Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w14 4/15 k. 32
  • Ingabe Bewazi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Bewazi?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Singafundani Ezingubeni Zabapristi?
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2020
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
w14 4/15 k. 32
INkosi uJosiya iklebhula izingubo zayo

INGABE BEWAZI?

Ezikhathini zeBhayibheli, kwakusho ukuthini ukuklebhula komuntu ngamabomu izingubo zakhe?

IMIBHALO ichaza izimo eziningi zabantu abaklebhula izingubo zabo. Lesi senzo singabonakala siyinqaba kubafundi besikhathi sanamuhla, nokho kumaJuda amaningi kwakuyisenzo esishukunyiswa imizwa ejulile ebangelwa ukudangala, umunyu, ukuhlazeka, intukuthelo noma ukulila.

Ngokwesibonelo, uRubeni “waklebhula izingubo zakhe” lapho ethola ukuthi icebo lakhe lokuphephisa uJosefa alisebenzanga ngenxa yokuthi uJosefa wayesethengiselwe ebugqilini. Uyise, uJakobe, “waklebhula iziphuku zakhe” lapho ecabanga ukuthi uJosefa udliwe isilwane sasendle. (Gen. 37:​18-35) UJobe “waklebhula ijazi lakhe” lapho etshelwa ukuthi zonke izingane zakhe zifile. (Jobe 1:​18-20) Isithunywa eseza phambi koMpristi Ophakeme u-Eli ‘sasiklebhule’ izingubo zaso ngesikhathi sizomtshela ukuthi ama-Israyeli anqotshiwe empini, nokuthi amadodana akhe amabili abulewe futhi umphongolo wesivumelwano uthathiwe. (1 Sam. 4:​12-17) Ngesikhathi uJosiya ezwa amazwi oMthetho efundwa waqaphela izono zabantu bakubo ‘waklebhula izingubo zakhe.’​—2 AmaKh. 22:​8-13.

Ekuqulweni kwecala likaJesu, uMpristi Ophakeme uKayafase “waklebhula izingubo zakhe zangaphandle” lapho ezwa lokho acabanga ukuthi kuwukuhlambalaza. (Math. 26:​59-66) Ngokwesiko lorabi, noma ubani owayezwa kuhlanjalazwa igama likaNkulunkulu wayebophekile ukuba aklebhule izingubo zakhe. Nokho, omunye umbono worabi wangemva kokubhujiswa kwethempeli laseJerusalema wawuthi “umuntu ozwa iGama LikaNkulunkulu lihlanjalazwa namuhla akusadingeki aklebhule izingubo zakhe, ngoba angagcina esegqoka amanikiniki.”

Yiqiniso, ukuklebhula komuntu izingubo kwakungasho lutho phambi kwamehlo kaNkulunkulu ngaphandle kwalapho ukudabuka kwalowo muntu kuqotho. Yingakho uJehova atshela abantu bakhe ukuba ‘baklebhule izinhliziyo zabo, hhayi izingubo zabo; babuyele kuye.’​—Joweli 2:13.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela