Ngafunda Ukuthi Ukuphila Kuyigugu Kangakanani
KWAKUSEKUSENI NGO-APRIL 16, 2007. Njengoba ngangicashe ekhoneni esitezi sesithathu eNorris Hall eVirginia Polytechnic Institute and State University, noma eVirginia Tech, ngaphinde ngakhunjuzwa indlela okufanele sibonge ngayo ngosuku ngalunye lokuphila oluyigugu esinalo.
Ngangisehhovisi lami ngilungela ukuya esitezi sesibili ngiyolanda iposi lami. Kwafika uprofesa othile wangicela ukuba ngiye ehhovisi lakhe ngiyomsiza ngenkinga ethile kuyi-computer. Njengoba singena ehhovisi lakhe, sezwa kuqhuma isibhamu ngokuphindaphindiwe esitezi sesibili. Singazi ukuthi kwakwenzekani, sagijimela ehhovisi lakhe, sahluthulela umnyango futhi salinda sinexhala ngokuthi sizokwehlelwa yini. Ngacasha ekhoneni ngabe sengithululela inhliziyo yami kuJehova uNkulunkulu ngomthandazo, ngicela isiqondiso sakhe sokubhekana nanoma yini eyayizokwenzeka.
Lapho sisalindile, ngakhumbula isenzakalo esasenzeke eminyakeni engu-15 ngaphambili. Ngangingumakhenikha egalaji lezimoto. Isitsha esincane esasinophethiloli esasiphethwe esinye isisebenzi sokheleka. Etatazela, wajikijela lesi sitsha esivuthayo ebusweni bami! Ngahogela uphethiloli ovuthayo ngaba nezilonda zokusha ezimbi kwesingenhla somzimba wami. Ngathathwa ngendiza enophephela emhlane ngayiswa esikhungweni eselapha izilonda zokusha futhi ngahlala lapho izinyanga ezintathu nesigamu, kwembulwa kwembeswa. Ngemva kwezinyanga ezinhlanu ngelashwa, ngakwazi ukuphindela ekhaya, ngibonga ukuthi ngiyaphila. Leso senzakalo sangifundisa ukuba ngibheke usuku ngalunye lokuphila njengoluyigugu. Saqinisa nokuzimisela kwami ukusebenzisa ukuphila kwami ekukhonzeni lowo owanginika lokho kuphila, uJehova uNkulunkulu—njengomunye woFakazi bakhe.—IHubo 90:12; Isaya 43:10.
Njengoba ngangingasakwazi ukusebenza njengomakhenikha ngenxa yokulimala kwami, ngafundela ukusebenza ngama-computer futhi ngathola umsebenzi eVirginia Tech. Yingakho ngangiseNorris Hall ngalolo suku ekuseni.
Njengoba isibhamu sasiqhubeka siqhuma, sasingazi ukuthi esitezi esingezansi, kwakuqhubeka isigameko sokudutshulwa kwabantu esibi kunazo zonke emlandweni we-United States. Lesi sibhicongo saphela lapho umdubuli ezibulala ngemva kokubulala izisulu ezingu-32 ezazingenacala. Ngemva kwemizuzu engu-20 kuqale lesi sigameko, sezwa kukhuluma amaphoyisa ephasishi. Sawamemeza, futhi asiphelezela asiyisa endaweni ephephile.
Lesi senzakalo esisabekayo singifundise ukuthi ukuphila kudlula ngokushesha futhi akuqinisekile kangakanani. (Jakobe 4:14) Yeka indlela okubaluleke ngayo ukuba sithembele kuMuphi wokuphila, uJehova uNkulunkulu, futhi sibheke usuku ngalunye njengesipho esiyigugu esivela kuye!—IHubo 23:4; 91:2.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 30]
AP Photo/The Roanoke Times, Alan Kim