Ingabe Bewazi?
Kungani uJesu abiza uJehova ngokuthi “Abha, Baba” lapho ethandaza?
Igama lesi-Aramu elithi ʼab·baʼʹ lingasho ukuthi “baba” noma ukuthi “O Baba.” Isikhathi ngasinye kwezintathu lapho le nkulumo ivela khona emiBhalweni, iyingxenye yomthandazo futhi isetshenziselwa ukubhekisela kuBaba wasezulwini, uJehova. Lisho ukuthini leli gama?
I-International Standard Bible Encyclopedia ithi: “Enkulumweni eyayivame ukusetshenziswa ngesikhathi sikaJesu, elithi ʼabbāʼ lalisetshenziswa ngokuyinhloko njengegama eliveza ubuhlobo obuseduze nenhlonipho izingane ezinayo ngoyise.” Laliyindlela yokubiza ubaba ngothando futhi liphakathi kwamagama okuqala umntwana awafundayo. UJesu wasebenzisa leli gama lapho enxusa uYise ngokujulile. Ensimini yaseGetsemane, amahora ambalwa nje ngaphambi kokufa kwakhe, uJesu wabiza uJehova ngokuthi “Abha, Baba,” lapho ethandaza.—Marku 14:36.
Incwadi eshiwo ngenhla iyaqhubeka: “Ukusebenzisa elithi ʼabbāʼ lapho umuntu ekhuluma noNkulunkulu akuvamile neze ezincwadini zamaJuda zangenkathi yamaGreki namaRoma, ngokungangabazeki ngenxa yokuthi kwakungase kubhekwe njengokuntula inhlonipho ukubiza uNkulunkulu ngale ndlela.” Nokho, ‘ukusebenzisa kukaJesu leli gama lapho ethandaza kuwubufakazi obuqinisekile bokusho kwakhe ukuthi usondelene noNkulunkulu.’ Eminye imibhalo emibili lapho kuvela khona elithi “Abba” emiBhalweni—yomibili eyabhalwa umphostoli uPawulu—ibonisa ukuthi amaKristu ekhulu lokuqala nawo ayelisebenzisa lapho ethandaza.—Roma 8:15; Galathiya 4:6.
Kungani ingxenye yeBhayibheli yalotshwa ngesiGreki?
“Amazwi angcwele kaNkulunkulu” aphathiswa amaJuda ngokusho kukamphostoli uPawulu. (Roma 3:1, 2) Ngakho, ingxenye enkulu yokuqala yeBhayibheli yalotshwa ngesiHebheru, ulimi lwamaJuda. Kodwa imiBhalo YamaKristu yalotshwa ngesiGreki.a Kungani kunjalo?
Ekhulwini lesine B.C.E., amasosha ayephethwe u-Alexander Omkhulu ayekhuluma izilimi zezigodi ezihlukahlukene zesiGreki sasendulo, ezazihlanganiswa ukuze kwakhiwe isiKoine, noma isiGreki esivamile. Ukunqoba kuka-Alexander kwaba nomthelela ekubeni isiKoine sibe ulimi olusetshenziswa emazweni amaningi ngaleso sikhathi. Phakathi naleso sikhathi, amaJuda ayesakazekele ezindaweni eziningi. Amaningi awazange abuyele ePalestina lapho ephuma ekudingisweni eBhabhiloni, okwakuphele emakhulwini eminyaka ngaphambi kwalokho. Ngenxa yalokho, amaJuda amaningi agcina engasasazi isiHebheru kodwa kunalokho esekhuluma isiGreki. (IzEnzo 6:1) Ukuze azuze, kwakhiqizwa i-Septuagint, inguqulo yemiBhalo YesiHebheru yesiKoine, noma isiGreki esivamile.
I-Dictionnaire de la Bible iphawula ukuthi alukho olunye ulimi “olwalunothile, lusebenziseka ezimweni ezihlukahlukene futhi lusetshenziswa kabanzi emazweni amaningi njengesiGreki.” Ngenxa yobubanzi nokunemba kwaso, uhlelo lolimi oluningiliziwe nezenzo ezinikeza izincazelo ezinembile ezihlukahlukene, “sasiwulimi lokuxhumana nokusakaza ulwazi—okuwulimi olwalufaneleka kahle ekusakazeni ubuKristu.” Akufaneleki yini ukuthi isiGreki sasiwulimi okwalotshwa ngalo isigijimi sobuKristu?
[Umbhalo waphansi]
a Izingxenyana ezimfushane zemiBhalo YesiHebheru zalotshwa ngesi-Aramu. Kubonakala sengathi iVangeli likaMathewu ekuqaleni lalotshwa ngesiHebheru futhi kungenzeka labe selihunyushelwa esiGrekini nguMathewu ngokwakhe.
[Isithombe ekhasini 13]
Ingxenyana yombhalo we-Septuagint yesiGreki
[Umthombo]
Courtesy of Israel Antiquities Authority