Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w15 9/1 k. 5
  • Yini OFakazi BakaJehova Abayikholelwayo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yini OFakazi BakaJehova Abayikholelwayo?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yini OFakazi BakaJehova Abayikholelwayo?
    Yini OFakazi BakaJehova Abayikholelwayo?
  • OFakazi BakaJehova
    Ukubonisana NgemiBhalo
  • Kungani Sishumayela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Yini OFakazi BakaJehova Abayikholelwayo?
    Imibuzo Evame Ukubuzwa
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
w15 9/1 k. 5
Umbhangqwana ongoFakazi BakaJehova utadisha iBhayibheli nezingane zawo

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | BANGOBANI OFAKAZI BAKAJEHOVA?

Yini oFakazi BakaJehova abayikholelwayo?

OFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi “yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo.” (2 Thimothewu 3:16) Sisebenzisa iBhayibheli njengesiqondiso esiwusizo ukuze sifunde ngoMdali futhi siphile ukuphila okunenjongo.

IBhayibheli lithi: “Ukuze abantu bazi ukuthi wena, ogama lakho linguJehova, Wena wedwa ungoPhezukonke emhlabeni wonke.” (IHubo 83:18) Ngakho, sikhulekela uJehova uNkulunkulu kuphela futhi njengofakazi bakhe silwela ukwenza igama lakhe laziwe.​—⁠Isaya 43:​10-12.

NjengamaKristu, sikholelwa ukuthi uJesu, “iNdodana kaNkulunkulu,”a weza emhlabeni futhi waba uMesiya. (Johane 1:​34, 41; 4:​25, 26) Ngemva kokufa kwakhe, uJesu wavuselwa ezulwini. (1 Korinte 15:​3, 4) Kamuva waba iNkosi yoMbuso kaNkulunkulu. (IsAmbulo 11:15) Lowo Mbuso unguhulumeni ongokoqobo oyobuyisela iPharadesi emhlabeni. (Daniyeli 2:44) IBhayibheli lithi: “Abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.”​—⁠IHubo 37:​11, 29.

“Lapho befunda iBhayibheli, bakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhuluma nabo. Noma nini lapho kuvela izinkinga ekuphileni kwabo, bathatha iZwi likaNkulunkulu bacwaninge ukuze bathole izixazululo. . . . Kubo iZwi likaNkulunkulu lisaphila.”​—Umfundisi wamaKatolika uBenjamin Cherayath, ephephandabeni laseJalimane i-Münsterländische Volkszeitung

OFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi izimiso zeBhayibheli zingabazuzisa abantu ngisho nanamuhla. (Isaya 48:​17, 18) Ngakho, senza konke okusemandleni ukuze siphile ngalezo zimiso. Ngokwesibonelo, ngenxa yokuthi iBhayibheli lisixwayisa ukuba sigweme izinto ezingcolisa imizimba nezingqondo zethu, asibhemi noma sisebenzise kabi izidakamizwa. (2 Korinte 7:⁠1) Sigwema nezenzo ezenqatshwa iBhayibheli ngokuqondile njengokudakwa, ukuziphatha kabi ngokobulili nokweba.​—1 Korinte 6:9-11.

a IBhayibheli libuye libize uJesu ngokuthi ‘iNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa’ ngoba uyizibulo lendalo futhi uwukuphela kwendalo uNkulunkulu ayidala ngokuqondile.​—⁠Johane 3:18; Kolose 1:​13-15.

Abazali bayamamatheka njengoba umfanyana wabo evula isipho

Ukuze ufunde ngezinkolelo zethu kuhlanganise nokuthi kungani singawagubhi amaholidi noma senqaba ukumpontshelwa igazi, ngena engosini ethi www.jw.org/zu, ubheke ngaphansi kwesihloko esithi MAYELANA NATHI > IMIBUZO EVAME UKUBUZWA.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela