ULwesine, Ephreli 23
UKristu Jesu weza emhlabeni ezosindisa izoni.—1 Thim. 1:15.
Ake ucabange upha umuntu omthandayo isipho esikhethekile esihle nesiwusizo. Ubungaphatheka kabi uma lowo muntu ubengasithatha asifake ebhokisini futhi amane akhohlwe yiso! Ngakolunye uhlangothi, ubuyojabula uma esisebenzisa kahle isipho omuphe sona futhi ebonisa ukuthi uyabonga ngaso. Liyini iphuzu? UJehova unikele ngeNdodana yakhe ukuba ife ngenxa yethu. Kumele ukuba uJehova uyajabula lapho sibonisa ukuthi siyabonga ngaleso sipho esiyigugu nangothando lwakhe, olwamenza wasilungiselela isihlengo! (Joh. 3:16; Roma 5:7, 8) Nokho, njengoba isikhathi sihamba singase siqale ukusithatha kalula isihlengo. Lokho bekuyofana nokuthatha isipho sikaNkulunkulu sisifake ebhokisini. Siyajabula ngaso, kodwa sisibeka le kude. Ukuze singakwenzi lokho, kumele sidamane sicabanga ngalokho uNkulunkulu noKristu abasenzele kona. w25.01 26 ¶1-2
ULwesihlanu, Ephreli 24
Zindla ngalezi zinto; ugxile kuzo, ukuze intuthuko yakho ibonakale ngokucacile kubo bonke abantu.—1 Thim. 4:15.
Umzalwane ofanelekela ukuba umdala akungabi umuntu osanda kuguquka. Nakuba kungadingeki ube umuntu oseneminyaka eminingi ebhapathiziwe, udinga isikhathi esanele ukuze ube umKristu ovuthiwe. Ngaphambi kokuba umiswe njengomdala, njengoJesu kumele ubonise ukuthi uthobekile futhi wanelisekile ngesabelo osenzayo, ukulungele ukulinda uJehova akunike izabelo ezengeziwe ngesikhathi esifanele. (Math. 20:23; Fil. 2:5-8) Ungafakazela ukuthi uthembekile ngokunamathela kuJehova nasemthethweni yakhe yokulungile nangokulalela isiqondiso esivela enhlanganweni yakhe. ImiBhalo isho ngokucacile ukuthi ababonisi kumele bakwazi ukufundisa. Ingabe lokho kusho ukuthi kumele ube umuntu onekhono lokufundisa? Cha. Akubona bonke abadala abayizikhulumi ezinhle. Noma kunjalo, bafundisa kahle lapho beshumayela noma benza ukuhambela kokwelusa. w24.11 23-24 ¶14-15
UMgqibelo, Ephreli 25
Ngiyithanda imiyalo yakho ngaphezu kwegolide, yebo igolide elicwengekile.—IHu. 119:127.
Uma ufunda okuthile ongakuqondi kahle eBhayibhelini, cwaninga ngakho. Njengoba usuku luqhubeka, zindla ngalokho okutholile nangokuthi kukufundisani ngoJehova, ngeNdodana yakhe nangendlela abakuthanda ngayo. (IHu. 119:97, mbhw.) Ungadikibali uma ungayitholi njalo into entsha noma ejabulisayo lapho ufunda noma ucwaninga. Ngomqondo othile, ufana nomuntu ozama ukuthola igolide. Ngokuvamile, ngesineke abantu abazama ukuthola igolide bachitha amahora noma izinsuku ngaphambi kokuba bathole iqhuzwana nje legolide. Noma kunjalo, bayaphikelela ngoba ngisho igolide elincane liyigugu kubo. Yonke into entsha esiyifunda eBhayibhelini iyigugu ngisho nakakhulu! (IzAga 8:10) Ngakho yiba nesineke, uqhubeke nesimiso sakho sokufunda iBhayibheli.—IHu. 1:2. w25.01 25 ¶14-15