathi kuFiliphu: “Sizozithengaphi izinkwa ukuze la bantu badle?” + 6 Nokho, wayesho lokhu ukuze amvivinye, ngoba wayekwazi ayesezokwenza. 7 UFiliphu wamphendula: “Izinkwa zodenariyu* abangamakhulu amabili azanele ukuba ngamunye athole ngisho okuncane.” 8 Omunye wabafundi bakhe, u-Andreya umfowabo kaSimoni Petru, wathi kuye: 9 “Nangu umfanyana onezinkwa zebhali ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili ezincane. Kodwa kuyini lokhu kubantu abaningi kangaka?” +
10 UJesu wathi: “Celani abantu ukuba bahlale phansi.” Njengoba kwakunotshani obuningi kuleyo ndawo, amadoda ahlala phansi, cishe ayengu-5 000. + 11 UJesu wathatha izinkwa, futhi ngemva kokubonga, wabela labo ababehlezi lapho; wenza okufanayo nangezinhlanzi ezincane, badla basutha. 12 Kodwa lapho sebesuthi, wathi kubafundi bakhe: “Buthani izingcezwana ezisele, ukuze kungachithwa lutho.” 13 Ngakho bazibutha bagcwalisa obhasikidi abangu-12 ngezingcezwana zezinkwa ezinhlanu zebhali, ezashiywa yilabo ababedlile.
14 Lapho abantu bebona izibonakaliso ayezenza, bathi: “Ngempela lo ungumProfethi owayezofika ezweni.” + 15 Ngakho, uJesu azi ukuthi base bezokuza bambambe ukuze bamenze inkosi, waphinde wasuka + waya entabeni eyedwa. +
16 Lapho kuhwalala, abafundi bakhe behlela olwandle, + 17 bagibela isikebhe, basuka badabula ulwandle balibangisa eKapernawume. Ngalesi sikhathi kwase kumnyama futhi uJesu wayengakafiki kubo. + 18 Ulwandle lwaqala ukugubha ngamandla ngoba kwakuvunguza umoya onamandla. + 19 Nokho, lapho sebegwedle cishe amakhilomitha ayisihlanu noma ayisithupha,* babona uJesu ehamba phezu kolwandle esondela esikebheni, besaba. 20 Kodwa wathi kubo: “Yimina; ningesabi!” + 21 Ngakho bavuma ukumngenisa esikebheni, ngokushesha isikebhe safika ezweni ababeya kulo. +
22 Ngosuku olulandelayo isixuku esasisele ngaphesheya kolwandle sabona ukuthi kwakungekho sikebhe lapho. Kwakukade kunesincane, kodwa uJesu wayengangenanga kuleso sikebhe kanye nabafundi bakhe, ngoba abafundi bakhe babehambe bodwa. 23 Nokho kwafika izikebhe ezivela eThibheriya eduze kwendawo lapho babedle khona isinkwa ngemva kokuba iNkosi ibongile. 24 Ngakho lapho isixuku sibona ukuthi uJesu nabafundi bakhe babengekho lapho, sagibela izikebhe zaso safika eKapernawume sifuna uJesu.
25 Lapho simthola ngaphesheya kolwandle sathi kuye: “Rabi, + ufike nini lapha?” 26 UJesu wasiphendula wathi: “Ngiqinisile impela ngithi kini, aningifuni ngoba nibone izibonakaliso kodwa ngoba nidle izinkwa nasutha. + 27 Ningasebenzeli ukudla okonakalayo, kodwa sebenzelani ukudla okungonakali okunikeza ukuphila okuphakade, + iNdodana yomuntu ezoninika kona; ngoba uBaba, uNkulunkulu uqobo, ubeke phezu kwayo uphawu lwakhe lokuyamukela.” +
28 Ngakho sathi kuye: “Yini okumele siyenze ukuze senze imisebenzi kaNkulunkulu?” 29 Ephendula uJesu wathi kuso: “Yilo umsebenzi kaNkulunkulu, ukuba nibonise ukholo kulowo amthumile.” + 30 Sathi kuye: “Yisiphi isibonakaliso osenzayo, + ukuze sisibone futhi sikukholwe? Yimuphi umsebenzi owenzayo? 31 Okhokho bethu badla imana ehlane, + njengoba nje kulotshiwe: ‘Wabanika isinkwa esivela ezulwini ukuba badle.’ ” + 32 UJesu wabe esethi kuso: “Ngiqinisile impela ngithi kini, uMose akaninikanga isinkwa esivela ezulwini, kodwa uBaba uninika isinkwa seqiniso esivela ezulwini. 33 Ngoba isinkwa sikaNkulunkulu siyilowo owehla ezulwini futhi onika izwe ukuphila.” 34 Ngakho sathi kuye: “Nkosi, sinike lesi sinkwa ngaso sonke isikhathi.”
35 UJesu wathi kuso: “Mina ngiyisinkwa sokuphila. Noma ubani oza kimi ngeke alambe, nanoma ubani obonisa ukholo kimi akasoze oma. + 36 Kodwa njengoba ngishilo kini, ningibonile nokungibona nokho anikholwa. + 37 Bonke uBaba anginika bona bayoza kimi, futhi angisoze ngamxosha lowo oza kimi; + 38 ngoba angehlanga ezulwini + ukuba ngizokwenza intando yami kodwa intando yalowo ongithumile. + 39 Yile intando yalowo ongithumile, ukuba ngingalahlekelwa muntu kubo bonke labo anginike bona, kodwa ukuba ngibavuse + ngosuku lokugcina. 40 Ngoba yile intando kaBaba, ukuba wonke umuntu owamukela iNdodana futhi abonise ukholo kuyo athole ukuphila okuphakade, + futhi ngizomvusa + ngosuku lokugcina.”
41 AmaJuda akhononda ngaye ngoba ethe: “Mina ngiyisinkwa esehle ezulwini.” + 42 Athi: “Lo akuyena yini uJesu indodana kaJosefa, esibaziyo oyise nonina? + Usho kanjani manje ukuthi, ‘Ngehle ezulwini’?” 43 UJesu waphendula wathi kuwo: “Yekani ukukhononda phakathi kwenu. 44 Akekho umuntu ongeza kimi ngaphandle kokuba uBaba ongithumile emdonsa, + futhi mina ngizomvusa ngosuku lokugcina. + 45 Kulotshiwe kubaProfethi ukuthi: ‘Bonke bayofundiswa uJehova.’ *+ Wonke umuntu omlalelile uBaba futhi wafunda, uyeza kimi. 46 Akekho umuntu oye wabona uBaba, + ngaphandle kwalowo ovela kuNkulunkulu; lona umbonile uBaba. + 47 Ngiqinisile impela ngithi kini, noma ubani okholwayo uyothola ukuphila okuphakade. +
48 “Mina ngiyisinkwa sokuphila. + 49 Okhokho benu badla imana ehlane, noma kunjalo bafa. + 50 Yilesi isinkwa esehla ezulwini, ukuze sidliwe yinoma ubani, angafi. 51 Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehle ezulwini. Uma umuntu esidla lesi sinkwa uyophila kuze kube phakade; futhi ngempela isinkwa engizosinikela ngenxa yokuphila kwezwe siyinyama yami.” +
52 Ngenxa yalokho amaJuda aqala ukuphikisana, ethi: “Lo muntu angasinika kanjani inyama yakhe ukuba siyidle?” 53 UJesu wathi kuwo: “Ngiqinisile impela ngithi kini, ngaphandle kokuba nidle inyama yeNdodana yomuntu niphuze negazi layo, ngeke nikuthole ukuphila. *+ 54 Noma ubani odla inyama yami, aphuze negazi lami uyothola ukuphila okuphakade, mina ngiyomvusa + ngosuku lokugcina; 55 ngoba inyama yami iwukudla kwangempela, negazi lami liyisiphuzo sangempela. 56 Noma ubani odla inyama yami aphuze negazi lami, uhlala emunye nami, nami ngimunye naye. + 57 Njengoba nje uBaba ophilayo angithuma futhi ngiphila ngenxa kaBaba, kanjalo nalowo ongidlayo uyophila ngenxa yami. + 58 Yilesi isinkwa esehle ezulwini. Akunjengesikhathi lapho okhokho benu babedla noma kunjalo bafa. Noma ubani odla lesi sinkwa uyophila kuze kube phakade.” + 59 Lezi zinto wazisho njengoba ayefundisa esinagogeni* eKapernawume.
60 Lapho bezwa lokhu, abaningi kubafundi bakhe, bathi: “Le nkulumo iyashaqisa; ubani ongayilalela?” 61 Kodwa uJesu, azi ukuthi abafundi bakhe babekhononda ngalokhu, wathi kubo: “Kuyanikhuba yini lokhu? 62 Manje kuyothiwani uma ningabona iNdodana yomuntu inyukela lapho yayikhona ngaphambili? + 63 Ngumoya onikeza ukuphila; + inyama ayisizi ngalutho. Amazwi engiwakhulume kini angumoya futhi awukuphila. + 64 Kodwa bakhona abanye kini abangakholwa.” Ngoba uJesu wayazi kusukela ekuqaleni ukuthi obani ababengakholwa nokuthi ubani owayezomkhaphela. + 65 Waqhubeka wathi: “Kungakho ngithe kini, akekho ongeza kimi ngaphandle kokuba evunyelwe uBaba.” +
66 Ngenxa yalokhu, abaningi kubafundi bakhe bahamba baya ezintweni ababezishiye emuva + futhi ababange besahamba naye. 67 Ngakho uJesu wathi kwabayiShumi Nambili:* “Nifuna ukuhamba yini nani?” 68 USimoni Petru wamphendula wathi: “Nkosi, ubani esizoya kuye? + Nguwe onamazwi okuphila okuphakade. + 69 Siye sakholwa futhi sesiyazi ukuthi ungoNgcwele kaNkulunkulu.” + 70 UJesu wabaphendula wathi: “Nganikhetha mina nina eniyishumi nambili, akunjalo? + Nokho omunye kini ungumnyundeli.” *+ 71 Eqinisweni wayekhuluma ngoJuda indodana kaSimoni Iskariyothe, ngoba lona wayezomkhaphela, nakuba ayengomunye wabayiShumi Nambili. *+
7 Ngemva kwalokhu uJesu waqhubeka ejikeleza* eGalile, ngoba wayengafuni ukuya eJudiya, ngoba amaJuda ayefuna ukumbulala. + 2 Nokho, uMkhosi wamaJuda wamaTabernakele *+ wawususeduze. 3 Ngakho abafowabo + bathi kuye: “Suka lapha uye eJudiya, ukuze abafundi bakho nabo babone imisebenzi oyenzayo. 4 Ngoba akekho owenza noma yini ekusithekeni kuyilapho efuna ukwaziwa obala. Uma wenza lezi zinto, ziveze ezweni.” 5 Eqinisweni, abafowabo babengenalo ukholo kuye. + 6 Ngakho uJesu wathi kubo: “Isikhathi sami asikafiki, + kodwa esenu isikhathi sihlale sikhona. 7 Izwe alinaso isizathu sokunizonda, kodwa mina liyangizonda, ngoba ngifakaza ngalo ukuthi imisebenzi yalo mibi. + 8 Hambani nina niye emkhosini; mina angiyi kulo mkhosi njengamanje, ngoba isikhathi sami asikafiki ngokugcwele.” + 9 Ngemva kokubatshela lezi zinto, wahlala eGalile.
10 Kodwa lapho abafowabo sebehambile baya emkhosini, naye wahamba, hhayi obala kodwa kungazi muntu. 11 Ngakho amaJuda amfuna emkhosini ethi: “Uphi lowaya muntu?” 12 Kwakunokuvungama okuningi ngaye phakathi kwezixuku. Abanye babethi: “Ungumuntu omuhle.” Abanye bethi: “Akayena. Udukisa isixuku.” + 13 Yebo, akekho owayekhuluma ngaye obala ngenxa yokwesaba amaJuda. +
14 Lapho umkhosi usuzophela, uJesu waya ethempelini wafundisa. 15 AmaJuda amangala, ethi: “Kwenzeka kanjani ukuba lo muntu abe nolwazi lwemiBhalo, + ebe engafundile?” *+ 16 UJesu wabaphendula wathi: “Lokho engikufundisayo akukhona okwami, kodwa kungokwalowo ongithumile. + 17 Uma umuntu efisa ukwenza intando yaKhe, uyokwazi ukuthi le mfundiso ivela kuNkulunkulu yini + noma ngikhuluma okuvela kimi siqu. 18 Noma ubani okhuluma okwakhe ufuna inkazimulo yakhe siqu; kodwa noma ubani ofuna inkazimulo yalowo omthumile, + lona uqinisile futhi akukho ukungalungi kuye. 19 UMose waninika uMthetho, + akunjalo? Kodwa akekho noyedwa kini owulalelayo uMthetho. Kungani nifuna ukungibulala?” + 20 Isixuku saphendula: “Unedemoni wena. Ubani ofuna ukukubulala?” 21 Ephendula uJesu wathi kuso: “Sinye isenzo engisenzile, futhi nonke nimangele. 22 Ngenxa yalesi sizathu, uMose uye waninika umthetho omayelana nokusoka +—kungekhona ukuthi uvela kuMose, kodwa uvela kokhokho +—futhi niyamsoka umuntu ngesabatha. 23 Uma umuntu esokwa ngesabatha ukuze uMthetho KaMose ungaphulwa, ingabe nithukuthele ngoba ngiye ngaphilisa umuntu ngokuphelele ngesabatha? + 24 Yekani ukwahlulela ngokubukeka kwangaphandle, kodwa yahlulelani ngokwahlulela okulungile.” +
25 Abanye kwabahlala eJerusalema bathi: “Nguye lo muntu abafuna ukumbulala, akunjalo? + 26 Nokho, bhekani! ukhuluma obala, futhi abasho lutho kuye. Ababusi sebeyaqiniseka yini ukuthi lo unguKristu? 27 Nokho siyazi ukuthi lo muntu uvelaphi; + kodwa lapho uKristu efika, akekho oyokwazi ukuthi uvelaphi.” 28 UJesu wabe esememeza njengoba efundisa ethempelini wathi: “Niyangazi mina futhi niyazi ukuthi ngivelaphi. Angizizelanga ngokwami, + kodwa Lowo ongithumile ungokoqobo, kodwa animazi nina. + 29 Mina ngiyamazi, + ngoba ngingummeleli ovela kuye, Yena ungithumile.” 30 Ngakho bafuna ukumbamba, + kodwa akekho owambeka isandla, ngoba ihora lakhe lalingakafiki. + 31 Noma kunjalo, abaningi kuleso sixuku baba nokholo kuye, + futhi babethi: “Lapho uKristu efika, ngeke enze izibonakaliso ezingaphezu kwalezi ezenziwe yilo muntu, akunjalo?”
32 AbaFarisi basizwa isixuku sivungama sisho lezi zinto ngaye, futhi abapristi abakhulu nabaFarisi bathumela onogada ukuba bayombamba.* 33 UJesu wabe esethi: “Ngizoba nani isikhashana ngaphambi kokuba ngihambe ngiye kuLowo ongithumile. + 34 Nizongifuna kodwa ngeke ningithole, futhi lapho ngikhona anikwazi ukuza.” + 35 AmaJuda akhuluma wodwa athi: “Lo muntu uhlose ukuyaphi, ukuze singamtholi? Akahlosile ukuya kumaJuda ahlakazekile phakathi kwamaGreki, afundise amaGreki, akunjalo? 36 Usho ukuthini uma ethi, ‘Nizongifuna, kodwa ngeke ningithole, futhi lapho ngikhona anikwazi ukuza’?”
37 Ngosuku lokugcina, usuku olukhulu lomkhosi, + uJesu wama futhi wamemeza, wathi: “Uma ekhona owomile, makeze kimi aphuze. + 38 Noma ubani okholwa yimi, njengoba nje umbhalo ushilo: ‘Kuyogeleza imifudlana yamanzi aphilayo iphuma ngaphakathi kuye.’ ” + 39 Nokho, lokhu wakusho ngokuphathelene nomoya, lowo labo abakholwa nguye abase bezowamukela; ngoba kuze kube yileso sikhathi wawungekho umoya, + ngoba uJesu wayengakakhazinyuliswa. + 40 Abanye kuleso sixuku abezwa la mazwi bathi: “Ngempela lona ungumProfethi.” + 41 Abanye babethi: “Lo nguKristu.” + Kodwa abanye bethi: “UKristu akaveli eGalile, akunjalo? + 42 ImiBhalo ayisho yini ukuthi uKristu uvela enzalweni kaDavide + naseBhetlehema, + indawo uDavide ayehlala kuyo?” + 43 Ngakho isixuku sahlukana phakathi ngaye. 44 Nokho, abanye kuso babefuna ukumbamba,* kodwa akekho owabeka izandla zakhe kuye.
45 Onogada baphindela emuva kubapristi abakhulu nabaFarisi, bona bathi kubo: “Kungani ningezanga naye?” 46 Onogada baphendula bathi: “Akekho omunye umuntu owake wakhuluma kanje.” + 47 AbaFarisi bathi: “Ingabe nani senidukisiwe? 48 Akekho noyedwa kubabusi noma kubaFarisi oye wakholwa nguye, akunjalo? + 49 Kodwa lesi sixuku esingawazi uMthetho singabantu abaqalekisiwe.” 50 UNikhodemu, owayeye kuye ngaphambili futhi owayengomunye wabo, wathi kubo: 51 “UMthetho wakithi awumahluleli umuntu ngaphandle kokuba uqale ngokumuzwa futhi uthole ukuthi wenzeni, akunjalo?” + 52 Baphendula bathi kuye: “Uphuma eGalile yini nawe? Hlola ubone ukuthi akukho mprofethi oyovela eGalile.”*
8 12 UJesu waphinda futhi wakhuluma nabo, ethi: “Mina ngiwukukhanya kwezwe. + Noma ubani ongilandelayo akasoze ahamba ebumnyameni, kodwa uyoba nokukhanya + kokuphila.” 13 Ngakho abaFarisi bathi kuye: “Uzifakazela wena; ubufakazi bakho abulona iqiniso.” 14 UJesu ephendula wathi kubo: “Ngisho noma ngizifakazela mina, ubufakazi bami buyiqiniso, ngoba ngiyazi ukuthi ngivelaphi nokuthi ngiyaphi. + Kodwa nina anazi ukuthi ngivelaphi nokuthi ngiyaphi. 15 Nina nahlulela ngokwenyama; *+ mina angahluleli noyedwa umuntu. 16 Kodwa ngisho noma ngahlulela, ukwahlulela kwami kuneqiniso, ngoba angingedwa, kodwa uBaba ongithumile unami. + 17 NaseMthethweni wenu kulotshiwe ukuthi: ‘Ubufakazi babantu ababili buyiqiniso.’ + 18 Mina ngiyazifakazela, noBaba ongithumile uyangifakazela.” + 19 Babe sebethi kuye: “Uphi uYihlo?” UJesu waphendula: “Aningazi mina noma uBaba. + Ukube beningazi mina, beniyomazi noBaba.” + 20 La mazwi wawasho endaweni yengcebo + njengoba ayefundisa ethempelini. Kodwa akekho owambamba, ngoba ihora lakhe lalingakafiki. +
21 Ngakho waphinda wathi kubo: “Ngiyahamba, futhi nizongifuna, kodwa nina niyofela esonweni senu. + Lapho ngiya khona anikwazi ukuza.” + 22 AmaJuda athi: “Ingabe uzozibulala? Ngoba uthi, ‘Lapho ngiya khona anikwazi ukuza.’ ” 23 Waqhubeka wathi kuwo: “Nina nivela ezindaweni ezingaphansi; mina ngivela ezindaweni ezingaphezulu. + Nina nivela kuleli zwe; mina angiveli kuleli zwe. 24 Yingakho ngithe kini: Niyofela ezonweni zenu. Ngoba uma ningakholwa ukuthi mina nginguye, niyofela ezonweni zenu.” 25 Ngakho athi kuye: “Ungubani?” UJesu wathi kuwo: “Ngikhulumelani ngisho nokukhuluma nje nani? 26 Nginezinto eziningi okumele ngizikhulume ngani nokumele ngikhiphe isahlulelo ngazo. Eqinisweni, Lowo ongithumile uqinisile, futhi zona kanye izinto engazizwa kuye ngiyazikhuluma ezweni.” + 27 Abazange baqonde ukuthi wayekhuluma kubo ngoYise. 28 UJesu wathi: “Ngemva kokuba seniyiphakamisile iNdodana yomuntu, + niyokwazi ukuthi nginguye + nokuthi angenzi lutho ngokwami; + kodwa lezi zinto ngizikhuluma njengoba nje uBaba angifundisa. 29 Lowo ongithumile unami; akangishiyanga ngedwa, ngoba ngaso sonke isikhathi ngenza izinto ezimjabulisayo.” + 30 Njengoba ayesho lezi zinto, abaningi baba nokholo kuye.
31 UJesu wabe esethi kumaJuda ayemkholelwe: “Uma nihlala ezwini lami, ningabafundi bami ngempela, 32 niyolazi iqiniso, + futhi iqiniso liyonikhulula.” + 33 Amphendula athi: “Thina siyinzalo ka-Abrahama futhi asikaze sibe izigqila zamuntu. Usho kanjani ukuthi, ‘Niyokhululeka’?” 34 UJesu wawaphendula wathi: “Ngiqinisile impela ngithi kini, wonke umuntu owenza isono uyisigqila sesono. + 35 Ngaphezu kwalokho, isigqila asihlali emzini wenkosi yaso kuze kube phakade; indodana ihlala kuze kube phakade. 36 Ngakho uma iNdodana inikhulula, niyokhululeka ngempela. 37 Ngiyazi ukuthi niyinzalo ka-Abrahama. Kodwa nifuna ukungibulala, ngoba izwi lami aliyitholi indawo phakathi kwenu. 38 Ngikhuluma izinto engizibone ngesikhathi nginoBaba, + kodwa nina nenza izinto enizizwe kuyihlo.” 39 Ephendula athi kuye: “Ubaba wethu ngu-Abrahama.” UJesu wathi kuwo: “Ukube beningabantwana baka-Abrahama, + beniyokwenza imisebenzi ka-Abrahama. 40 Kodwa manje nifuna ukungibulala, mina muntu onitshele iqiniso engilizwe kuNkulunkulu. + U-Abrahama akazange akwenze lokhu. 41 Nina nenza imisebenzi kayihlo.” Athi kuye: “Thina asizalwanga ngobufebe;* sinoBaba munye, uNkulunkulu.”
42 UJesu wathi kuwo: “Ukube uNkulunkulu ubenguYihlo, beniyongithanda, + ngoba ngilapha nje ngivela kuNkulunkulu. Angizizelanga ngokwami, kodwa ngathunywa nguYe. + 43 Kungani ningakuqondi lokhu engikushoyo? Ngoba anikwazi ukulalela izwi lami. 44 Nina nivela kuyihlo uDeveli, nifisa ukwenza izifiso zikayihlo. + Yena wayengumbulali kusukela ekuqaleni, *+ akazange abambelele eqinisweni, ngoba iqiniso alikho kuye. Lapho ekhuluma amanga, ukhuluma ngokuvumelana nalokho ayikho, ngoba ungumqambimanga noyise wamanga. + 45 Ngakolunye uhlangothi, ngenxa yokuthi mina ngikhuluma iqiniso, aningikholwa. 46 Ubani kini ongilahla ngokuthi ngenze isono? Uma ngikhuluma iqiniso, kungani ningangikholwa? 47 Ovela kuNkulunkulu uyawalalela amazwi kaNkulunkulu. + Yingakho nina ningalaleli, ngoba aniveli kuNkulunkulu.” +
48 AmaJuda ephendula athi kuye: “Asisho yini kufanele ukuthi, ‘Wena ungumSamariya + nokuthi unedemoni’?” + 49 UJesu waphendula: “Anginalo idemoni mina, kodwa ngidumisa uBaba, nokho nina niyangihlaza. 50 Kodwa angizifuneli mina inkazimulo; + ukhona Lowo ofuna ngikhazinyuliswe nowahlulelayo. 51 Ngiqinisile impela ngithi kini, uma umuntu egcina izwi lami, akasoze akubona ukufa.” + 52 AmaJuda athi kuye: “Manje sesiyazi ukuthi unedemoni. U-Abrahama wafa, ngokufanayo nabaprofethi, kodwa wena uthi, ‘Uma umuntu egcina izwi lami, akasoze akunambitha ukufa.’ 53 Awumkhulu wena kunobaba wethu u-Abrahama, owafa, akunjalo? Abaprofethi nabo bafa. Wena uthi ungubani?” 54 UJesu waphendula: “Uma ngizikhazimulisa mina, inkazimulo yami iyize. NguBaba ongikhazimulisayo, + lowo nina enithi unguNkulunkulu wenu. 55 Nokho anizange nimazi, + kodwa mina ngiyamazi. + Uma ngingathi angimazi, ngiyobe ngingumqambimanga njengani. Kodwa ngiyamazi futhi ngigcina izwi lakhe. 56 U-Abrahama uyihlo wajabula kakhulu ngethemba lokubona usuku lwami, futhi walubona wajabula.” + 57 AmaJuda athi kuye: “Awukabi naneminyaka engu-50, kodwa usumbonile u-Abrahama?” 58 UJesu wathi kuwo: “Ngiqinisile impela ngithi kini, ngaphambi kokuba u-Abrahama abe khona, ngase ngikhona.” + 59 Ngakho athatha amatshe ukuze amjikijele ngawo, kodwa uJesu wacasha futhi waphuma ethempelini.
9 Njengoba ayedlula wabona umuntu owazalwa eyimpumputhe. 2 Abafundi bakhe bambuza: “Rabi, + ubani owona, yilo muntu noma ngabazali bakhe, aze azalwe eyimpumputhe?” 3 UJesu waphendula: “Akonanga lo muntu noma abazali bakhe, kodwa kwenzeka ukuze imisebenzi kaNkulunkulu ibonakaliswe ngaye. + 4 Kumele senze imisebenzi yaLowo ongithumile kusesemini; + buyeza ubusuku lapho kungekho muntu ongasebenza khona. 5 Uma nje ngisesezweni, ngiwukukhanya kwezwe.” + 6 Ngemva kokuba esho lezi zinto, wakhafulela emhlabathini wenza udaka ngamathe, walunameka emehlweni alo muntu + 7 wathi kuye: “Hamba uyogeza echibini laseSilowama” (okuhunyushwa ngokuthi “oThunyiwe”). Wahamba wayogeza, wabuya esebona. +
8 Omakhelwane nalabo ababevame ukumbona eyisinxibi* bathi: “Yilo muntu obevame ukuhlala acele, akunjalo?” 9 Abanye babethi: “Nguye.” Abanye bethi: “Lutho neze, ufana naye.” Lo muntu yena wayelokhu ethi: “Nginguye.” 10 Ngakho bambuza bathi: “Pho-ke, amehlo akho avuleke kanjani?” 11 Waphendula: “Lo muntu okuthiwa nguJesu wenze udaka walugcoba emehlweni ami wathi kimi, ‘Hamba uyogeza eSilowama.’ + Ngakho ngihambile, ngageza, ngabona.” 12 Bathi kuye: “Uphi lowo muntu?” Wathi: “Angazi.”
13 Bamhola lo muntu obekade eyimpumputhe bamyisa kubaFarisi. 14 Kwaqondana nokuthi kwakuwusuku lweSabatha + mhla uJesu enza udaka futhi evula amehlo akhe. + 15 Manje nabaFarisi babe sebembuza lo muntu ukuthi kwenzeke kanjani ukuba abone. Wathi kubo: “Unameke udaka emehlweni ami, ngageza, ngakho ngiyabona.” 16 Abanye kubaFarisi babe sebethi: “Lo muntu akaveli kuNkulunkulu, ngoba akaligcini iSabatha.” + Abanye bathi: “Umuntu oyisoni angazenza kanjani izibonakaliso zalolu hlobo?” + Ngakho bahlukana phakathi. + 17 Baphinde bathi kule mpumputhe: “Wena-ke uthini ngaye, njengoba evule amehlo akho?” Lo muntu wathi: “Ungumprofethi.”
18 Nokho amaJuda awazange akholwe ukuthi ubeyimpumputhe nokuthi wayesebona, aze abiza abazali balo muntu owayesebona. 19 Ababuza: “Ingabe lona uyindodana yenu enithi yazalwa iyimpumputhe? Kwenzeka kanjani ukuba ibone manje?” 20 Abazali bakhe baphendula bathi: “Siyazi ukuthi lo uyindodana yethu nokuthi wazalwa eyimpumputhe. 21 Kodwa ukuthi kwenzeke kanjani ukuba abone manje, asazi; noma ukuthi ubani ovule amehlo akhe, asazi. Buzani yena. Usekhulile. Kumele azikhulumele.” 22 Abazali bakhe basho lezi zinto ngoba besaba amaJuda, + ngoba amaJuda ayesevumelene ngokuthi uma noma ubani evuma ukuthi unguKristu, lowo muntu kufanele axoshwe esinagogeni. + 23 Kungakho abazali bakhe bathi: “Usekhulile. Buzani yena.”
24 Ngakho-ke ambiza okwesibili lo muntu obekade eyimpumputhe athi kuye: “Khazimulisa uNkulunkulu; thina siyazi ukuthi lo muntu uyisoni.” 25 Yena waphendula: “Ukuthi uyisoni yini, mina angazi. Yinye into engiyaziyo, ukuthi bengiyimpumputhe, kodwa manje sengiyabona.” 26 Abe esethi kuye: “Wenzeni kuwe? Uwavule kanjani amehlo akho?” 27 Wawaphendula: “Senginitshelile, kodwa anilalelanga. Kungani nifuna ukuphinde nizwe futhi? Anifuni ukuba ngabafundi bakhe nani, akunjalo?” 28 Khona-ke athi kuye ngokwedelela: “Nguwe umfundi walowo muntu, thina singabafundi bakaMose. 29 Siyazi ukuthi uNkulunkulu wakhuluma noMose, kodwa asazi ukuthi lo muntu uvelaphi.” 30 Lo muntu wawaphendula wathi: “Ngempela kuyisimanga lokhu, ukuthi anazi ukuthi uvelaphi, kodwa ebe evule amehlo ami. 31 Siyazi ukuthi uNkulunkulu akazilaleli izoni, + kodwa uma umuntu emesaba uNkulunkulu futhi enza intando yakhe, uyamlalela lowo. + 32 Kusukela kudala akukaze kuzwakale ukuthi ukhona owavula amehlo omuntu owazalwa eyimpumputhe. 33 Ukube lo muntu ubengaveli kuNkulunkulu, ubengeke enze lutho nhlobo.” + 34 Ephendula athi kuye: “Wazalelwa esonweni ngokuphelele, kodwa uzofundisa thina?” Amxosha! +
35 UJesu wezwa ukuthi amxoshile, futhi lapho emthola, wathi: “Ingabe unalo ukholo eNdodaneni yomuntu?” 36 Lo muntu waphendula: “Ingubani, mnumzane, ukuze ngibe nokholo kuyo?” 37 UJesu wathi kuye: “Uyibonile, eqinisweni yiyo le ekhuluma nawe.” 38 Wathi: “Nginalo ukholo kuyo, Nkosi.” Wamkhothamela. 39 UJesu wabe esethi: “Ngeza kuleli zwe ngenxa yalesi sahlulelo, ukuze labo abangaboni babone + futhi labo ababonayo babe yizimpumputhe.” + 40 Abanye kubaFarisi ababenaye bazizwa lezi zinto, bathi kuye: “Usho ukuthi nathi siyizimpumputhe?” 41 UJesu wathi kubo: “Ukube beniyizimpumputhe, beningeke nibe nasono. Kodwa manje nithi, ‘Siyabona.’ Isono senu sihlezi kini.” +
10 “Ngiqinisile impela ngithi kini, ongangeni ngesango esibayeni sezimvu kodwa akhwele udonga, uyisela nomphangi. + 2 Kodwa ongena ngesango ungumalusi wezimvu. + 3 Umlindisango uyamvulela, + nezimvu ziyalilalela izwi lakhe. + Ubiza izimvu zakhe ngamagama aziholele ngaphandle. 4 Lapho esezikhiphe zonke ezakhe, uhamba phambi kwazo, nezimvu zimlandele, ngoba ziyalazi izwi lakhe. 5 Azisoze zasilandela isihambi kodwa ziyosibalekela, ngoba azilazi izwi lezihambi.” 6 UJesu wenza lokhu kuqhathanisa kubo, kodwa bona abazange bakuqonde lokho ayekusho kubo.
7 Ngakho uJesu waphinde wathi: “Ngiqinisile impela ngithi kini, mina ngiyisango lezimvu. + 8 Bonke abeze esikhundleni sami bangamasela nabaphangi; kodwa izimvu azibalalelanga. 9 Mina ngiyisango; noma ubani ongena ngami uyosindiswa, futhi uyongena aphinde aphume athole idlelo. + 10 Isela alizi ngaphandle kokuba lihlose ukweba nokubulala nokubhubhisa. + Mina ngizele ukuba zibe nokuphila futhi zibe nakho ngokuchichimayo. 11 Mina ngingumalusi omuhle; + umalusi omuhle unikela ukuphila kwakhe* ngenxa yezimvu. + 12 Umuntu oqashiwe, ongeyena umalusi wangempela futhi okungezona ezakhe izimvu, ubona impisi iza azishiye izimvu abaleke—impisi iyazihlwitha izihlakaze— 13 ngoba uqashiwe futhi akanandaba nezimvu. 14 Mina ngingumalusi omuhle. Ngiyazazi izimvu zami nezimvu zami ziyangazi, + 15 njengoba nje uBaba engazi nami ngiyamazi uBaba; + futhi nginikela ukuphila kwami* ngenxa yezimvu. +
16 “Nginezinye izimvu, ezingezona ezalesi sibaya; + nazo kumele ngizilethe, zilalele izwi lami, futhi ziyoba mhlambi munye, nomalusi munye. + 17 Yingakho uBaba engithanda, + ngoba nginikela ukuphila kwami *+ ukuze ngiphinde ngikwamukele. 18 Akekho okuthathayo kimi, kodwa ngikunikela ngokusuka kimi. Nginegunya lokukunikela, futhi nginegunya lokuphinde ngikwamukele. + Lo myalo ngawamukela kuBaba.”
19 Kwaphinde kwaba nokuhlukana phakathi kwamaJuda + ngenxa yala mazwi. 20 Amaningi ayethi: “Unedemoni futhi uyahlanya. Nimlalelelani?” 21 Amanye athi: “Lawa akuwona amazwi omuntu onedemoni. Idemoni alinakuwavula amehlo ezimpumputhe, akunjalo?”
22 Ngaleso sikhathi kwaba noMkhosi Wokunikezela eJerusalema. Kwakuyisikhathi sasebusika, 23 futhi uJesu wayehamba endaweni yethempeli ebizwa ngokuthi ‘uMpheme kaSolomoni.’ + 24 Ngakho amaJuda amzungeza athi kuye: “Kuyoze kube nini ulokhu usenza singaqiniseki? Uma unguKristu, sitshele ngokucacile.” 25 UJesu wawaphendula: “Nganitshela kodwa anikholwa. Imisebenzi engiyenzayo egameni likaBaba, yona iyafakaza ngami. + 26 Kodwa anikholwa ngoba anizona izimvu zami. + 27 Izimvu zami ziyalilalela izwi lami, nami ngiyazazi, futhi ziyangilandela. + 28 Ngizinika ukuphila okuphakade, + futhi azisoze zabhubha nanini, akukho muntu oyozihlwitha esandleni sami. + 29 Lokho uBaba anginike khona kukhulu kunazo zonke ezinye izinto, futhi akekho ongazihlwitha esandleni sikaBaba. + 30 Mina noBaba simunye.” *+
31 AmaJuda aphinda futhi athatha amatshe ukuze amshaye ngawo. 32 UJesu wathi kuwo: “Nginibonise imisebenzi eminingi emihle evela kuBaba. Yimuphi kuleyo misebenzi eningikhanda ngamatshe ngenxa yawo?” 33 AmaJuda amphendula athi: “Asikukhandi ngamatshe ngenxa yomsebenzi omuhle kodwa ngenxa yokuhlambalaza; + ngoba nakuba ungumuntu, uzenza unkulunkulu.” 34 UJesu wawaphendula wathi: “Akulotshiwe yini eMthethweni wenu ukuthi, ‘Ngathi: “Ningonkulunkulu” ’? *+ 35 Uma ababiza ngokuthi ‘onkulunkulu’ + labo okwafika izwi likaNkulunkulu lamelana nabo—futhi imibhalo ingenakwenziwa ize— 36 ingabe nisho kimi, lowo uBaba amngcwelisa futhi wamthumela ezweni, ukuthi, ‘Wena uyahlambalaza,’ ngoba ngithe, ‘ngiyiNdodana kaNkulunkulu’? + 37 Uma ngingenzi imisebenzi kaBaba, ningangikholwa. 38 Kodwa uma ngenza yona, ngisho noma ningangikholwa mina, kholwani yimisebenzi, + ukuze nazi futhi niqhubeke nazi ukuthi uBaba nami simunye, nami ngimunye noBaba.” + 39 Ngakho aphinde azama ukumbamba kodwa waphunyuka.
40 Waphinde wahamba waya ngaphesheya kweJordani endaweni uJohane ayebhapathizela kuyo ekuqaleni, + wahlala lapho. 41 Abantu abaningi beza kuye bathi: “UJohane akenzanga ngisho nesisodwa isibonakaliso, kodwa zonke izinto uJohane azisho ngalo muntu zaziyiqiniso.” + 42 Ngakho abaningi lapho baba nokholo kuye.
11 Manje umuntu othile okuthiwa uLazaru wayegula; wayengowaseBhethaniya, endaweni yakubo kaMariya noMarta + udadewabo. 2 Lona kwakunguMariya owagcoba iNkosi ngamafutha anamakha wasula nezinyawo zayo ngezinwele zakhe; + kwakungumfowabo uLazaru owayegula. 3 Ngakho odadewabo bathumela umyalezo kuye, bathi: “Nkosi, bheka! lowo omthandayo uyagula.” 4 Kodwa lapho uJesu ekuzwa lokhu wathi: “Injongo yalokhu kugula ayikhona ukufa, kodwa iwukuba kukhazinyuliswe uNkulunkulu, + ukuze iNdodana kaNkulunkulu ikhazinyuliswe ngakho.”
5 Manje uJesu wayemthanda uMarta nodadewabo noLazaru. 6 Nokho, lapho ezwa ukuthi uLazaru uyagula, waqhubeka ehleli endaweni ayekuyo ezinye izinsuku ezimbili. 7 Ngemva kwalokhu wathi kubafundi bakhe: “Masiphinde siye eJudiya.” 8 Abafundi bathi kuye: “Rabi, + muva nje abaseJudiya bebefuna ukukukhanda ngamatshe, + kodwa uya khona futhi?” 9 UJesu waphendula: “Imini inamahora angu-12, akunjalo? + Uma umuntu ehamba emini ayikho into emkhubayo, ngoba ubona ukukhanya kwaleli zwe. 10 Kodwa uma umuntu ehamba ebusuku, uyakhubeka, ngoba ukukhanya akukho kuye.”
11 Ngemva kokusho lezi zinto, wathi kubo: “ULazaru umngani wethu ulele, + kodwa ngiya khona ukuze ngimvuse.” 12 Abafundi bathi kuye: “Nkosi, uma elele, uzolulama.” 13 Nokho, uJesu wayekhuluma ngokufa kwakhe. Kodwa bona bacabanga ukuthi wayekhuluma ngokulala ngoba ephumule. 14 UJesu wabe esethi kubo ngokucacile: “ULazaru ufile, + 15 futhi ngiyajabula ngokuthi bengingekho, ngoba lokhu engizokwenza kuzoqinisa ukholo lwenu. Masiye kuye.” 16 Ngakho uTomase, owayebizwa ngokuthi iWele, wathi kwabanye abafundi: “Masihambe nathi, ukuze sife kanye naye.” +
17 Lapho uJesu efika, wathola ukuthi uLazaru wayesenezinsuku ezine esethuneni. 18 IBhethaniya laliseduze neJerusalema, liqhele cishe ngamakhilomitha amathathu.* 19 Abaningi kumaJuda babezile kuMarta noMariya ukuze babaduduze ngomfowabo. 20 Lapho uMarta ezwa ukuthi uJesu uyeza, wahamba wayomhlangabeza; kodwa uMariya + wayelokhu ehlezi ekhaya. 21 UMarta wathi kuJesu: “Nkosi, ukube ubulapha umfowethu ngabe akafanga. 22 Kodwa ngisho namanje ngiyazi ukuthi noma yini oyicelayo kuNkulunkulu, uNkulunkulu uyokunika yona.” 23 UJesu wathi kuye: “Umfowenu uzovuka.” 24 UMarta wathi kuye: “Ngiyazi ukuthi uyovuka ovukweni + ngosuku lokugcina.” 25 UJesu wathi kuye: “Mina ngingukuvuka nokuphila. + Lowo obonisa ukholo kimi, ngisho noma efa, uyophila; 26 futhi wonke umuntu ophilayo obonisa ukholo kimi akasoze afa. + Uyakukholelwa lokhu?” 27 Wathi kuye: “Yebo Nkosi, ngiyakholwa ukuthi wena unguKristu iNdodana kaNkulunkulu, lowo ozayo ezweni.” 28 Lapho esesho lokhu, wahamba wayobiza uMariya udadewabo, ethi ngasese: “UMfundisi + ukhona futhi uyakubiza.” 29 Lapho ezwa lokhu, wasukuma masinyane waya kuye.
30 UJesu wayengakafiki emzini, kodwa wayesesendaweni uMarta ayemhlangabeze kuyo. 31 Lapho amaJuda ayenoMariya endlini, emduduza, embona esukuma masinyane ephuma, amlandela, ecabanga ukuthi uya ethuneni + uyokhalela khona. 32 Ngesikhathi uMariya efika lapho uJesu ayekhona futhi embona, wawela ezinyaweni zakhe, wathi kuye: “Nkosi, ukube ubulapha umfowethu ngabe akafanga.” 33 Lapho uJesu embona ekhala namaJuda ayeze naye ekhala, waquma ngaphakathi kuye* futhi wakhathazeka. 34 Wathi: “Nimbekephi?” Bathi kuye: “Nkosi, woza uzobona.” 35 UJesu wakhala izinyembezi. + 36 Ebona lokhu amaJuda athi: “Bhekani ukuthi ubemthanda kangakanani!” 37 Kodwa amanye kuwo athi: “Lo muntu owavula amehlo empumputhe + ubengeke yini akwazi ukuvimbela lona ukuba angafi?”
38 Ngakho uJesu, ngemva kokuba ephinde waquma ngaphakathi kuye, wafika ethuneni. Eqinisweni, lalingumhume, futhi kwakuncike itshe kulo. 39 UJesu wathi: “Susani itshe.” UMarta, udadewabo woshonile, wathi kuye: “Nkosi, kumele ukuba manje useyanuka, ngoba sekuyizinsuku ezine.” 40 UJesu wathi kuye: “Angikutshelanga yini ukuthi uma ungase ukholwe, uzobona inkazimulo kaNkulunkulu?” + 41 Ngakho balisusa itshe. UJesu waphakamisela amehlo akhe ezulwini + wathi: “Baba, ngiyakubonga ngoba ungizwile. 42 Yiqiniso, bengazi ukuthi uyangizwa ngaso sonke isikhathi; kodwa ngikhulume ngenxa yalesi sixuku esimi lapha, ukuze sikholwe ukuthi wena ungithumile.” + 43 Lapho esezishilo lezi zinto, wamemeza ngezwi elikhulu wathi: “Lazaru, phuma!” + 44 Lo muntu owayefile waphuma izinyawo nezandla zakhe ziboshwe ngokokusonga, ubuso bakhe busongwe ngendwangu. UJesu wathi kubo: “Mqaqeni nimyeke ahambe.”
45 Amaningi kumaJuda ayeze kuMariya futhi ayebone lokho ayekwenzile, aba nokholo kuye, + 46 kodwa amanye kuwo aya kubaFarisi abatshela ngalokho uJesu ayekwenzile. 47 Ngakho abapristi abakhulu nabaFarisi baqoqela ndawonye iSanhedrini futhi bathi: “Sizokwenzenjani, ngoba lo muntu wenza izibonakaliso eziningi? + 48 Uma simyeka aqhubeke enza ngale ndlela, bonke bazokholwa nguye, amaRoma azofika athathe indawo* yethu nesizwe sethu.” 49 Kodwa omunye wabo, uKayafase, + owayengumpristi ophakeme ngalowo nyaka, wathi kubo: “Nina anazi lutho, 50 futhi anicabangi ukuthi kuzuzisa nina ukuba umuntu oyedwa afe ngenxa yabantu, kunokuba kubhujiswe sonke isizwe.” 51 Nokho, lokhu akakushongo ngokuzisukela kuye, kodwa ngoba wayengumpristi ophakeme ngalowo nyaka, waprofetha ukuthi uJesu wayezofela isizwe, 52 kungesona isizwe kuphela, kodwa ukuze abantwana bakaNkulunkulu abahlakazekile nabo abaqoqele ndawonye babe munye. 53 Ngakho kusukela ngalolo suku kuqhubeke, bamakhela uzungu ukuze bambulale.
54 Ngenxa yalokho uJesu akabange esahamba obala phakathi kwamaJuda, kodwa wasuka lapho waya esifundeni esiseduze kwehlane, edolobheni elibizwa ngokuthi i-Efrayimi, + wahlala khona nabafundi. 55 IPhasika + lamaJuda lase lisondele, abantu abaningi abaphuma emaphandleni baya eJerusalema ngaphambi kwePhasika ukuze bazihlanze ngokwesiko. 56 Babefuna uJesu futhi bethi omunye komunye njengoba bemi ethempelini: “Nicabangani? Ingabe ngeke nhlobo eze emkhosini?” 57 Kodwa abapristi abakhulu nabaFarisi babekhiphe umyalo wokuthi uma noma ubani azi lapho uJesu ekhona, kufanele asho, ukuze bambambe.*
12 Ezinsukwini eziyisithupha ngaphambi kwePhasika, uJesu wafika eBhethaniya, lapho kwakukhona khona uLazaru, + lowo uJesu ayemvuse kwabafile. 2 Bamenzela isidlo sakusihlwa khona, futhi uMarta wayebalethela ukudla, + kodwa uLazaru wayengomunye walabo ababedla* naye. 3 UMariya wabe esethatha iphawundi* lamafutha anamakha, ayebiza kakhulu, inadi loqobo, wagcoba izinyawo zikaJesu wazesula ngezinwele zakhe. Indlu yagcwala iphunga lamafutha anamakha. + 4 Kodwa uJuda Iskariyothe, + omunye wabafundi bakhe owayesezomkhaphela, wathi: 5 “Kungani la mafutha anamakha engadayiswanga ngodenariyu* abangu-300, baphiwa abahluphekayo?” 6 Nokho, lokhu akakushongo ngoba ekhathalela abampofu, kodwa ngoba eyisela futhi ephatha ibhokisi lemali, evame ukweba imali eyayifakwa kulo. 7 UJesu wathi: “Myeke ukuze agcine leli siko, ngokucabangela usuku lokungcwatshwa kwami. + 8 Abahluphekayo nihlale ninabo, + kodwa ngeke nibe nami ngaso sonke isikhathi.” +
9 Phakathi naleso sikhathi, isixuku esikhulu samaJuda sezwa ukuthi wayekhona, futhi seza, hhayi ngenxa kaJesu kuphela, kodwa nokuba sizobona uLazaru, ayemvuse kwabafile. + 10 Abapristi abakhulu manje bakha uzungu lokubulala noLazaru, 11 ngoba abaningi kumaJuda babeya lapho ngenxa yakhe futhi beba nokholo kuJesu. +
12 Ngosuku olulandelayo isixuku esikhulu esasize emkhosini sezwa ukuthi uJesu wayeza eJerusalema. 13 Ngakho sathatha amagatsha ezihlahla zesundu saphuma siyomhlangabeza, samemeza sathi: “Siyakucela, msindise!* Ubusisiwe lowo oza ngegama likaJehova, *+ iNkosi yakwa-Israyeli!” + 14 Lapho uJesu ethola imbongolo esencane, wayigibela, + njengoba nje kulotshiwe: 15 “Ungesabi, ndodakazi yaseZiyoni. Bheka! Inkosi yakho iyeza, igibele ithole lembongolo.” + 16 Ekuqaleni abafundi bakhe abazange baziqonde lezi zinto, kodwa lapho uJesu ekhazinyuliswa, + bakhumbula ukuthi lezi zinto zazilotshiwe ngaye nokuthi bazenza lezi zinto kuye. +
17 Isixuku esasinaye lapho ebiza uLazaru ukuba aphume ethuneni + futhi emvusa kwabafile, saqhubeka sifakaza. + 18 Yingakho isixuku samhlangabeza ngoba sezwa ukuthi wayenze lesi sibonakaliso. 19 Ngakho abaFarisi bakhuluma bodwa bathi: “Niyabona ukuthi anisizi ngalutho. Bhekani! Izwe lonke liyamlandela.” +
20 Manje kwakukhona amaGreki athile phakathi kwalabo ababeze ukuzokhulekela emkhosini. 21 Laba baya kuFiliphu + owayevela eBhetsayida laseGalile, bamcela, bathi: “Mnumzane, sifuna ukubona uJesu.” 22 UFiliphu weza watshela u-Andreya. U-Andreya noFiliphu beza batshela uJesu.
23 Kodwa uJesu wabaphendula, wathi: “Selifikile ihora lokuba iNdodana yomuntu ikhazinyuliswe. + 24 Ngiqinisile impela ngithi kini, ngaphandle kokuba uhlamvu lukakolweni luwele emhlabathini futhi lufe, luhlala luwuhlamvu olulodwa nje; kodwa uma lufa, + khona-ke luthela izithelo eziningi. 25 Noma ubani othanda ukuphila* kwakhe uyakubhubhisa, kodwa noma ubani ozonda ukuphila* kwakhe + kuleli zwe, uyokulondela ukuphila okuphakade. + 26 Uma umuntu ezongikhonza, makangilandele, futhi lapho ngikhona yilapho nesikhonzi sami siyoba khona. + Uma umuntu ezongikhonza, uBaba uyomdumisa. 27 Manje ngikhathazekile, + ngizothini? Baba, ngisindise kuleli hora. + Nokho, yingakho ngifike kuleli hora. 28 Baba, khazimulisa igama lakho.” Ngakho kwavela izwi + ezulwini lithi: “Ngilikhazimulisile futhi ngizophinde ngilikhazimulise.” +
29 Isixuku esasimi lapho salizwa, sathi kwakudume izulu. Abanye bathi: “Ingelosi ikhulume naye.” 30 UJesu waphendula wathi: “Leli zwi lizwakale ngenxa yenu, hhayi ngenxa yami. 31 Manje leli zwe liyahlulelwa; umbusi waleli zwe + uzophonswa ngaphandle. + 32 Nokho uma mina ngiphakanyiswa emhlabeni, + ngizodonsela kimi abantu bazo zonke izinhlobo.” 33 Empeleni lokhu wayekusholo ukubonisa ukuthi luhlobo luni lokufa ayezofa ngalo. + 34 Ngakho isixuku samphendula: “Sizwile eMthethweni ukuthi uKristu uhlala kuze kube phakade. + Usho kanjani ukuthi iNdodana yomuntu kumele iphakanyiswe? + Ingubani le Ndodana yomuntu?” 35 Ngakho uJesu wathi kubo: “Ukukhanya kuzoba phakathi kwenu isikhashana. Hambani nisenokukhanya, ukuze ninganqotshwa ubumnyama; noma ubani ohamba ebumnyameni akazi ukuthi uyaphi. + 36 Njengoba nisenokukhanya, bonisani ukholo ekukhanyeni, ukuze nibe ngabantwana bokukhanya.” +
UJesu washo lezi zinto wayesehamba wabacashela. 37 Nakuba ayenze izibonakaliso eziningi kangaka phambi kwabo, babengakholwa nguye, 38 ukuze kugcwaliseke izwi elashiwo ngu-Isaya umprofethi, owathi: “Jehova,* ubani obe nokholo entweni ayizwe ngathi? *+ Ingalo kaJehova* yambulelwe bani?” + 39 Isizathu sokuba bangakwazi ukukholwa siwukuthi u-Isaya waphinde wathi: 40 “Uphuphuthekise amehlo abo futhi wenza izinhliziyo zabo zaba lukhuni, ukuze bangaboni ngamehlo abo futhi bangaqondi ngezinhliziyo zabo baguquke, bese ebelapha.” + 41 U-Isaya washo lezi zinto ngoba wayibona inkazimulo yakhe, futhi wakhuluma ngaye. + 42 Noma kunjalo, abaningi ngisho nakubabusi empeleni baba nokholo kuye, + kodwa ngenxa yabaFarisi babengeke bamvume ukuze bangaxoshwa esinagogeni; + 43 ngoba babethanda ukwamukelwa* abantu ngisho nangaphezu kokwamukelwa* uNkulunkulu. +
44 Nokho, uJesu wamemeza wathi: “Noma ubani oba nokholo kimi, akabi nokholo kimi kuphela, kodwa nakulowo ongithumile; + 45 noma ubani ongibonayo uyambona naLowo ongithumile. + 46 Ngize njengokukhanya ezweni, + ukuze wonke umuntu oba nokholo kimi angahlali ebumnyameni. + 47 Uma umuntu ezwa amazwi ami kodwa angawagcini, angimahluleli; ngoba angizelanga ukwahlulela izwe, kodwa ukuzosindisa izwe. + 48 Noma ubani onganginaki nongawamukeli amazwi ami unomuntu omahlulelayo. Izwi engilikhulumile yilo eliyomahlulela ngosuku lokugcina. 49 Ngoba angikhulumanga okusuka kimi, kodwa uBaba owangithuma unginike umyalo ngokuqondene nokuthi yini okumele ngiyisho nokuthi yini okumele ngiyikhulume. + 50 Ngiyazi ukuthi umyalo wakhe usho ukuphila okuphakade. + Ngakho noma yini engiyishoyo, ngiyisho njengoba nje uBaba engitshelile.” +
13 Njengoba ayazi ngaphambi komkhosi wePhasika ukuthi ihora lakhe lase lifikile + lokuba ahambe kuleli zwe aye kuYise, + uJesu ebathandile abakhe abasezweni, wabathanda kwaze kwaba sekupheleni. + 2 Isidlo sakusihlwa sasisaqhubeka, uDeveli wayesekufakile enhliziyweni kaJuda Iskariyothe, + indodana kaSimoni, ukuba amkhaphele. + 3 Ngakho uJesu azi ukuthi uYise wayenikele zonke izinto ezandleni zakhe nokuthi wayevela kuNkulunkulu futhi wayeya kuNkulunkulu, + 4 wasukuma esidlweni sakusihlwa wabeka eceleni izingubo zakhe zangaphandle. Wathatha ithawula, walibhinca okhalweni. + 5 Ngemva kwalokho wafaka amanzi endishini yokugeza waqala ukugeza izinyawo zabafundi, wazesula ngethawula ayelibhincile. 6 Wafika kuSimoni Petru. Yena wathi kuye: “Nkosi, wena ungigeza izinyawo?” 7 UJesu wamphendula wathi: “Lokhu engikwenzayo awukuqondi manje, kodwa uzokuqonda ngemva kwalezi zinto.” 8 UPetru wathi kuye: “Ngokuqinisekile awusoze wangigeza izinyawo.” UJesu wamphendula wathi: “Ngaphandle kokuba ngikugeze, + awunasabelo nami.” 9 USimoni Petru wathi kuye: “Nkosi, ungangigezi izinyawo kuphela, kodwa nezandla nekhanda.” 10 UJesu wathi kuye: “Ogezile akadingi okungaphezu kokuba agezwe izinyawo, kodwa umzimba wakhe wonke uhlanzekile. Nina nihlanzekile, kodwa hhayi nonke.” 11 Ngoba wayemazi umuntu omkhaphelayo. + Yingakho athi: “Anihlanzekile nonke.”
12 Lapho esezigezile izinyawo zabo futhi esegqoke izingubo zakhe zangaphandle, waphinde wahlala etafuleni, wayesethi kubo: “Niyakuqonda yini lokhu engikwenze kini? 13 Ningibiza ngokuthi ‘Mfundisi,’ nangokuthi ‘Nkosi,’ futhi niqinisile, ngoba ngiyikho. + 14 Ngakho-ke, uma mina, iNkosi noMfundisi, nginigeze izinyawo, + nani kufanele* nigezane izinyawo. + 15 Ngoba nginibekela isibonelo, sokuthi njengoba nje ngenzile kini, nani nenze kanjalo. + 16 Ngiqinisile impela ngithi kini, inceku ayinkulu kunenkosi yayo, nalowo othunyiwe akamkhulu kunalowo omthumile. 17 Uma nizazi lezi zinto, niyajabula uma nizenza. + 18 Angikhulumi ngani nonke; ngiyabazi engibakhethile. Kodwa lokhu kwenzeke ukuze lo mbhalo ugcwaliseke: + ‘Lowo owayedla isinkwa sami ungiphendukele.’ *+ 19 Kusukela manje kuqhubeke, nginitshela ngaphambi kokuba kwenzeke, ukuze kuthi lapho kwenzeka, nikholwe ukuthi nginguye. + 20 Ngiqinisile impela ngithi kini, lowo owamukela noma ubani engimthumayo uyangamukela nami, + nalowo ongamukelayo, wamukela naLowo ongithumile.” +
21 Ngemva kokusho lezi zinto, uJesu wakhathazeka emoyeni, futhi wafakaza wathi: “Ngiqinisile impela ngithi kini, omunye kini uzongikhaphela.” + 22 Abafundi babhekana bodwa, bedidekile ukuthi ukhuluma ngobani. + 23 Omunye wabafundi, lowo uJesu ayemthanda, + wayehlezi eduze* kukaJesu. 24 Ngakho-ke uSimoni Petru wakhomba lona ngekhanda wathi kuye: “Sitshele ukuthi ukhuluma ngobani.” 25 Ngakho yena wancika esifubeni sikaJesu wathi kuye: “Nkosi, ngubani?” + 26 UJesu waphendula wathi: “Yilowo engizomnika lolu cezu lwesinkwa engilugcobhozayo.” + Ngakho, ngemva kokugcobhoza isinkwa, wasithatha wasinika uJuda, indodana kaSimoni Iskariyothe. 27 Ngemva kokuba uJuda eseluthathile ucezu lwesinkwa, uSathane wangena kuye. + Ngakho uJesu wathi kuye: “Lokho okwenzayo, kwenze masinyane.” 28 Nokho, akekho noyedwa kulabo ababehlezi etafuleni owazi ukuthi kungani esho lokhu kuye. 29 Eqinisweni, abanye babecabanga ukuthi, njengoba uJuda ayephatha ibhokisi lemali, + uJesu wayemtshela ukuthi, “Thenga izinto esizidingela umkhosi,” noma ukuthi kwakufanele anike abampofu okuthile. 30 Ngakho, ngemva kokwamukela ucezu lwesinkwa, waphuma masinyane. Kwakusebusuku. +
31 Lapho esephumile, uJesu wathi: “Manje iNdodana yomuntu iyakhazinyuliswa, + noNkulunkulu uyakhazinyuliswa ngayo. 32 UNkulunkulu uzoyikhazimulisa ngokwakhe, + futhi uzoyikhazimulisa masinyane. 33 Bantwanyana, ngisenani okwesikhashana. Nizongifuna; futhi njengoba nje ngasho kumaJuda ngithi, ‘Lapho ngiya khona anikwazi ukuza,’ + ngiyakusho nakini manje. 34 Ngininika umyalo omusha, wokuba nithandane; njengoba nje nami nginithandile, + ukuba nani nithandane. + 35 Bonke bayokwazi ngalokhu ukuthi ningabafundi bami—uma nithandana.” +
36 USimoni Petru wathi kuye: “Nkosi, uyaphi?” UJesu waphendula: “Lapho ngiya khona awukwazi ukungilandela okwamanje, kodwa uyolandela kamuva.” + 37 UPetru wathi kuye: “Nkosi, kungani ngingenakukwazi ukukulandela manje? Ngizodela ukuphila kwami ngenxa yakho.” + 38 UJesu waphendula: “Uzodela ukuphila kwakho ngenxa yami? Ngiqinisile impela ngithi kuwe, ngaphambi kokuba iqhude likhale, uzongiphika kathathu.” +
14 “Ningazivumeli izinhliziyo zenu zikhathazeke. + Bonisani ukholo kuNkulunkulu; + nibonise ukholo nakimi. 2 Endlini kaBaba kukhona izindawo zokuhlala eziningi. Ukube bekungenjalo, bengizonitshela, ngoba ngiyahamba ngiyonilungisela indawo. + 3 Kanti, uma ngihamba nginilungisela indawo, ngiyobuye ngize mina uqobo nginamukele ekhaya, ukuze lapho ngikhona nani nibe khona. + 4 Nendlela eya lapho ngiya khona niyayazi.”
5 UTomase + wathi kuye: “Nkosi, asazi ukuthi uyaphi. Singayazi kanjani indlela?”
6 UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela + neqiniso + nokuphila. + Akekho oza kuBaba ngaphandle kokuba eze ngami. + 7 Ukube nina madoda beningazi mina, benizomazi noBaba; kusukela manje kuqhubeke seniyamazi futhi nimbonile.” +
8 UFiliphu wathi kuye: “Nkosi, sibonise uYihlo, kwanele lokho kithi.”
9 UJesu wathi kuye: “Ngisho nangemva kwesikhathi eside kangaka nginani, awukangazi Filiphu? Ongibonile mina umbonile noBaba futhi. + Usho kanjani ukuthi, ‘Sibonise uYihlo’? 10 Awukholwa yini ukuthi ngimunye noBaba nokuthi uBaba umunye nami? + Izinto engizisho kini angizikhulumi ngokusuka kimi, + kodwa uBaba ohlale emunye nami wenza imisebenzi yakhe. 11 Ngikholweni ukuthi ngimunye noBaba, noBaba umunye nami; uma kungenjalo, kholwani ngenxa yemisebenzi ngokwayo. + 12 Ngiqinisile impela ngithi kini, noma ubani obonisa ukholo kimi uyokwenza nemisebenzi engiyenzayo; futhi uyokwenza imisebenzi emikhulu kunale, + ngoba ngiyahamba ngiya kuBaba. + 13 Noma yini eniyicela egameni lami, ngiyoyenza, ukuze uBaba akhazinyuliswe ngeNdodana. + 14 Uma nicela noma yini egameni lami, ngiyoyenza.
15 “Uma ningithanda, niyogcina imiyalo yami. + 16 Ngizocela uBaba futhi uzoninika omunye umsizi* ukuze abe nani kuze kube phakade, + 17 umoya weqiniso, + izwe elingenakuwamukela, ngoba aliwuboni futhi aliwazi. + Nina niyawazi, ngoba uhlala nani futhi ukini. 18 Ngeke nginishiye nodwa.* Ngiyeza kini. + 19 Kusele isikhashana izwe lingabe lisangibona, kodwa nina nizongibona, + ngoba ngiyaphila nani niyophila. 20 Ngalolo suku niyokwazi ukuthi ngimunye noBaba nokuthi nani nimunye nami, nami ngimunye nani. + 21 Noma ubani onemiyalo yami futhi oyigcinayo, nguye ongithandayo. Kanti noma ubani ongithandayo uyothandwa nguBaba, nami ngiyomthanda futhi ngiyozibonakalisa ngokucacile kuye.”
22 UJuda, + okungeyena u-Iskariyothe, wathi kuye: “Nkosi, kwenzenjani uze uhlose ukuzibonakalisa ngokucacile kithi hhayi ezweni?”
23 UJesu waphendula wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyogcina izwi lami, + noBaba uyomthanda, futhi siyoza kuye sihlale naye. + 24 Noma ubani ongangithandi akawagcini amazwi ami. Izwi enilizwayo akulona elami, kodwa elikaBaba ongithumile. +
25 “Ngikhulume lezi zinto kini ngisenani. 26 Kodwa umsizi, umoya ongcwele, uBaba azowuthumela egameni lami, wona uyonifundisa zonke izinto futhi unikhumbuze zonke izinto enginitshele zona. + 27 Nginishiyela ukuthula; ngininika ukuthula kwami. + Angininiki kona ngendlela izwe elikunikeza ngayo. Ningazivumeli izinhliziyo zenu zikhathazeke futhi ningazivumeli zikhwantabale ngenxa yokwesaba. 28 Nizwile ukuthi ngithe kini, ‘ngiyahamba futhi ngiyabuya kini.’ Uma beningithanda, beniyojabula ngokuthi ngiyahamba ngiya kuBaba, ngoba uBaba mkhulu kunami. + 29 Ngakho manje nginitshele ngaphambi kokuba kwenzeke, ukuze lapho kwenzeka nikholwe. + 30 Ngeke ngisakhuluma okuningi nani, ngoba uyeza umbusi waleli zwe, + futhi akangibambanga ndawo. *+ 31 Kodwa ukuze izwe lazi ukuthi ngiyamthanda uBaba, ngenza njengoba nje uBaba engiyalile. + Sukumani, masihambe lapha.
15 “Mina ngiyisihlahla samagilebhisi sangempela, uBaba ungumlimi. 2 Wonke amagatsha akimi angatheli izithelo uyawasusa, futhi wonke athela izithelo uyawathena,* ukuze athele izithelo eziningi. + 3 Nina senihlanziwe ngenxa yezwi engilikhulume kini. + 4 Hlalani nimunye nami, nami ngizohlala ngimunye nani. Njengoba nje igatsha lingenakukwazi ukuthela izithelo ngokwalo ngaphandle kokuba libe sesihlahleni samagilebhisi, nani aninakukwazi, ngaphandle kokuba nihlale nimunye nami. + 5 Mina ngiyisihlahla samagilebhisi; nina ningamagatsha. Noma ubani ohlala emunye nami, nami ngimunye naye, lowo uthela izithelo eziningi; + ngoba ngaphandle kwami ngeke nenze lutho nhlobo. 6 Uma umuntu engahlali emunye nami, uphonswa ngaphandle njengegatsha futhi ome. Abantu bayawabutha lawo magatsha bawaphonse emlilweni ashe. 7 Uma nihlala nimunye nami namazwi ami ehlala kini, celani noma yini eniyifisayo iyokwenzeka kini. + 8 UBaba uyakhazinyuliswa ngalokhu, ukuba niqhubeke nithela izithelo eziningi futhi nizibonakalise ningabafundi bami. + 9 Njengoba nje uBaba engithandile, + nami nginithandile; hlalani othandweni lwami. 10 Uma nigcina imiyalo yami, niyohlala othandweni lwami, njengoba nje nami ngiye ngagcina imiyalo kaBaba futhi ngihlala othandweni lwakhe.
11 “Lezi zinto ngizikhulume kini, ukuze nibe nenjabulo enginayo futhi injabulo yenu igcwale. + 12 Yilo umyalo wami, ukuba nithandane njengoba nje nami nginithandile. + 13 Akekho onothando olukhulu kunalolu, ukuba umuntu anikele ngokuphila kwakhe ngenxa yabangani bakhe. + 14 Ningabangani bami uma nenza lokho enginiyala ngakho. + 15 Angisanibizi ngokuthi niyizinceku, ngoba inceku ayikwazi lokho inkosi yayo ekwenzayo. Kodwa nginibize ngokuthi ningabangani, ngoba nginitshele zonke izinto engizizwe kuBaba. 16 Akunina eningikhethile, kodwa yimi enganikhetha, nganimisa ukuba niqhubeke nithela izithelo nokuba izithelo zenu zihlale, ukuze noma yini eniyicela kuBaba egameni lami aninike yona. +
17 “Nginiyala ngalezi zinto, ukuze nithandane. + 18 Uma izwe linizonda, niyazi ukuthi nami lingizondile ngaphambi kokuba lizonde nina. + 19 Uma beniyingxenye yezwe, izwe belizothanda okungokwalo. Manje ngenxa yokuthi aniyona ingxenye yezwe, + kodwa nginikhethile kuleli zwe, ngenxa yalokhu izwe liyanizonda. + 20 Khumbulani izwi enginitshele lona: Inceku ayinkulu kunenkosi yayo. Uma mina bengishushisile, bayonishushisa nani; + uma beligcinile izwi lami, bayoligcina nelenu. 21 Kodwa bayokwenza zonke lezi zinto kini ngenxa yegama lami, ngoba abamazi Lowo ongithumile. + 22 Ukube bengingezanga futhi ngakhuluma nabo, bebengeke babe nasono. + Kodwa manje abanazo izaba ngesono sabo. + 23 Noma ubani ozonda mina uzonda noBaba. + 24 Ukube bengingayenzanga phakathi kwabo imisebenzi okungekho omunye umuntu owake wayenza, bebengeke babe nasono; + kodwa manje bangibonile futhi bangizonda, mina kanye noBaba. 25 Kodwa lokhu kwenzeke ukuze kugcwaliseke izwi elalotshwa eMthethweni wabo: ‘Bangizonda ngaphandle kwesizathu.’ + 26 Lapho efika umsizi engizonithumelela yena evela kuBaba, umoya weqiniso, + ovela kuBaba, yena uyofakaza ngami; + 27 nani futhi, kumele nifakaze, + ngoba benilokhu ninami kusukela ekuqaleni.
16 “Ngikhulume lezi zinto kini ukuze ningakhubeki. 2 Abantu bayonixosha esinagogeni. + Eqinisweni, ihora liyeza lapho wonke umuntu onibulalayo + eyocabanga ukuthi unikele inkonzo engcwele kuNkulunkulu. 3 Kodwa lezi zinto bayozenza ngoba abangazi mina noma uBaba. + 4 Noma kunjalo, nginitshele lezi zinto ukuze lapho ihora lokuba zenzeke lifika, nikhumbule ukuthi nganitshela zona. +
“Anginitshelanga lezi zinto ekuqaleni, ngoba benginani. 5 Kodwa manje ngiya kuLowo ongithumile; + nokho akekho noyedwa kini ongibuzayo athi, ‘Uyaphi?’ 6 Kodwa ngoba nginitshele lezi zinto, izinhliziyo zenu zigcwele usizi. + 7 Noma kunjalo, nginitshela iqiniso, ukuhamba kwami kuzozuzisa nina. Ngoba uma ngingahambi, umsizi + ngeke eze kini; kodwa uma ngihamba, ngiyomthumela kini. 8 Lapho yena efika uyonikeza izwe ubufakazi obukholisayo ngokuphathelene nesono nangokuphathelene nokulunga nangokuphathelene nokwahlulela: 9 okokuqala, ngokuphathelene nesono, + ngoba abanalo ukholo kimi; + 10 kube ngokuphathelene nokulunga, ngoba ngiya kuBaba futhi ngeke nisangibona; 11 bese kuba ngokuphathelene nokwahlulela, ngoba umbusi waleli zwe usahlulelwe. +
12 “Nginezinto eziningi okusamelwe nginitshele zona, kodwa anikwazi ukuzithwala njengamanje. 13 Nokho, lapho efika lowo,* umoya weqiniso, + uyonihola kulo lonke iqiniso, ngoba ngeke akhulume okuvela kuye, kodwa uyokhuluma lokho akuzwayo, futhi uyomemezela kini izinto ezisazofika. + 14 Yena uyongikhazimulisa, + ngoba uyokwamukela okuvela kimi akumemezele kini. + 15 Zonke izinto uBaba anazo zingezami. + Yingakho ngithe wamukela lokho okuvela kimi akumemezele kini. 16 Kuzoba yisikhashana ningabe nisangibona, + kuphinde kube yisikhashana ningibone.”
17 Lapho bezwa lokhu abanye kubafundi bakhe bathi omunye komunye: “Usho ukuthini uma ethi kithi, ‘Kuzoba yisikhashana nje ningabe nisangibona, kuphinde kube yisikhashana ningibone,’ nokuthi, ‘ngoba ngiya kuBaba’?” 18 Bathi: “Usho ukuthini uma ethi, ‘isikhashana’? Asazi ukuthi ukhuluma ngani.” 19 UJesu wayazi ukuthi babefuna ukumbuza, ngakho wathi kubo: “Ingabe nibuzana nodwa ngalokhu, ngoba ngithe: ‘Kuzoba yisikhashana ningabe nisangibona, kuphinde kube yisikhashana ningibone’? 20 Ngiqinisile impela ngithi kini, nizokhala nilile, kodwa izwe lizojabula; nizoba lusizi, kodwa usizi lwenu luzophendulwa injabulo. + 21 Lapho owesifazane ebeletha, uba nezinhlungu* ngoba ihora lakhe lisuke selifikile, kodwa lapho esembelethile umntwana, akabe esabukhumbula ubuhlungu ngenxa yenjabulo yokuthi kuzelwe umuntu ezweni. 22 Ngakho, nani manje nilusizi; kodwa ngizophinde nginibone futhi izinhliziyo zenu zizojabula, + akekho oyoniphuca injabulo yenu. 23 Ngalolo suku ngeke nhlobo ningibuze imibuzo. Ngiqinisile impela ngithi kini, uma nicela noma yini kuBaba, + uyoninika yona egameni lami. + 24 Kuze kube manje anikaceli ngisho nento eyodwa egameni lami. Celani nizothola, ukuze injabulo yenu iphelele.
25 “Ngikhulume lezi zinto kini ngemifanekiso. Liyeza ihora engingeke ngisakhuluma ngalo nani ngemifanekiso, kodwa ngiyonitshela ngokucacile ngoBaba. 26 Ngalolo suku niyocela kuBaba egameni lami; ngokusho lokhu, angiqondile ukuthi ngiyonicelela. 27 Ngoba uBaba ngokwakhe uyanithanda, ngoba niye nangithanda + futhi nakholwa ukuthi ngeza njengommeleli kaNkulunkulu. + 28 Ngeza njengommeleli kaBaba futhi ngize ezweni. Manje ngiyalishiya izwe ngiya kuBaba.” +
29 Abafundi bakhe bathi: “Bheka! Manje ukhuluma ngokucacile, awusasebenzisi imifanekiso. 30 Manje siyazi ukuthi wazi zonke izinto, awudingi muntu ukuba akubuze umbuzo ngoba uyakwazi akucabangayo. Ngalokhu siyakholwa ukuthi wavela kuNkulunkulu.” 31 UJesu wabaphendula wathi: “Ingabe manje seniyakholwa? 32 Bhekani! Ihora liyeza, impela selifikile, lapho nizohlakazwa khona, ngamunye aye endlini yakhe, ningishiye ngedwa. + Kodwa angingedwa, ngoba uBaba unami. + 33 Ngisho lezi zinto kini ukuze nibe nokuthula ngenxa yami. + Ezweni nizobhekana nosizi, kodwa yibani nesibindi! Mina ngilinqobile izwe.” +
17 UJesu wakhuluma lezi zinto, ngemva kwalokho waphakamisela amehlo akhe ezulwini, wathi: “Baba, ihora selifikile. Khazimulisa indodana yakho ukuze indodana yakho ikukhazimulise, + 2 njengoba uyinike igunya phezu kwayo yonke inyama, *+ ukuze ibanike ukuphila okuphakade + bonke oyinike bona. + 3 Lokhu kusho ukuphila okuphakade, + ukuba bakwazi,* wena owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, + nalowo omthumile, uJesu Kristu. + 4 Ngikukhazimulisile emhlabeni, + njengoba ngiwuqedile umsebenzi onginike wona ukuba ngiwenze. + 5 Ngakho manje Baba ngikhazimulise, mangibe seceleni kwakho, ngibe nenkazimulo enganginayo eceleni kwakho ngaphambi kokuba izwe libe khona. +
6 “Ngibazisile* igama lakho abantu onginike bona ezweni. + Babengabakho, wanginika bona, futhi baligcinile* izwi lakho. 7 Manje sebeyazi ukuthi zonke izinto onginike zona zivela kuwe; 8 ngoba amazwi owanginika wona ngibanike wona, + bawamukele, futhi sebeyazi ngokuqinisekile ukuthi ngeza njengommeleli wakho + futhi baye bakholwa ukuthi ungithumile. + 9 Ngicelela bona; angiceleli izwe, kodwa ngicelela labo onginike bona, ngoba bangabakho; 10 zonke izinto zami zingezakho nezakho zingezami, + futhi ngikhazinyulisiwe phakathi kwabo.
11 “Angisekho ezweni, kodwa bona basezweni + kanti mina ngiza kuwe. Baba ongcwele, babheke + ngenxa yegama lakho engibambulele lona, ukuze babe munye* njengoba nje nathi simunye. *+ 12 Lapho ngisenabo ngangibaqapha + ngenxa yegama lakho engibambulele lona; futhi ngibavikelile, akekho noyedwa kubo obhubhile + ngaphandle kwendodana yokubhubha, + ukuze kugcwaliseke umbhalo. + 13 Kodwa manje ngiza kuwe, futhi ngikhuluma lezi zinto ezweni, ukuze bayizwe ngokugcwele injabulo enginayo. + 14 Ngibanike izwi lakho, kodwa izwe libazondile ngoba bengeyona ingxenye yezwe, + njengoba nje nami ngingeyona ingxenye yezwe.
15 “Angikuceli ukuba ubakhiphe ezweni, kodwa ukuba ubabheke ngenxa yomubi. + 16 Abayona ingxenye yezwe, + njengoba nje nami ngingeyona ingxenye yezwe. + 17 Bangcwelise* ngeqiniso; + izwi lakho liyiqiniso. + 18 Njengoba nje wangithuma ezweni, nami ngibathuma ezweni. + 19 Ngiyazingcwelisa ngenxa yabo, ukuze nabo bangcweliswe ngeqiniso.
20 “Angiceleli laba kuphela, kodwa nalabo ababa nokholo kimi ngenxa yokushumayela kwabo, 21 ukuze bonke babe munye, + njengoba nje wena, Baba, umunye nami futhi nami ngimunye nawe, + ukuba nabo babe munye nathi, ukuze izwe likholwe ukuthi ungithumile. 22 Ngibanikile inkazimulo onginike yona, ukuze babe munye njengoba nje nathi simunye. + 23 Mina ngimunye nabo, nawe umunye nami, ukuze babe munye ngokuphelele,* ukuze izwe lazi ukuthi ungithumile nokuthi ubathandile njengoba nje nami ungithandile. 24 Baba, ngifisa ukuthi labo onginike bona, babe nami lapho ngikhona, + ukuze babone inkazimulo yami onginike yona ngoba wangithanda ngaphambi kokusungulwa kwezwe. + 25 Baba olungile, ngempela izwe alizange likwazi, + kodwa mina ngiyakwazi, + nalaba sebeyazi ukuthi ungithumile. 26 Ngibazisile igama lakho futhi ngizolenza laziwe, + ukuze uthando ongithande ngalo lube kubo nami ngibe munye nabo.” +
18 Ngemva kokusho lezi zinto, uJesu waphuma nabafundi bakhe bawelela ngaphesheya kweSigodi* SaseKidroni + baya lapho kwakukhona khona insimu, bangena kuyo, yena nabafundi bakhe. + 2 Manje, uJuda, umkhapheli wakhe, naye wayeyazi le ndawo, ngoba uJesu nabafundi bakhe babevame ukuhlangana khona. 3 Ngakho uJuda weza neviyo lamasosha nezikhonzi zabapristi abakhulu nezabaFarisi, beza lapho bephethe izibani nezikhali. + 4 Ngakho uJesu ezazi zonke izinto ezazizokwenzeka kuye, waya phambili wathi kubo: “Nifuna bani?” 5 Bamphendula bathi: “UJesu umNazaretha.” + Wathi kubo: “Nginguye.” UJuda, umkhapheli wakhe, naye wayemi nabo. +
6 Nokho, lapho uJesu ethi kubo, “Nginguye,” bahlehla nyovane bawela phansi. + 7 Ngakho waphinde wababuza: “Nifuna bani?” Bathi: “UJesu umNazaretha.” 8 UJesu waphendula: “Nginitshelile ukuthi nginguye. Ngakho uma nifuna mina, ayekeni la madoda ahambe.” 9 Lokhu kwenzeka ukuze kugcwaliseke lokho ayekushilo: “Kulabo onginike bona, akekho noyedwa ongilahlekele.” +
10 Khona-ke uSimoni Petru, owayephethe inkemba, wayihosha wagalela inceku yompristi ophakeme wayisusa indlebe yesokudla. + Igama lale nceku kwakunguMalkusi. 11 Nokho uJesu wathi kuPetru: “Faka inkemba emgodleni wayo. + Akufanele yini ngiyiphuze indebe uBaba anginike yona?” +
12 Khona-ke amasosha nomkhuzi wamabutho nezikhonzi zamaJuda bambamba uJesu bambopha. 13 Bamyisa ku-Anase kuqala ngoba wayengumukhwe kaKayafase, + owayengumpristi ophakeme ngalowo nyaka. + 14 Eqinisweni, uKayafase nguye owayecebise amaJuda ukuthi kwakuyowazuzisa ukuba kufe umuntu oyedwa ngenxa yabantu. +
15 USimoni Petru nomunye umfundi babelandela uJesu. + Lowo mfundi wayaziwa umpristi ophakeme, futhi wangena noJesu egcekeni lompristi ophakeme, 16 kodwa uPetru wayemi ngaphandle emnyango.* Ngakho, lona omunye umfundi owayaziwa umpristi ophakeme, waphuma wakhuluma nomlindi mnyango futhi wangenisa uPetru. 17 Incekukazi eyayingumlindi mnyango yabe isithi kuPetru: “Awuyena yini omunye wabafundi balo muntu?” Wathi: “Angiyena.” + 18 Manje izigqila nezikhonzi zazizungeze umlilo wamalahle ezaziwubasile zotha ngoba kwakumakhaza. UPetru naye wayemi kanye nazo otha.
19 Umpristi omkhulu wabuza uJesu ngabafundi bakhe nangemfundiso yakhe. 20 UJesu wamphendula: “Ngikhulume nezwe obala. Ngaso sonke isikhathi bengifundisa esinagogeni nasethempelini, + lapho wonke amaJuda ebuthanela khona, futhi angikhulumanga lutho ekusithekeni. 21 Kungani ubuza mina? Buza labo abakuzwile lokho engibatshele khona. Bheka! Laba bayakwazi engikushilo.” 22 Ngemva kokusho lezi zinto, esinye sezikhonzi ezazimi lapho sashaya uJesu ngempama + sathi: “Ingabe yileyo ndlela ophendula ngayo umpristi omkhulu?” 23 UJesu wasiphendula: “Uma ngikhulume kabi, fakaza ngalobo bubi; kodwa uma ngikhulume kahle, ungishayelani?” 24 Khona-ke u-Anase wamyisa kuKayafase umpristi ophakeme eboshiwe. +
25 USimoni Petru wayemile otha. Base bethi kuye: “Ungomunye nawe wabafundi bakhe, akunjalo?” Waphika wathi: “Angiyena.” + 26 Enye yezinceku zompristi ophakeme, eyisihlobo somuntu uPetru ayemsuse indlebe, + yathi: “Ngikubonile ensimini ukanye naye, akunjalo?” 27 Nokho, uPetru waphinde waphika, masinyane iqhude lakhala. +
28 Khona-ke bamhola uJesu besuka kuKayafase bemyisa lapho kuhlala khona umbusi. + Manje kwase kusekuseni. Kodwa bona ngokwabo abangenanga lapho kuhlala khona umbusi ukuze bangangcoli, + kodwa bakwazi ukudla iPhasika. 29 Ngakho uPilatu waphumela kubo ngaphandle wathi: “Yiliphi icala enililethayo ngalo muntu?” 30 Bamphendula bathi: “Uma lo muntu ubengazenzi izinto ezimbi,* ngabe asimnikelanga kuwe.” 31 Ngakho uPilatu wathi kubo: “Mthatheni nina nimahlulele ngokomthetho wenu.” + AmaJuda athi kuye: “Akukho emthethweni ukuba sibulale umuntu.” + 32 Lokhu kwenzeka ukuze kugcwaliseke izwi likaJesu ayelishilo ukuze abonise ukuthi luhlobo luni lokufa ayezofa ngalo. +
33 Ngakho uPilatu waphinde wangena lapho kuhlala khona umbusi wabiza uJesu wathi kuye: “Ingabe uyiyo iNkosi yamaJuda?” + 34 UJesu waphendula wathi: “Lokhu ukusho ngokusuka kuwe, noma utshelwe abanye ngami?” 35 UPilatu waphendula: “Angiyena umJuda, akunjalo? Isizwe sakini nabapristi abakhulu bakunikele kimi. Wenzeni?” 36 UJesu waphendula: + “UMbuso wami awuyona ingxenye yaleli zwe. + Ukube uMbuso wami ubuyingxenye yaleli zwe, izikhonzi zami ngabe zilwile ukuze nginganikelwa kumaJuda. + Kodwa njengoba kunjalo, uMbuso wami awuveli kulo mthombo.” 37 Ngakho uPilatu wathi kuye: “Khona-ke, ingabe uyinkosi?” UJesu waphendula: “Wena ngokwakho uyasho ukuthi ngiyinkosi. + Ngizalelwe lokhu, futhi ngizele lokhu ezweni, ukuba ngifakazele iqiniso. + Wonke umuntu ongasohlangothini lweqiniso uyalilalela izwi lami.” 38 UPilatu wathi kuye: “Liyini iqiniso?”
Ngemva kokusho lokhu, waphuma waya kumaJuda wathi kuwo: “Angitholi phutha kuye. + 39 Ngaphezu kwalokho, ninenqubo yokuthi nginikhululele umuntu ngePhasika. + Manje niyafuna yini ukuba nginikhululele iNkosi yamaJuda?” 40 Aphinde amemeza athi: “Hhayi lo muntu, kodwa uBharaba!” UBharaba wayengumphangi. *+
19 Ngemva kwalokho, uPilatu wathatha uJesu wambhaxabula. + 2 Amasosha aluka umqhele wameva awubeka ekhanda lakhe ayesemgqokisa ingubo ephephuli, + 3 ayelokhu esondela kuye ethi: “Sawubona* Nkosi yamaJuda!” Ayelokhu emshaya nangezimpama. + 4 UPilatu waphinde waphumela ngaphandle wathi kumaJuda: “Bhekani! Ngimkhiphela ngaphandle kini ukuze nazi ukuthi angitholi phutha kuye.” + 5 Ngakho uJesu waphumela ngaphandle, efake umqhele wameva nengubo ephephuli. UPilatu wathi kuwo: “Bhekani le ndoda!” 6 Nokho, lapho abapristi abakhulu nezikhonzi bembona, bamemeza bathi: “Mbethele esigxotsheni! Mbethele esigxotsheni!” *+ UPilatu wathi kubo: “Mthatheni nina nimbethele,* ngoba mina angitholi phutha kuye.” + 7 AmaJuda amphendula: “Sinomthetho thina, futhi ngokwalo mthetho kufanele afe, + ngoba uzenze indodana kaNkulunkulu.” +
8 Lapho uPilatu ezwa lokhu ababekusho wesaba ngisho nakakhulu, 9 waphinde wangena lapho kuhlala khona umbusi wathi kuJesu: “Ungowaphi wena?” Kodwa uJesu akamphendulanga. + 10 Ngakho uPilatu wathi kuye: “Awufuni ukukhuluma nami? Awazi ukuthi nginegunya lokukukhulula futhi nginegunya lokukubethela?”* 11 UJesu wamphendula: “Ubungeke neze ube negunya phezu kwami ngaphandle kokuba ulinikezwe phezulu. Yingakho umuntu onginikele kuwe enesono esikhulu kakhulu.”
12 Ngenxa yalesi sizathu uPilatu wayelokhu efuna indlela yokumkhulula, kodwa amaJuda amemeza, athi: “Uma umkhulula lo muntu, awuyena umngani kaKhesari. Wonke umuntu ozenza inkosi ukhuluma ngokumelene* noKhesari.” + 13 Ngakho, ngemva kokuzwa la mazwi, uPilatu wamkhiphela ngaphandle uJesu, wahlala phansi esihlalweni sokwahlulela endaweni ebizwa ngokuthi uMgandayo Wamatshe, kodwa ngesiHebheru ebizwa ngokuthi i-Gabhatha. 14 Manje kwakuwusuku lokuLungiselela + iPhasika; cishe kwakuyihora lesithupha.* Wathi kumaJuda: “Bhekani! Inkosi yenu!” 15 Nokho, wona amemeza athi: “Msuse! Msuse! Mbethele esigxotsheni!”* UPilatu wathi kuwo: “Ngibethele inkosi yenu?” Abapristi abakhulu baphendula: “Asinankosi ngaphandle kukaKhesari.” 16 Ngakho, wamnikela kuwo ukuba abulawe* esigxotsheni. +
Abe esemthatha uJesu. 17 Ezithwalele yena isigxobo sokuhlushwa,* waphuma waya endaweni okuthiwa iNdawo Yogebhezi, + ebizwa ngokuthi i-Golgotha ngesiHebheru. + 18 Ambethela lapho esigxotsheni + namanye amadoda amabili, enye ngakulolu hlangothi nenye ngakuloluya, uJesu waba phakathi. + 19 UPilatu wabhala nombhalo wawubeka esigxotsheni sokuhlushwa.* Wawuthi: “UJesu UmNazaretha INkosi YamaJuda.” + 20 Abaningi kumaJuda bawufunda lo mbhalo, ngoba indawo uJesu ayebethelwe kuyo esigxotsheni yayiseduze kwedolobha, wawubhalwe ngesiHebheru, ngesiLatini nangesiGreki. 21 Nokho, abapristi abakhulu bamaJuda bathi kuPilatu: “Ungabhali ukuthi ‘INkosi YamaJuda,’ kodwa ukuthi yena wathi, ‘NgiyiNkosi YamaJuda.’ ” 22 UPilatu waphendula: “Engikubhalile ngikubhalile.”
23 Manje lapho amasosha esembethele uJesu esigxotsheni, athatha izingubo zakhe zangaphandle azihlukanisa zaba izingxenye ezine, isosha ngalinye lathatha ingxenye eyodwa, athatha nengubo yangaphansi. Kodwa le ngubo yangaphansi yayingenawo umthungo, njengoba yayilukiwe kusukela phezulu kuya phansi. 24 Ngakho athi elinye kwelinye: “Masingayidabuli, kodwa masitholeni ngenkatho ukuthi izoba ngekabani.” + Lokhu kwenzeka ukuze kugcwaliseke lo mbhalo: “Bahlukaniselana ngezingubo zami, benza inkatho ngezingubo zami.” + Ngakho amasosha azenza ngempela lezi zinto.
25 Ngasesigxotsheni sokuhlushwa* sikaJesu, kwakumi unina + nodadewabo kanina; uMariya umkaKleyophase noMariya Magdalena. + 26 Lapho uJesu ebona unina nomfundi ayemthanda + bemi lapho, wathi kunina: “Sifazane, bheka! Indodana yakho!” 27 Ngokulandelayo wathi kulo mfundi: “Bheka! Umama wakho!” Kusukela kulelo hora kuqhubeke, lo mfundi wamthatha wamyisa emzini wakhe.
28 Ngemva kwalokhu, lapho uJesu esazi ukuthi ngalesi sikhathi zonke izinto sezifeziwe, ukuze umbhalo ugcwaliseke wathi: “Ngomile.” + 29 Kwakunojeke lapho ogcwele iwayini elimuncu. Ngakho bahloma isipontshi esigcwele iwayini elimuncu esihlokweni senduku yehisopi,* basiphakamisela emlonyeni wakhe. + 30 Lapho eselamukele iwayini elimuncu, uJesu wathi: “Kufeziwe!” + futhi ekhothamisa ikhanda, wawunikela umoya wakhe. *+
31 Njengoba kwakuwusuku lokuLungiselela, + amaJuda acela kuPilatu ukuba kuphulwe imilenze yabo futhi izidumbu zisuswe, ukuze izidumbu zingahlali ezigxotsheni zokuhlushwa + ngeSabatha, (ngoba lolo suku lweSabatha lwalulukhulu). + 32 Ngakho, amasosha eza, aphula imilenze yendoda yokuqala, neyalena enye indoda eyayisesigxotsheni eceleni kwakhe. 33 Kodwa lapho efika kuJesu, awazange ayiphule eyakhe imilenze, ngoba abona ukuthi wayesefile. 34 Kodwa elinye lamasosha lamgwaza ohlangothini ngomkhonto, + masinyane kwaphuma igazi namanzi. 35 Lowo okubonile lokhu ufakazile, ubufakazi bakhe buyiqiniso, futhi uyazi ukuthi lokho akushoyo kuyiqiniso, ukuze nani nikholwe. + 36 Eqinisweni, lezi zinto zenzeka ukuze kugcwaliseke lo mbhalo: “Akukho thambo lakhe eliyophulwa.” *+ 37 Omunye umbhalo ubuye uthi: “Bayombheka lowo abamgwaza.” +
38 Ngemva kwalezi zinto, uJosefa wase-Arimatheya, owayengumfundi kaJesu kodwa ekufihla ngoba esaba amaJuda, + wacela kuPilatu ukuba asuse isidumbu sikaJesu, uPilatu wavuma. Ngakho wafika wasisusa isidumbu sakhe. + 39 UNikhodemu, + umuntu owayefike kuye ebusuku okokuqala, naye weza elethe ingxube* yemure nenhlaba, isisindo sayo singamaphawundi* acishe abe yikhulu. + 40 Ngakho basithatha isidumbu sikaJesu basibopha ngezindwangu zelineni ezineziqholo, + ngokwesiko lamaJuda lokungcwaba. 41 Kwenzeka ukuthi endaweni ayebethelwe kuyo* kwakukhona ingadi, kuleyo ngadi kwakukhona ithuna elisha, + okwakungakaze kungcwatshwe muntu kulo. 42 Ngenxa yokuthi kwakuwusuku lokuLungiselela + lwamaJuda, futhi leli thuna laliseduze, bambeka lapho uJesu.
20 Ngosuku lokuqala lwesonto uMariya Magdalena wafika ethuneni ekuseni, + kusemnyama, wabona ukuthi itshe lase lisusiwe ethuneni. + 2 Ngakho weza egijima kuSimoni Petru nakulona omunye umfundi uJesu ayemthanda, + wathi kubo: “Bayisusile iNkosi ethuneni, + asazi ukuthi bayibekephi.”
3 Khona-ke uPetru nalona omunye umfundi baphuma baya ethuneni. 4 Bobabili bagijima kanyekanye, kodwa lona omunye umfundi wagijima wamshiya uPetru, wafika kuqala ethuneni. 5 Lapho elunguza, wabona izindwangu zelineni zilapho phansi, + kodwa akazange angene. 6 USimoni Petru naye weza emlandela, wangena ethuneni. Wabona izindwangu zelineni zilapho phansi. 7 Indwangu eyayisekhanda lakhe yayingekho kanye nezinye izindwangu kodwa yayigoqwe yodwa eceleni. 8 Nalona omunye umfundi owayefike kuqala ethuneni naye wangena, wabona futhi wakholwa. 9 Ngoba babengakawuqondi umbhalo othi kumele avuke kwabafile. + 10 Ngakho laba bafundi babuyela emakhaya.
11 Nokho, uMariya waqhubeka emi ngaphandle eduze kwethuna, ekhala. Lapho esakhala, walunguza ethuneni, 12 wabona izingelosi ezimbili + zigqoke okumhlophe zihlezi lapho kwakukade kulele khona isidumbu sikaJesu, enye ngasekhanda nenye ngasezinyaweni. 13 Zathi kuye: “Sifazane, ukhalelani?” Wathi kuzo: “Bayithathile iNkosi yami, angazi ukuthi bayibekephi.” 14 Ngemva kokusho lokhu, waphenduka futhi wabona uJesu emile, kodwa wayengazi ukuthi kwakunguJesu. + 15 UJesu wathi kuye: “Sifazane, ukhalelani? Ufuna bani?” Yena ecabanga ukuthi ngumuntu osebenza engadini, wathi kuye: “Mnumzane, uma umthathile, ngitshele ukuthi umbekephi, ngizomthatha.” 16 UJesu wathi kuye: “Mariya!” Lapho ephenduka wathi kuye, ngesiHebheru: “Raboni!” (okusho ukuthi “Mfundisi!”) 17 UJesu wathi kuye: “Yeka ukunamathela kimi, ngoba angikanyukeli kuBaba. Kodwa hamba uye kubafowethu + uthi kubo, ‘Nginyukela kuBaba + noYihlo, kuNkulunkulu wami + noNkulunkulu wenu.’ ” 18 UMariya Magdalena weza waletha lezi zindaba kubafundi wathi: “Ngiyibonile iNkosi!” Wabatshela izinto eyayimtshele zona. +
19 Lapho selishonile ngalolo suku, usuku lokuqala lwesonto, futhi iminyango yayikhiyiwe lapho abafundi babekhona ngenxa yokwesaba amaJuda, uJesu wafika wama phakathi kwabo wathi kubo: “Kwangathi ningaba nokuthula.” + 20 Ngemva kokusho lokhu, wababonisa izandla zakhe nohlangothi lwakhe. + Khona-ke abafundi bajabula lapho bebona iNkosi. + 21 UJesu waphinda wathi kubo: “Kwangathi ningaba nokuthula. + Njengoba nje uBaba engithumile, + nami ngiyanithuma.” + 22 Ngemva kokusho lokhu wabaphephetha wathi kubo: “Yamukelani umoya ongcwele. + 23 Uma nithethelela izono zanoma yimuphi umuntu, zithethelelwe; uma ningazithetheleli ezanoma yimuphi umuntu, azithethelelwe.”
24 Kodwa uTomase, + omunye wabayiShumi Nambili, owayebizwa ngokuthi iWele, wayengekho kanye nabo lapho uJesu efika. 25 Ngakho abanye abafundi bamxoxela bathi: “Siyibonile iNkosi!” Kodwa yena wathi kubo: “Ngaphandle kokuba ngibone amanxeba* ezipikili ezandleni zayo futhi ngifake umunwe wami kulawo manxeba ezipikili, ngibeke nesandla sami ohlangothini lwayo, + ngeke ngikholwe.”
26 Nokho, ngemva kwezinsuku ezingu-8 abafundi bakhe babesendlini futhi, noTomase ekanye nabo. UJesu wafika, nakuba iminyango yayikhiyiwe, wama phakathi kwabo wathi: “Kwangathi ningaba nokuthula.” + 27 Ngemva kwalokho wathi kuTomase: “Faka umunwe wakho lapha, ubone izandla zami, uthathe isandla sakho uthinte uhlangothi lwami, uyeke ukungabaza* kodwa ukholwe.” 28 UTomase waphendula wathi kuye: “Nkosi yami, Nkulunkulu wami!” 29 UJesu wathi kuye: “Ingabe usuyakholwa ngoba usungibonile? Bayajabula labo okuthi nakuba bengabonanga nokho bakholwe.”
30 Empeleni, uJesu wenza nezinye izibonakaliso eziningi phambi kwabafundi, ezingabhalwanga kulo mqulu. + 31 Kodwa lezi zibhaliwe ukuze nikholwe ukuthi uJesu unguKristu iNdodana kaNkulunkulu, futhi ngenxa yokukholwa, nibe nokuphila ngegama lakhe. +
21 Ngemva kwalokhu uJesu waphinde wazibonakalisa* kubafundi oLwandle LwaseThibheriya. Wazibonakalisa ngale ndlela. 2 Kwakuhlangene uSimoni Petru, uTomase (owayebizwa ngokuthi iWele), + uNathanayeli + waseKhana laseGalile, amadodana kaZebedewu + nabanye ababili kubafundi bakhe. 3 USimoni Petru wathi kubo: “Ngisaya kodoba.” Bathi kuye: “Sihamba nawe.” Baphuma bangena esikebheni, kodwa phakathi nalobo busuku ababambanga lutho. +
4 Nokho, lapho kusa, uJesu wama ogwini, kodwa abafundi babengaboni ukuthi nguJesu. + 5 UJesu wabe esethi kubo: “Bantwana, ninakho yini okudliwayo?”* Bamphendula bathi: “Cha!” 6 Wathi kubo: “Phonsani inethi ngakwesokudla sesikebhe nizozithola izinhlanzi.” Ngakho baliphonsa, kodwa ababange besakwazi ukulidonsela ngaphakathi ngenxa yobuningi bezinhlanzi. + 7 Ngemva kwalokho umfundi uJesu ayemthanda + wathi kuPetru: “YiNkosi!” Lapho uSimoni Petru ezwa ukuthi yiNkosi, wagqoka* ingubo yakhe yangaphandle, ngoba wayenqunu,* wagxumela olwandle. 8 Kodwa abanye abafundi beza ngesikebhe esincane, bedonsa inethi eligcwele izinhlanzi, ngoba babengekude nendawo eyomile, babeqhele ngamamitha acishe abe ngu-90* kuphela.
9 Lapho befika ogwini babona umlilo wamalahle, kukhona phezu kwawo izinhlanzi nesinkwa. 10 UJesu wathi kubo: “Lethani ezinye zezinhlanzi enisanda kuzibamba.” 11 Ngakho uSimoni Petru wagibela esikebheni wadonsela inethi ogwini, ligcwele izinhlanzi ezinkulu ezingu-153. Nakuba zaziziningi kangako, inethi alizange lidabuke. 12 UJesu wathi kubo: “Wozani, yidlani ukudla kwenu kwasekuseni.” Akekho noyedwa kubafundi owaba nesibindi sokumbuza ukuthi: “Ungubani?” ngoba babazi ukuthi yiNkosi. 13 UJesu weza wathatha isinkwa wabanika sona, nezinhlanzi ngokufanayo. 14 Manje lokhu kwase kungokwesithathu + uJesu ebonakala kubafundi ngemva kokuvuswa kwakhe kwabafile.
15 Lapho sebedle ukudla kwasekuseni, uJesu wathi kuSimoni Petru: “Simoni ndodana kaJona, uyangithanda yini ngaphezu kwalezi?” Wathi kuye: “Yebo Nkosi, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.” Wathi kuye: “Yondla amawundlu ami.” + 16 Wabuye wathi kuye okwesibili: “Simoni ndodana kaJona, uyangithanda yini?” Wathi kuye: “Yebo Nkosi, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.” Wathi kuye: “Yalusa amawundlu ami.” + 17 Wathi kuye okwesithathu: “Simoni ndodana kaJona, uyangithanda yini?” UPetru waba lusizi ngoba wayembuza okwesithathu ukuthi: “Uyangithanda yini?” Ngakho wathi kuye: “Nkosi, wazi zonke izinto; uyazi ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu wathi kuye: “Yondla amawundlu ami. + 18 Ngiqinisile impela ngithi kuwe, lapho usemncane, wawuzigqokisa bese uhamba uye lapho ufuna khona. Kodwa lapho uguga uyokwelula izandla zakho, omunye umuntu akugqokise akuyise lapho ungathandi khona.” 19 Lokhu wakusho ukuze abonise ukuthi luhlobo luni lokufa ayezokhazimulisa ngalo uNkulunkulu. Ngemva kokusho lokhu, wathi kuye: “Qhubeka ungilandela.” +
20 UPetru waphenduka wabona umfundi uJesu ayemthanda + elandela, lowo owancika esifubeni sakhe ngesikhathi sesidlo sakusihlwa wathi: “Nkosi, ubani okukhaphelayo?” 21 Ngakho, lapho uPetru embona, wathi kuJesu: “Nkosi, kuzokwenzekani kule ndoda?” 22 UJesu wathi kuye: “Uma kuyintando yami ukuba ahlale ngize ngifike, kukukhathaza ngani wena lokho? Wena qhubeka ungilandela.” 23 Ngakho, leli zwi lasakazeka phakathi kwabafowethu, ukuthi lowo mfundi wayengeke afe. Nokho, uJesu akazange athi kuye wayengeke afe, kodwa wathi: “Uma kuyintando yami ukuba ahlale ngize ngifike, kukukhathaza ngani wena lokho?”
24 Nguye lo mfundi + ofakaza ngalezi zinto nowabhala lezi zinto, futhi siyazi ukuthi ubufakazi bakhe buyiqiniso.
25 Eqinisweni, kukhona nezinye izinto eziningi uJesu azenza, engicabanga ukuthi uma imininingwane yazo egcwele ibingalotshwa, izwe ngokwalo belingeke likwazi ukuyiqukatha imiqulu ebiyolotshwa. +
Noma, “wayengowasezulwini.”
Kubhekiselwa kuLizwi.
Noma, “umuntu.”
Noma, “umusa ongafanelwe.”
Noma, “osesifubeni sikaBaba.” Lokhu kubhekisela ebuhlotsheni obukhethekile.
Bheka iSithasiselo A5.
Okuwukuthi, cishe ngo-4:00 ntambama.
NgesiGreki, “Kuyini kimi nawe, sifazane?” Lesi yisisho esibonisa ukwenqaba. Ukusetshenziswa kwelithi “sifazane” akubonisi ukwedelela.
Cishe isikali soketshezi kwakuyibhathi elalilingana no-22 L. Bheka iSithasiselo B14.
Noma, “imakethe; indlu yebhizinisi.”
Noma kungaba, “azalwe ngokwaphezulu.”
Noma, “ingasolwa.”
Noma, “uqinisekisile.”
Noma, “akasinikezi umoya wakhe ngesikali.”
NgesiGreki, “uJesu wayenza.”
Noma, “eduze kwesiphethu.”
Okuwukuthi, cishe ngo-12:00 emini.
Noma, “wayelulama.”
Okuwukuthi, cishe ngo-1:00 ntambama.
Noma, “ashwabene.”
Bheka iSithasiselo A3.
Noma, “uBaba enesipho sokuphila.”
Okuwukuthi, amathuna alabo abafile futhi abasenkumbulweni kaNkulunkulu.
Okuwukuthi, imiBhalo.
Bheka iSithasiselo B14.
NgesiGreki, “ibanga elingangezinkundla zemidlalo ezingaba ngu-25 noma ezingaba ngu-30.” Bheka iSithasiselo B14.
Bheka iSithasiselo A5.
NgesiGreki, “aninakho ukuphila kini ngaphakathi.”
Noma kungaba, “emhlanganweni womphakathi.”
Okuwukuthi, abaphostoli abangu-12.
Noma, “ungudeveli.”
Okuwukuthi, abaphostoli abangu-12.
Noma, “ezulazula.”
Noma, “Wamadokodo.”
Okuwukuthi, engafundile ezikoleni zorabi.
Noma, “bayombopha.”
Noma, “ukumbopha.”
Imibhalo yesandla yasendulo eminingi nehlonishwayo ayinalo ivesi 53 kuya kusahluko 8 ivesi 11.
Noma, “ngokokubona komuntu.”
Noma, “ngokuziphatha kabi ngokocansi.” NgesiGreki, i-por·neiʹa. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “lapho eqala.”
Umuntu ocela imali nezinye izinto kwabanye.
Noma, “ngomphefumulo wakhe.”
Noma, “ngomphefumulo wami.”
Noma, “ngomphefumulo wami.”
Noma, “sinobunye.”
Noma, “Ninjengonkulunkulu.”
NgesiGreki, “ngebanga elingangezinkundla zemidlalo ezingaba ngu-15.” Bheka iSithasiselo B14.
NgesiGreki, “waquma emoyeni.”
Okuwukuthi, ithempeli.
Noma, “bambophe.”
Noma, “ababehlezi etafuleni kanye.”
Okuwukuthi, iphawundi lamaRoma, elingaba ngu-327 g. Bheka iSithasiselo B14.
Bheka iSithasiselo B14.
Lesi isicelo esiya kuNkulunkulu sokuba asindise uJesu.
Bheka iSithasiselo A5.
Noma, “umphefumulo.”
Noma, “umphefumulo.”
Bheka iSithasiselo A5.
Noma, “nokholo embikweni wethu.”
Bheka iSithasiselo A5.
NgesiGreki, “ukudunyiswa.”
NgesiGreki, “kokudunyiswa.”
Noma, “nani nibophekile ukuba.”
NgesiHebheru, “ungiphakamisele isithende sakhe.”
NgesiGreki, “esifubeni.”
Noma, “umduduzi.”
Noma, “niyizintandane.”
Noma, “akanamandla phezu kwami.”
NgesiGreki, “uyawahlanza.”
Womabili amagama, elithi “lowo” nelithi “yena” emavesini 13 no-14 asho “umsizi” okukhulunywa ngaye evesini 7. UJesu wasebenzisa igama elithi “umsizi” (elinobulili besilisa ngesiGreki) njengesenzasamuntu somoya ongcwele, amandla angesiye umuntu, angenabo ubulili ngesiGreki.
NgesiGreki, “nosizi.”
Noma, “isintu; abantu.”
Noma, “ukuba bafunde ngawe.”
Noma, “Ngilibonakalisile.”
Noma, “balilalelile.”
Noma, “nobunye.”
Noma, “sinobunye.”
Noma, “Benze bahluke; Benze babe ngcwele.”
Noma, “ukuze bapheleliswe ekubeni munye.”
Noma, “kwesifufula sasebusika.”
Noma, “wayemi esangweni.”
Noma, “ubengesona isigebengu.”
Noma, “wayeyisigebengu.”
Noma, “Bayede.”
Noma, “Mbulalele esigxotsheni! Mbulalele esigxotsheni!”
Noma, “nimbulale esigxotsheni.”
Noma, “lokukubulala esigxotsheni.”
Noma, “uphikisana.”
Okuwukuthi, cishe ngo-12:00 emini.
Noma, “Mbulalele esigxotsheni.”
Noma, “abethelwe.”
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “wafa.”
Noma, “eliyochotshozwa.”
Noma kungaba, “umqulu.”
Okuwukuthi, amaphawundi aseRoma. Bheka iSithasiselo B14.
Noma, “ayebulawelwe kuyo esigxotsheni.”
Noma, “izibazi.”
NgesiGreki, “ukungakholwa.”
Noma, “wabonakala.”
Noma, “ninazo yini izinhlanzi?”
Noma, “wabhinca.”
Noma, “wayegqoke ingubo yangaphansi kuphela.”
NgesiGreki, “cishe ngezingalo ezingu-200.” Bheka iSithasiselo B14.