Eyokuqala YeziKronike
14 UHiramu inkosi + yaseThire wathumela izithunywa kuDavide, amapulangwe omsedari, abasebenza ngetshe* nababazi ukuze bayomakhela indlu. *+ 2 UDavide wayazi ukuthi uJehova wayemmise ngokuqinile njengenkosi phezu kuka-Israyeli, + ngoba ubukhosi bakhe babuphakanyiswe kakhulu ngenxa yabantu baKhe u-Israyeli. +
3 UDavide wathatha abanye abafazi + eJerusalema, wazala amanye amadodana namadodakazi. + 4 Yilawa amagama abantwana azalelwa bona eJerusalema: + UShamuwa, uShobabi, uNathani, + uSolomoni, + 5 u-Ibhari, u-Elishuwa, u-Elipheleti, 6 uNoga, uNefegi, uJafiya, 7 u-Elishama, uBeyeliyada no-Elifeleti.
8 Lapho amaFilisti ezwa ukuthi uDavide ugcotshwe waba inkosi phezu kwawo wonke u-Israyeli, + wonke amaFilisti akhuphuka ezofuna uDavide. + Lapho uDavide ezwa ngakho, waphuma wayokulwa nawo. 9 AmaFilisti afika alokhu etheleka eSigodini* SamaRefa. + 10 UDavide wabuza uNkulunkulu, wathi: “Ngikhuphuke yini ngiyokulwa namaFilisti? Uzowanikela yini esandleni sami?” UJehova wathi kuye: “Khuphuka, nakanjani ngizowanikela esandleni sakho.” + 11 Ngakho uDavide wakhuphukela eBhali-pherazimi, + wafike wawabulala lapho. Ngenxa yalokho uDavide wathi: “UNkulunkulu weqiniso uhambe phambi kwami njengezikhukhula zamanzi wafike wazibhubhisa izitha zami.” Yingakho baqamba leyo ndawo ngokuthi iBhali-pherazimi.* 12 AmaFilisti abashiya lapho onkulunkulu bawo, futhi lapho uDavide ekhipha umyalo, bashiswa ngomlilo. +
13 Kamuva amaFilisti aphinda atheleka esigodini. *+ 14 UDavide waphinda wabuza uNkulunkulu, kodwa uNkulunkulu weqiniso wathi kuye: “Ungakhuphuki uqonde kuwo. Kunalokho, zungeza uye ngemva kwawo, uwaqhamukele phambi kwezihlahla zamabhakha. + 15 Lapho uzwa umsindo wokumasha phezu kwezihlahla zamabhakha, hlasela ngoba uNkulunkulu weqiniso uyobe ephume ngaphambi kwakho ukuze anqobe ibutho lamaFilisti.” + 16 Ngakho uDavide wenza njengoba nje uNkulunkulu weqiniso ayemyalile, + futhi balibulala ibutho lamaFilisti kusukela eGibheyoni kuya eGezeri. + 17 Udumo lukaDavide lwasakazekela kuwo wonke amazwe, uJehova wamenza wesatshwa yizo zonke izizwe. +