Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w12 2/15 kk. 31-32
  • ‘Yangidonsela Amehlo Abantu’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Yangidonsela Amehlo Abantu’
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
w12 2/15 kk. 31-32

Ezivela Ezinqolobaneni Zethu

‘Yangidonsela Amehlo Abantu’

Lapho umshumayeli wesikhathi esigcwele uCharlotte White efika eLouisville, eKentucky, e-U.S.A., edonsa ipotimende elina-masondo, bonke abantu baphenduka naye.

Kwakungonyaka ka-1908, futhi uDade White ngokuqinisekile wadonsa amehlo abantu ngento ababeyiqabuka—iNqola YeDawn. Wabika, “Yaba undaba-mlonyeni futhi yangidonsela amehlo abantu.”

AbaFundi BeBhayibheli, njengoba oFakazi BakaJehova babebizwa kanjalo ngaleso sikhathi, babona isidingo sokuhlanganyela nabanye amaqiniso ayigugu ababewathole ngokutadisha imiBhalo ngenkuthalo. Abaningi babethole ulwazi lweBhayibheli ngokufunda uchungechunge lwemiqulu enesihloko esithi Millennial Dawn (kamuva eyabizwa ngokuthi Studies in the Scriptures). AmaKristu ayezimisele nayekwazi ukuhamba, alidabula lonke izwe—aya emadolobheni amakhulu namancane nasemaphandleni—ehambisa le miqulu eyayichazwa ngokuthi “Izinsiza Kufunda ZabaFundi BeBhayibheli” kwabanye abafundi ababemagange.

Ngo-1908, uDade White nabanye abamemezeli boMbuso abashisekayo cishe babehambisa leli qoqo lemiqulu eyisithupha enesembozo sendwangu ngo-$1.65 (U.S.). Kunokuba bamnike ngaso leso sikhathi umuntu le miqulu, babethatha ama-oda bese bebuyela kamuva—ngosuku lomholo—bezodiliva le miqulu eyayibiza imadlana ukuze kuhlangatshezanwe nezindleko zokunyathelisa. Omunye umuntu ophikisayo wakhononda ngokuthi yayincane kakhulu imali abantu ababeyinikela lapho benikezwa izincwadi!

UMalinda Keefer ukhumbula ethatha ama-oda ezincwadi ezingamakhulu amabili kuya kwamathathu ngesonto. Kodwa isasasa elaboniswa ngemiqulu ye-Dawn ladala inkinga. Phela, umqulu wesithupha uwodwa nje wawunamakhasi angu-740! INqabayokulinda yavuma ukuthi “izincwadi ezingu-50 zazinesisindo esingamakhilogremu angu-18, okwakwenza kube nzima” ikakhulu ngodade ukuzithwala.

Ukuxazulula le nkinga yokudiliva imiqulu ye-Dawn, uMfoweth’ uJames Cole waklama inqola enamasondo amabili egoqekayo okwakungaboshelwa kuyo ipotimende ngezikulufo. Njengoba kwakungasadingeki athwale amabhokisi asindayo agcwele izincwadi, lo mklami wathi: “Amahlombe ami awasalimali.” Wethula leli thuluzi elisha elajatshulelwa izilaleli emhlanganweni wesigodi wabaFundi BeBhayibheli wango-1908, owawuseCincinnati, e-Ohio. Ezinkinobheni ezazisemachosheni ensimbi evundlile kwakubhalwe ukuthi iNqola YeDawn, njengoba ngokuyinhloko yayithwele imiqulu ye-Millennial Dawn. Lapho umuntu esejwayele ukuyisebenzisa, kwakuba lula ukudonsa ipotimende elinenqwaba yezincwadi ngesandla esisodwa. Wawukwazi ukwehlisa noma ukukhuphula isibambo sayo, futhi amasondo ayekwazi ukuhamba nasemigwaqweni ewubhuqu. Ngemva kokusebenza usuku lonke enkonzweni, wawungawagoqa amasondo ayo enjoloba abe semaceleni epotimende lapho usuya ekhaya, kungaba ngezinyawo noma ngebhasi.

Odade ababesenkonzweni yesikhathi esigcwele babeyinikezwa mahhala le Nqola YeDawn. Kodwa yona yayibiza u-$2.50 ngokwemali yaseMelika. UDade Keefer, osesithombeni, waba umpetha wokusebenzisa iNqola YeDawn kangangokuthi wayekwazi ukudonsa ipotimende eligcwele izincwadi ngesandla esisodwa futhi ngesinye aphathe isikhwama esigcwele izincwadi. Kwelinye lamadolobha asePennsylvania, e-U.S.A. elinezimayini, wayethola abantu abaningi abathakazelayo kangangokuthi ngosuku lokudiliva wayeliwela kathathu noma kane ibhuloho.

Ngasekupheleni kwawo-1980, umshayeli othile wendiza wasungula ipotimende elinamasondo eselivame kakhulu namuhla ezikhumulweni zezindiza nasemigwaqweni yasemadolobheni ephithizelayo. Kodwa eminyakeni engaba ikhulu edlule, cishe abaFundi BeBhayibheli abashisekayo babekujabulela ukudonsa amehlo abantu abanelukuluku njengoba babehla benyuka bedonsa iziNqola zabo ZeDawn, besakaza imbewu eyigugu yeqiniso leBhayibheli.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 32]

UDade Keefer wayeliwela kathathu noma kane ibhuloho ngosuku lokudiliva

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 32]

Yaxazulula inkinga yokudiliva imiqulu ye-Dawn

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela