Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • rr k. 206
  • Umfudlana Uba Umfula!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umfudlana Uba Umfula!
  • Indlela Emsulwa Yokukhonza UJehova​—Iyabuyiselwa Ekugcineni!
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umfula Uletha Izibusiso
  • Amanzi Anikeza Ukuphila
  • Izihlahla Zokudla Nokwelapha
  • “Noma Kuphi Lapho Kugelezela Khona La Manzi Yonke Into Iyophila”
    Indlela Emsulwa Yokukhonza UJehova​—Iyabuyiselwa Ekugcineni!
  • Isibusiso SikaJehova ‘Ezweni’ Lethu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2024
  • Imifula Yezibusiso Ezivela KuJehova
    Indlela Emsulwa Yokukhonza UJehova​—Iyabuyiselwa Ekugcineni!
Bheka Okunye
Indlela Emsulwa Yokukhonza UJehova​—Iyabuyiselwa Ekugcineni!
rr k. 206

IBHOKISI LOKUFUNDISA 19B

Umfudlana Uba Umfula!

UHezekeli ubona umfudlana ugeleza uvela endlini engcwele kaJehova, bese ngokuyisimangaliso uba umfula ojulile kungakapheli namakhilomitha amabili! Osebeni lalo mfula ubona izihlahla ezikhephuzelayo ezinikeza umsoco futhi zelaphe. Kusho ukuthini konke lokhu?

Umfudlana ugeleza usuka endlini engcwele kaJehova bese uba umfula ojulile

Umfula Uletha Izibusiso

ENDULO: Lapho ababedingisiwe bebuyela ezweni lakubo, izibusiso zagelezela kubo lapho bebuyisela indlela emsulwa yokukhonza uNkulunkulu ethempelini

OSUKWINI LWETHU: Ngo-1919 indlela emsulwa yokukhonza uNkulunkulu yabuyiselwa, lokho kwavula indlela yokuba izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile zithole izibusiso eziningi ngendlela engakaze ibonakale

ESIKHATHINI ESIZAYO: Ngemva kwe-Armagedoni, uJehova uyosibusisa ngezindlela eziningi ezinjengokuqeda isono emizimbeni yethu nokusifundisa amaqiniso amasha

Amanzi Anikeza Ukuphila

ENDULO: UJehova wababusisa ngokucebile abantu bakhe abalalelayo, wenza ubuhlobo bakhe nabo baqina ngisho nalapho beba baningi

OSUKWINI LWETHU: Epharadesi elingokomfanekiso elikhulayo, abantu abaqhubeka banda baye bazuza ekugelezeni okuqhubekayo kwamaqiniso eBhayibheli, bafunda ngoJehova, bazihlanganisa nalabo abamkhonza ngendlela ayamukelayo

ESIKHATHINI ESIZAYO: Abasinde e-Armagedoni bayohlangana nezigidi zabavusiwe futhi bonke bayothola izibusiso zikaJehova

Izihlahla Zokudla Nokwelapha

ENDULO: Ngomqondo ongokomfanekiso, uJehova wondla abantu bakhe abathembekile ezweni labo elibuyiselwe; wabelapha ngokubasiza bayeke noma yini ehlobene nokukhonza onkulunkulu bamanga

OSUKWINI LWETHU: Ukuchazwa kwamaqiniso amaningi aseBhayibhelini kusiza abantu bakaNkulunkulu bagweme indlala nokugula okuwukwenza izono ezimbi nokucabanga ngendlela yabantu baleli zwe

ESIKHATHINI ESIZAYO: UKristu nabangu-144 000 ayobusa nabo bayosiza ekususeni isono kubantu abalalelayo, babenze bajabulele impilo, babe namandla kuze kube phakade!

Buyela esahlukweni 19, izigaba 4-21

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela