Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp17 No. 4 k. 3
  • Umbuzo Oyindida

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umbuzo Oyindida
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2017
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yini Abantu Abayikholelwayo Ngokuphila Ngemva Kokufa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Ingabe Kukhona Ukuphila Ngemva Kokufa?
    Kwenzekani Kithina Lapho Sifa?
  • Ithemba Elingcono Ngomphefumulo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Umbono Wakho Ngomphefumulo Uyakuthinta Ukuphila Kwakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2017
wp17 No. 4 k. 3
Owesifazane uthandaza ephethe irosari phambi kwamakhandlela avuthayo

Abalandeli bezinkolo eziningi bakholelwa ukuthi umphefumulo awufi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | LITHINI IBHAYIBHELI NGOKUFA NOKUPHILA?

Umbuzo Oyindida

KUNEMIBONO ehlukahlukene mayelana nokuthi kwenzekani uma sesifile. Abanye banomuzwa wokuthi lapho sebefile bayaqhubeka bephila bekwesinye isimo noma kwenye indawo. Abanye bacabanga ukuthi bayozalwa kabusha baphile kwenye indawo. Kodwa abanye bacabanga ukuthi lapho sebefile basuke bengasaphili.

Kungenzeka nawe kukhona okukholelwayo kuye ngendlela okhuliswe ngayo nendawo owakhulela kuyo. Njengoba kunemibono ehlukahlukene mayelana nokuthi kwenzekani lapho umuntu efa, ukhona yini umuntu noma indawo esingathola kuyo impendulo eyiqiniso yalo mbuzo oyindida?

Sekuyiminyaka eminingi abefundisi befundisa ukuthi kunokuthile okungaphakathi kumuntu okungafi lapho umuntu efa. Abalandeli bazo zonke izinkolo ezinkulu zobuKristu, ubuHindu, ubuJuda, ubuSulumane kanye nezinye, bakholelwa ukuthi kunomphefumulo ongaphakathi kumuntu ongafi lapho umzimba ufa bese uphila endaweni yemimoya. Ngakolunye uhlangothi, amaBuddha akholelwa ukuthi lapho umuntu efa uzalwa kabusha abe sesimweni sokuthula nenjabulo.

Abantu babekela abantu asebashona ukudla

Ngenxa yalezi zinkolelo, iningi labantu emhlabeni likholelwa ukuthi lapho umuntu efa uyaqhubeka ephila kwenye indawo. Kwabaningi, ukufa kuyinto ebalulekile ekuphileni futhi bathi kuyintando kaNkulunkulu. Lithini iBhayibheli ngale ndaba? Sicela ufunde isihloko esilandelayo. Impendulo ozoyithola kungenzeka ikumangaze.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela