Nganikezwa Ithemba Elingiqinisayo
Njengoba Ilandiswa Ngutatjana Vileyska
Umkhaya wakithi ojabulayo wachitheka lapho umama eshaywa aze afe ekhaya. Ubaba wazibulala ezinyangeni ezine kamuva. Ngemva kwalokho ngase ngikhathele ukuphila. Pho kungani ngisekhona ngixoxa le ndaba? Ake ngichaze.
IDONETSK, esempumalanga ye-Ukraine, iyidolobha lezimboni ezincibilikisayo nezimayini zamalahle. Umphakathi wabantu abangaphezu kwesigidi ukhuluma isiRashiya futhi usebenza kanzima kanti unobungane. Abanye babo bakholelwa ekufundeni izinkanyezi noma ekusebenzelaneni nemimoya, kanti abaningi basebenzisa i-horoscope ukuze bathole ulwazi ngekusasa. Abanye baphendukela kubathakathi, noma ama-koldun, njengoba bebizwa kanjalo ngesiRashiya. Abanye balaba bantu baxhumana nabafile ukuze belapheke ezifweni noma ukuze nje bazijabulise.
Ubaba wayengumkhandi wezicathulo. Nakuba ayethi akakholelwa kuNkulunkulu, wayenomuzwa wokuthi sabekwa umuntu othile emhlabeni. Wayevame ukuthi: “Siyizivakashi nje kule planethi.” Umama wayeya esontweni njalo ngama-Easter ngoba wayethi, “Uma uNkulunkulu ekhona, uma ephila, kufanele siye.” Ngazalwa ngo-May 1963. Udadewethu omdala, uLubov, nomfowethu omncane, u-Alexandr, babephelelisa umkhaya wakithi ojabulayo.
“Umlingo Omuhle Ulungile”
UPjotra, isihlobo sethu, wavelelwa ingozi lapho esebenza emayini yamalahle walimala ekhanda futhi kwadingeka ukuba aye emthola-mpilo okhethekile. Ekhathazekile ngempilo yakhe, waya kuyi-koldun. Lo mthakathi waxhumanisa uPjotr nezwe lemimoya. Nakuba umkakhe nabazali bami bamtshela ukuthi ubuthakathi buwubulima, wayecabanga ukuthi uyazi. Wagomela: “Ngisebenzisa umlingo omuhle. Umlingo omubi uyingozi kodwa umlingo omuhle ulungile.”
UPjotr wayethi unamandla okubikezela ikusasa futhi avikele abantu bangalimali. Noma kunjalo, uPjotr washiywa umkakhe. Ngakho, uPjotr wayeza azohlala nathi, ngezinye izikhathi ahlale amasonto. Wayenethonya elibi kakhulu ekhaya. Umama nobaba baqala ukuxabana kakhulu. Ekugcineni bahlala ngokwehlukana futhi bafaka isehlukaniso. Thina zingane sahamba nomama saya kwenye indlu, noPjotr—oyisihlobo sikamama—wahamba nathi.
ULubov washada wahamba wayohlala nomyeni wakhe e-Uganda, e-Afrika. Ngo-October 1984, u-Alexandr waya eholidini, mina ngaya edolobheni laseGorlovka isonto elilodwa. Lapho ngihamba ekhaya, savalelisana ngokunganaki nje nomama. Angive ngifisa sengathi ngabe ngasho okwengeziwe noma ngangahamba ekhaya! Phela, kwabe ngiyagcina ukubona umama ephila.
“Umama Wakho Othandekayo Ushonile”
Lapho ngibuya eGorlovka, indlu yayikhiyiwe futhi emnyango kulenga umyalezo wamaphoyisa othi kungangenwa. Kwaphela nasozwaneni. Ngaya komakhelwane. U-Olga wayethukuthele engqangqa engafuni nokukhuluma. Umyeni wakhe, uVladimir, washo ngomusa wathi: “Tanja, kwenzeke into eshaqisayo. Umama wakho othandekayo ushonile. Ubulawe uPjotr. Ngemva kokumbulala weza lapha ekhaya, washayela amaphoyisa ucingo, wayesezinikela emaphoyiseni.”
Amaphoyisa aqinisekisa ukuthi lezo zindaba ezibuhlungu ziyiqiniso ayesenginika izihluthulelo zendlu yakithi. Ngangimzonda kabi uPjotr. Ngithukuthele, ngathatha izimpahla zakhe eziningi—kuhlanganise nezincwadi zakhe zomlingo—ngazisonga ngengubo ngaya ensimini eseduze, ngazishisa.
U-Alexandr wazizwa izindaba, futhi naye wamzonda uPjotr. U-Alexandr wabe esebuthelwa empini wahamba. Ubaba weza wazohlala nami endlini, noLubov wabuya e-Uganda wahlala nathi isikhashana. Ngezinye izikhathi sasiba nesizathu sokuba nomuzwa wokuthi imimoya emibi yayisihlukumeza. Ngaphezu kwalokho, ubaba wayephupha kabi. Wayenomuzwa wokuthi unecala ngokufa kukamama. Wayeye athi: “Ukube nje ngahlala naye, ngabe usaphila.” Akuphelanga sikhathi esitheni, ubaba wacindezeleka kakhulu. Phakathi nezinyanga ezine umama eshonile, ubaba wazibulala.
Ngemva komngcwabo kababa u-Alexandr waphindela empini, uLubov waphindela e-Uganda. Ngazama ukuqala kabusha ngokufunda eMakeyevka Institute of Construction Engineering, okwakuyimizuzu engu-30 kuphela ukusuka ekhaya. Ngahlobisa futhi ngalungisa indlu, ngethemba lokuthi ngizokhohlwa ezinye izinkumbulo. Kodwa kwakusenesizathu sokusola ukuthi sihlukunyezwa amademoni.
“Awu Nkulunkulu, Uma Ukhona Ngempela”
U-Alexandr waqeda inkonzo yakhe yempi futhi wabuyela ekhaya. Kodwa mina naye saqala ukuxabana. Washada futhi izinyanga ezithile ngathuthela eRostov, idolobha laseRussia elisogwini loLwandle Lwase-Azov, okungaba amakhilomitha angu-170 ukusuka ekhaya. Ekugcineni, nganquma ukulahla zonke izinto zikaPjotr ezazisasele.
Ngacindezeleka kakhulu kangangokuthi nami ngaceba ukuzibulala. Kodwa amazwi kamama ayelokhu enkeneneza ezindlebeni zami: “Uma uNkulunkulu ekhona, uma ephila.” Ngobunye ubusuku, ngathandaza ngokokuqala ngqá. Nganxusa: “Awu Nkulunkulu, uma ukhona ngempela, ngicela ungibonise injongo yokuphila.” Ezinsukwini ezimbalwa kamuva, ngathola incwadi evela kuLubov engimema ukuba ngimvakashele e-Uganda. Ngakho ngawahlehlisa amacebo okuzibulala.
Izimanga E-Uganda
Zimbalwa izindawo emhlabeni ezihluke njenge-Ukraine ne-Uganda. Indiza engangiyigibele yafika e-Entebbe ngo-March 1989. Lapho ngehla endizeni, kwaba sengathi ngiphumela kuhhavini. Ngangingakaze ngikuzwe ukushisa okungaka! Kwakufanele, ngoba ngangiqala ukuphumela ngaphandle kweSoviet Union. Abantu babekhuluma isiNgisi, ulimi engangingaluzwa.
Ngagibela itekisi eliya eKampala, okuthatha imizuzu engu-45. Isimo sezwe sasihluke kakhulu kulokho engangikujwayele kangangokuthi kwaba sengathi ngikwenye iplanethi! Kodwa umshayeli wetekisi owayegcwele injabulo wayenomusa kakhulu, futhi ekugcineni wawuthola umuzi kaLubov nomyeni wakhe, uJoseph. Ngakhululeka!
ULubov wayetadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Ngangingakaze ngizwe ngabo, kodwa uLubov wayemagange ngokungitshela. Wayengilandela endlini engitshela zonke izinto ayesezifundile, ukusuka kuGenesise kuya kusAmbulo. Uma ngikutshela iqiniso, kwakucasula!
Ngolunye usuku kwavakasha oFakazi ababefundela uLubov. Omunye wabo kwakunguMarianne. Akazange azame ukungishumayeza ngaso leso sikhathi, njengoba ngaleso sikhathi ngangingasazi nesiNgisi. Kodwa amehlo akhe anemfudumalo nobungane angitshela ukuthi ungumuntu oqotho nojabule. Wangibonisa isithombe sePharadesi encwajaneni ethi “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha.” Wangincenga: “Bheka lona wesifazane. Nguwe, lona omunye yimi. Sindawonye ePharadesi nabo bonke laba abanye abantu. Ingabe akukuhle lokho?”
Abanye oFakazi eKampala kwaba sengathi bayashintshana ngokuvakashela uLubov noJoseph. Babenobungane kangangokuthi ngaze ngasola sengathi benzela mina. Emasontweni ambalwa kamuva, ngaya emhlanganweni ngokokuqala ngqá, ekugujweni kweSidlo SeNkosi Sakusihlwa. (Luka 22:19) Nakuba ngangingezwa ukuthi kuthiwani, ngaphinde ngachazwa indlela abantu ababenobungane ngayo.
‘Lifunde Kusuka Ekuqaleni Kuya Ekugcineni’
UMarianne wangipha iBhayibheli lesiRashiya—iBhayibheli lokuqala engaba nalo. Wanxusa: “Funda iBhayibheli kusuka ekuqaleni kuya ekugcineni. Ngisho noma ungakuqondi okufundayo, mane ufunde nje!”
Isipho sikaMarianne sangithinta ekujuleni kwenhliziyo, futhi nganquma ukulandela iseluleko sakhe. Ngacabanga: ‘Futhi-ke nje, kuzongisiza ngani ukuba neBhayibheli uma ngingazihluphi ngokulifunda?’
Lapho ngiphindela e-Ukraine, ngahamba neBhayibheli lami. Izinyanga ezimbalwa ezalandela, ngangisebenza eMoscow, eRussia, futhi ngasebenzisa isikhathi sami esikhululekile ukuqala ukufunda iBhayibheli. Lapho ngiphindela e-Uganda ezinyangeni ezingu-9 kamuva, ngabe sengiphakathi nalo. Ngemva kokuphindela eKampala, uMarianne wangibonisa eBhayibhelini ithemba elimangalisayo ngekusasa. Ipharadesi! Uvuko! Ngiphinde ngibone umama nobaba! Ngabona ukuthi lokhu engangikufunda kwakuyimpendulo yomthandazo wami engawenza ngesikhathi ngiseDonetsk.—IzEnzo 24:15; IsAmbulo 21:3-5.
Lapho sifunda ngemimoya emibi, ngalalela ngilangazelela ukuzwa. IBhayibheli lakufakazela lokho okwase kukade ngikusola. Ayikho into okuthiwa umlingo omuhle noma ongalimazi. Yonke igcwele ingozi. Lokho okwakwenzeke emkhayeni wakithi kwakuwubufakazi obuqand’ ikhanda balokho. Lapho ngishisa izinto zikaPjotr, ngangenze into efanele kodwa ngingazi. AmaKristu ekhulu lokuqala nawo azishisa izinto zawo zemilingo lapho eqala ukukhonza uJehova.—Duteronomi 18:9-12; IzEnzo 19:19.
Lapho ngiqhubeka nokuliqonda iBhayibheli, kulapho ngaqiniseka khona ngempela ukuthi ngilitholile iqiniso. Ngawuyeka ugwayi, futhi ngo-December ka-1990, ngabhapathizwa njengophawu lokuzinikezela kwami kuJehova. ULubov wabhapathizwa ezinyangeni ezintathu ngaphambi kwami; kwathi uJoseph wabhapathizwa ngo-1993.
Ukubuyela EDonetsk
Ngo-1991, ngaphindela eDonetsk. Ngawo lowo nyaka, oFakazi BakaJehova e-Ukraine bavunyelwa ngokomthetho, okwakusho ukuthi singahlangana ngokukhululekile futhi sishumayele obala. Sasiqala ingxoxo emgwaqweni nanoma ubani owayenesikhathi. Ngokushesha sathola ukuthi ngisho nasezweni lapho abantu abaningi bethi abakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona, babebaningi abafuna ukwazi ngoMbuso kaNkulunkulu.
Ngasekuqaleni kwawo-1990, izincwadi zeBhayibheli zazimbalwa, ngakho savula umtapo wezincwadi ezibolekisayo emigwaqweni yaseDonetsk. Samisa itende emakethe yedolobha ukuze sibonise amakhophi ezincwadi nezincwajana zethu. Ngokushesha abantu abanobungane nabafuna ukwazi babema babuze imibuzo. Labo ababefuna izincwadi babeziboleka, futhi batshelwe ngesifundo seBhayibheli sasekhaya.
Ngo-1992, ngaba iphayona, isikhonzi sesikhathi esigcwele soFakazi BakaJehova, kwathi ngo-September 1993, ngamenyelwa ukujoyina iqembu labahumushi ehhovisi legatsha le-Watch Tower Society eSelters, eJalimane. Ngo-September 1998 sathuthela ePoland sisalinde ukuqedwa kwezakhiwo zegatsha lethu elisha eLviv, e-Ukraine.
Ukwanda phakathi kwabantu bakaJehova e-Ukraine kuye kwamangalisa. Nakuba iDonetsk yayinebandla elilodwa loFakazi abangu-110 ngo-1991, manje isinamabandla angu-24 anoFakazi abangaphezu kuka-3 000! Lapho ngivakashela eDonetsk ngo-1997 angihlangabezananga nje nezinto ezinhle kuphela kodwa nesimo esangibangela usizi.
“UPjotr Uyakufuna”
Lapho ngiseDonetsk, uJuliya, uFakazi owayazi umkhaya wakithi, wangethusa lapho ethi: “UPjotr uyakufuna. Ufuna ukukhuluma nawe.”
Ekhaya ngalobo busuku ngakhala futhi ngathandaza kuJehova. Wayengifunelani uPjotr? Ngangazi ukuthi wayebhadle ejele iminyaka eminingana ngenxa yecala lakhe. Ngangimzonda ngenxa yalokho akwenza, futhi nganginomuzwa wokuthi kwakungafanele afunde ngezwe elisha likaJehova. Ngathandaza ngale ndaba izinsukwana futhi ngaqaphela ukuthi akukona okwami ukunquma ukuthi ubani ofanelwe ukuthola ukuphila okuphakade. Ngakhumbula isithembiso sikaJesu Kristu eselelesini esasilenga eduze kwakhe esigxotsheni—sokuthi leso selelesi siyoba naye ePharadesi.—Luka 23:42, 43.
Ngicabanga ngalokhu, ngazimisela ukubona uPjotr futhi ngifakaze kuye ngoMbuso kaMesiya nesimiso esisha sezinto sikaNkulunkulu. Ngiphelezelwa abafowethu ababili abangamaKristu, ngaya ekhelini engalinikezwa uJuliya. Lapho, ngokokuqala ngqá kusukela kwashona umama, ngabonana ubuso nobuso noPjotr.
Isimo sasishubile. Ngachazela uPjotr ukuthi ngase nginguFakazi KaJehova nokuthi iBhayibheli lalingisizile ukuba ngiqonde ukuthi kungani sonke kufanele sibhekane nezinkinga kulesi simiso, ngezinye izikhathi ngisho nezinhlekelele zomuntu siqu. Ngamtshela futhi uPjotr ukuthi kwakubuhlungu kangakanani kithi ukushonelwa umama bese sishonelwa nangubaba.
UPjotr wachaza ukuthi kunezwi elalimtshele ukuthi abulale umama, wabe eselandisa kabanzi-ke ukuthi kwenzekani ngalolo suku. Njengoba ngangilalele exoxa indaba ethusayo, ngafikelwa yimizwa yokwenyanya nozwela, ngoba wayebonakala ethukile wena owabona isilwane esizingelwayo. Lapho uPjotr eseqedile ukukhuluma, ngazama ukumbonisa ezinye zezithembiso ezimangalisayo eBhayibhelini. Wathi ukholelwa kuJesu, ngakho ngambuza:
“Unalo iBhayibheli?”
“Angikabi nalo. Kodwa sengili-odile,” ephendula.
“Kungenzeka usuyazi kakade ukuthi ngokweBhayibheli, igama likaNkulunkulu weqiniso uJehova.”—IHubo 83:18.
Lapho ezwa lelo gama, uPjotr wayaluza. Wathi: “Ungakhulumi nami ngalelo gama. Angilifuni lelo gama.” Sazama ukutshela uPjotr ngezithembiso ezimangalisayo zikaNkulunkulu kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya.
Ngasala nento eyodwa eyayingicacele engqondweni: Ukuba angizange ngimazi uJehova, ngabe nami ngabulawa njengomama, ngabe ngazibulala njengobaba, noma ngabe ngasetshenziselwa ukwenza izinto ezinyanyekayo njengoPjotr. Yeka ukuthi ngibonga ngokujule kangakanani ngokuthi ngazi uNkulunkulu weqiniso, uJehova!
Bheka Phambili, Ungabheki Emuva
Lezi zenzakalo ezibuhlungu ziye zangishiya nginezibazi ngokomzwelo. Ngisho namanje izinkumbulo zingizwisa ubuhlungu nosizi ngezinye izikhathi. Kodwa lapho ngiqala ukwazi uJehova nezinjongo zakhe, ngaqala ukululama. Iqiniso leBhayibheli liye langifundisa ukugxila esikhathini esizayo, ngingabheki emuva. Futhi yeka ukuthi uJehova uzithembise ikusasa elihle kanjani izinceku zakhe!
Lelo kusasa lihlanganisa ukuvuselwa kwabafile emhlabeni oyipharadesi. Yeka ukuthi ngiyojabula kanjani uma ngamukela abazali bami bephila! Empeleni ubaba wayeqinisile uma ethi: “Siyizivakashi nje kule planethi.” Futhi ukuthambekela kukamama kokukholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona ngempela kwakuyiqiniso. Into engiyilangazelela kakhulu ukufundisa umama nobaba amaqiniso eBhayibheli uma bevuselwa esimisweni esisha sezinto sikaNkulunkulu.
[Umbhalo waphansi]
a Igama lishintshiwe.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 24]
Ngokokuqala ngqá kusukela kwashona umama, ngabonana ubuso nobuso nombulali wakhe
[Isithombe ekhasini 23]
Ngangiwa uMarianne noHeinz Wertholz, izithunywa zevangeli ezangifundela e-Uganda
[Isithombe ekhasini 23]
Lapho ngibhapathizwa eKampala
[Isithombe ekhasini 24]
Ngisebenza njengengxenye yeqembu labahumushi besi-Ukraine eWarsaw, ePoland