Imibuzo Evela Kubafundi
Iziphi izimo ezingenza umuntu acabangele ukubhapathizwa okwesibili?
Kunezimo ezithile ezingenza umuntu obhapathiziwe acabangisise ngokufaneleka kokubhapathizwa kwakhe futhi angase acabangele ukuphinde abhapathizwe. Ngokwesibonelo, ngesikhathi ebhapathizwa, kungenzeka ukuthi kwakunesimo esithile lowo muntu ayephila kuso noma wayenza isono ngasese ayengasuselwa sona ukube wayesebhapathiziwe. Ingabe wayengazinikezela kuNkulunkulu ezimweni ezinjalo? Lowo muntu wayengaba sesimweni sokuzinikezela kuJehova kuphela ngemva kokuyeka leso sono. Ngakho-ke, umuntu owabhapathizwa isekhona leyo nkinga engathí sina, kungafaneleka ukuba akucabangele ukubhapathizwa okwesibili.
Kufanele kwenziweni ngomuntu owayengasenzi isono ngesikhathi ebhapathizwa kodwa owenza isono ngemva kokubhapathizwa esadinga ukuba kumiswe ikomiti yokwahlulela? Ake sithi uthi wayengakuqondi ngokugcwele lokho ayekwenza ngesikhathi ebhapathizwa futhi uthi kwakungafanele ngempela abhapathizwe. Lapho behlangana nomenzi wobubi, abadala akufanele babuze imibuzo ngokubhapathizwa kwakhe futhi akufanele bambuze ukuthi unomuzwa wokuthi ukuzinikezela nokubhapathizwa kwakhe kwakufaneleka yini noma cha. Kakade, wayizwa inkulumo engokomBhalo ngokubaluleka kokubhapathizwa. Wayiphendula ngoyebo imibuzo ephathelene nokuzinikezela nokubhapathizwa. Wabe eseshintsha izingubo zakhe futhi wacwiliswa emanzini. Ngakho-ke, kunengqondo ukukholelwa ukuthi wayekuqonda ngokugcwele ukubaluleka kwalokho ayekwenza. Abadala bayomphathisa okomuntu obhapathiziwe.
Uma umuntu ebuza imibuzo ngokufaneleka kokubhapathizwa kwakhe, abadala bangase bamkhuthaze ukuba afunde INqabayokulinda ka-March 1, 1960 yesiNgisi, amakhasi 159 kuya ku-160, neka-September 1, 1964, amakhasi 403-406 [ngesiNgisi eka-February 15, 1964, amakhasi 123 kuya ku-126], lapho kuxoxwa khona ngokuningiliziwe ngokubhapathizwa kwesibili. Ukuthi umuntu angabhapathizwa yini okwesibili ezimweni ezithile (njengokuthi wayengaziqondi kahle izimfundiso zeBhayibheli lapho ebhapathizwa) kuyisinqumo somuntu siqu.
Iziphi izinto umKristu okufanele azicabangele ngokuphathelene nokuhlanganyela nothile indawo yokuhlala?
Wonke umuntu uyayidinga indawo yokuhlala. Nokho, abantu abaningi namuhla abanayo imizi ethi bona. Izimo zomnotho, impilo noma ezinye izici zingase zibangele imindeni, ehlanganisa izihlobo eziningana, ukuba ihlale ndawonye. Kwezinye izindawo, izihlobo zingase zimpintshane ekamelweni elilodwa.
Akuwona umthwalo wemfanelo wenhlangano kaJehova ukunikeza abafowethu nodadewethu emhlabeni wonke uhide lwemithetho ngokuphathelene nendawo efanelekayo yokuhlala. AmaKristu akhuthazwa ukuba acabange ngezimiso ezingokomBhalo ukuze anqume ukuthi indawo noma izimo ahlala ngaphansi kwazo ziyamukeleka yini kuNkulunkulu noma cha. Iziphi ezinye zalezo zimiso?
Into eyinhloko okufanele icatshangelwe ukuthi ukuhlala nabanye abantu kuzosithinta kanjani thina nengokomoya lethu. Bangobani labo bantu? Ingabe bangabakhulekeli bakaJehova? Ingabe baphila ngokuvumelana nezindinganiso zeBhayibheli? Umphostoli uPawulu wabhala: “Ningadukiswa. Ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba emihle.”—1 Kor. 15:33.
ImiBhalo ibonisa ukuthi uJehova uyabulahla ubufebe nokuphinga. (Heb. 13:4) Ngakho indawo yokuhlala enabantu abakipitile ayamukeleki nhlobo kuNkulunkulu. UmKristu ngeke afune ukuhlala endaweni lapho ukuziphatha okubi kwamukeleka khona.
Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli linxusa bonke abafuna ukwamukelwa uNkulunkulu ukuba ‘babalekele ubufebe.’ (1 Kor. 6:18) Ngakho-ke, kuyoba ukuhlakanipha ngamaKristu ukuba agweme noma iyiphi indawo yokuhlala engawafaka esilingweni sokuziphatha okubi. Ngokwesibonelo, ake sithi amaKristu amaningana ahlala emzini owodwa. Ingabe lokhu kungawenza azithole eseyekethisa? Kuthiwani uma abantu ababili abangashadile bezithola bebodwa ngoba abanye abavame ukuba khona besaphumile? Ngokufanayo, kungaba nengozi yokungaziphathi kahle uma abantu ababili abathandanayo kodwa abangashadile behlala ndawonye emzini ofanayo. Uma sihlakaniphile siyozigwema izimo ezinjalo.
Ngeke kufaneleke nokuba abantu abadivosile baqhubeke behlala endlini eyodwa. Ngenxa yokuthi babejabulela ubuhlobo bobulili ngaphambili, kungaba lula kakhulu ngabo ukuwela ekuziphatheni okubi.—IzAga 22:3.
Iphuzu lokugcina kodwa nalo elibalulekile liphathelene nendlela umphakathi okubheka ngayo ukukhetha kwakho. Akufanele umKristu athalalise uma ehlala endaweni ayibheka njengefanelekayo kodwa umphakathi ube uyigxeka. Asifuni nanini ukuziphatha ngendlela eyohlambalaza igama likaJehova. UPawulu wakuchaza kanje: “Gwemani ukuba yizimbangela zokukhubeka kumaJuda nakumaGreki nasebandleni likaNkulunkulu, njengoba nje nami ngijabulisa bonke abantu ezintweni zonke, ngingafuni inzuzo yami kodwa eyabaningi, ukuze basindiswe.”—1 Kor. 10:32, 33.
Ukuthola izindawo ezifanelekayo zokuhlala kungase kube inselele ngempela kulabo abafuna ukugcina izindinganiso zikaJehova zokulunga. Nokho, amaKristu kumelwe ‘aqhubeke eqinisekisa ukuthi kuyini okwamukelekayo eNkosini.’ Kudingeka aqiniseke ukuthi akukho lutho olungcolile olwenzeka emizini yawo. (Efe. 5:5, 10) Lokhu kudinga ukuba amaKristu athandazele isiqondiso sikaNkulunkulu futhi enze konke angakwenza ukuze avikele inhlalakahle engokomoya nengokwenyama yomunye nomunye kanye negama likaJehova elihle.