Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w12 12/15 k. 18
  • Ingabe Uyakhumbula?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyakhumbula?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukubhekana Nezikweletu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • “Anilwazi Usuku Noma Ihora”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • “Umlando Awunawo Amanga”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Isikweleti! Ukungena—Nokuphuma Kuso
    I-Phaphama!—1990
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
w12 12/15 k. 18

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe ubafunde ngokucophelela omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Bona ukuthi ungakwazi yini ukuphendula imibuzo elandelayo:

Singawunqanda kanjani umlilo wenkulumo engalawuliwe?

Kufanele sihlole inhliziyo yethu. Kunokuba sigxeke umfowethu, kungani singahloli imbangela yesimo sakhe sengqondo? Ingabe simgxeka ngoba sifuna ukubonakala singcono? Ngaphezu kwalokho, ukugxeka abanye kungenza isimo sibe sibi nakakhulu.—8/15, ikhasi 21.

UMthetho wayiveza kanjani indlela uNkulunkulu abheka ngayo abesifazane?

Abesifazane bakwa-Israyeli babenenkululeko enkudlwana futhi benelungelo lokufunda. Kwakumelwe banikwe udumo, bahlonishwe futhi amalungelo abo avikelwe.—9/1, amakhasi 5-7.

Njengoba usuku lukaJehova lusondela, iziphi izenzakalo eziseza?

Kuyokwenziwa isimemezelo esithi: “Ukuthula nokulondeka!” Izizwe ziyohlasela futhi zibhubhise iBhabhiloni Elikhulu. Abantu bakaNkulunkulu bayohlaselwa. Impi ye-Armagedoni iyoqala, ilandelwe ukuphonswa kukaSathane namademoni akhe kwalasha.—9/15, ikhasi 4.

Sizuza kanjani ngokungalwazi usuku ukuphela okuyofika ngalo?

Ukungalwazi kwethu usuku oluqondile noma ihora kusenza sibonise lokho okusezinhliziyweni zethu. Kusinika ithuba lokwenza inhliziyo kaNkulunkulu ijabule. Kusikhuthaza ukuba siphishekele ukuphila kokuzidela futhi kusisiza ukuba sithembele ngokuphelele kuNkulunkulu naseZwini lakhe. Ngaphezu kwalokho, kuvumela izinselele esibhekana nazo manje ukuba zisicwenge.—9/15, amakhasi 24-25.

Singayisebenzisa kanjani incwadi kaGenesise 3:19 ukuze sibonisane nomuntu okholelwa esihogweni somlilo?

Leli vesi lithi lapho efa u-Adamu wayezobuyela othulini lomhlabathi, alithi wayezoya esihogweni somlilo.—10/1, ikhasi 13.

Zimelela obani “izinkanyezi eziyisikhombisa” ezisesandleni sokunene sikaJesu okukhulunywa ngazo kusAmbulo 1:16, 20?

Zimelela ababonisi abagcotshwe ngomoya emabandleni futhi ngomqondo obanzi zimelela nabo bonke ababonisi.—10/15, ikhasi 14.

Umkhaya ungabhekana kanjani nezikweletu zawo?

Umbhangqwana oshadile kufanele ukhulume ngokukhululekile nangomoya ophansi ngezikweletu zawo. Kuyowusiza ukuhlaziya isimo sawo sezimali. Ungakwazi yini ukwandisa imali engenayo noma ukunciphisa izindleko zomkhaya? Kufanele unqume indlela ozohlasela ngayo izikweletu zawo, mhlawumbe ukhulumisane nabantu obakweletayo. Kodwa kufanele ubhekane namaqiniso futhi ubeke imali endaweni yayo. (1 Thim. 6:8)—11/1, amakhasi 19-21.

UJesu wasibonakalisa kanjani isimo sengqondo sokuthobeka okukhulunywa ngaso ku-Isaya 50:4, 5?

La mavesi athi lowo ‘onolimi lwabafundisiweyo’ ngeke ‘aphendukele kolunye uhlangothi.’ UJesu wabonisa isimo sengqondo sokuthobeka, walalelisisa lokho uYise ayemfundisa khona. Wayekulangazelela futhi ezimisele ukufunda kuJehova, wakubona kahle ukuthobeka kwaKhe njengoba ayebonisa isihe esintwini esinesono.—11/15, ikhasi 11.

Isitembu esiyisikhumbuzo sase-Estonia sabunikeza kanjani ubufakazi bobuqotho boFakazi BakaJehova?

Ngo-2007 i-National Post Office yakuleli zwe yakhipha isitembu esigxile ekuqothulweni kwabantu base-Estonia okwagqugquzelwa uStalin. Sibhalwe inombolo ethi 382, emelele inani loFakazi BakaJehova kanye nezingane zabo abadingiselwa emakamu okusebenza kanzima maphakathi impela neRussia ngo-1951.—12/1, amakhasi 27-28.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela