AmaHubo
Kumqondisi. Elamadodana kaKhora. + Ihubo.
47 Shayani ihlombe, nonke nina zizwe.
Dumisani uNkulunkulu nimemeze ngenjabulo.
6 Hubelani* uNkulunkulu, hubani ingoma yokudumisa.
Hubelani iNkosi yethu, hubani ingoma yokudumisa.
8 UNkulunkulu useyiNkosi phezu kwezizwe. +
UNkulunkulu uhleli esihlalweni sakhe sobukhosi esingcwele.
9 Abaholi bezizwe babuthene
Kanye nesizwe sikaNkulunkulu ka-Abrahama.
Ngoba ababusi* bomhlaba bangabakaNkulunkulu.
Uphakeme kakhulu. +