17 “Umoya wami uphukile, izinsuku zami zicinyiwe;
Ithuna lingilindile. +
2 Ngizungezwe abahleki bosulu, +
Iso lami kumele ligqolozele ukuziphatha kwabo kokudlubulunda.
3 Ngicela wamukele isibambiso sami, usigcine kuwe.
Ubani omunye ozoxhawulana nami enze isithembiso ngenxa yami? +
4 Ngoba ukufihlile ukuqonda ezinhliziyweni zabo; +
Yingakho ungabaphakamisi.
5 Umuntu angase aphe abangani bakhe izinto zakhe,
Kuyilapho amehlo ezingane zakhe efiphala.
6 UNkulunkulu ungenze inhlekisa phakathi kwezizwe, +
Kangangokuba ngaba umuntu okhafulelwa ebusweni. +
7 Amehlo ami awasaboni kahle ngenxa yokukhathazeka, +
Izingalo nemilenze yami kunjengethunzi.
8 Abantu abaqotho bayamangala lapho bebona lokhu,
Nomsulwa uphazanyiswa ongamesabi uNkulunkulu.
9 Olungile ulokhu ebambelele ngokuqinile endleleni yakhe, +
Nonezandla ezihlanzekile uba namandla. +
10 Nokho, nonke ningeza nizoqhubeka nokuphikisa kwenu,
Ngoba angikatholi muntu ohlakaniphile phakathi kwenu. +
11 Izinsuku zami ziphelile; +
Amacebo kanye nezifiso zami kushabalele. +
12 Ubusuku bami babuphendula imini,
Bethi, ‘Kumele ukuba ukukhanya sekuseduze ngoba kumnyama.’
13 Uma ngilinda, iThuna liyoba ikhaya lami; +
Ngiyokwendlala umbhede wami ebumnyameni. +
14 Ngiyothi egodini, + ‘Ungubaba wami!’
Empethwini ngithi, ‘Ungumama wami nodadewethu!’
15 Likuphi-ke ithemba lami? +
Ubani ongangibonela lona?
16 Liyokwehlela emigoqweni yeThuna,
Nami ngiyokwehlela othulini kanye nalo.” +