Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 10/22 k. 32
  • Okubangela Ukuwohloka Kwesimilo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okubangela Ukuwohloka Kwesimilo
  • I-Phaphama!—2000
I-Phaphama!—2000
g00 10/22 k. 32

Okubangela Ukuwohloka Kwesimilo

NGO-OCTOBER nyakenye umlobi waseLoja, e-Ecuador, wazwakalisa ukwazisa ngenkonzo yoFakazi BakaJehova. Phakathi kwezinye izinto aziphawula, wathi:

“Olunye lwezinhlupho ezimbi kakhulu ezikhathaza isintu ukuwohloka kwesimilo . . . Kubonakala sengathi abantu sebekhohliwe ukugcina iMiyalo Eyishumi futhi abasawushayi mkhuba unembeza wabo, okuyinto ephazamisa ukuzwana phakathi kwabantu. Yonke indawo nsuku zonke, sizwa ngenzondo, ubudlova, ubugebengu, ukushushumbiswa kwezidakamizwa, ubuphekula nokuntula inhlonipho ngesithunzi somuntu. . . .

“Ngaphandle kokubukisa, oFakazi BakaJehova benza umsebenzi wabo ngendlela enokuthula nezolile, bevakashela omakhelwane babo endlini ngendlu, behambisa omagazini babo ababili abahle, INqabayokulinda ne-Phaphama!, abanyathelisa izihloko ezithakazelisa ngempela. Ikakhulukazi i-Phaphama! idingida izindaba ezihlukahlukene ezithakazelisayo eziqukethe amaqiniso angokwesayensi nolwazi oluvamile. Konke lokhu kubhalwe ngendlela ecacile neshaya emhloleni.”

Ukuwohloka kwesimilo namuhla kusobala, kodwa njengoba kushiwo ekhasini 4 lalo magazini engxenyeni ethi “Isizathu Sokukhishwa Kwe-Phaphama!,” i-Phaphama! “iphenya futhi ikhombe isizathu sangempela salokho okushiwo izehlakalo ezenzekayo.” Incwajana ethi Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela? iyakuvuma ukuhlupheka isintu esiye sabhekana nako, kodwa idlulela ngalé kwalokho. Ibonisa ukuthi kungani kunokuwohloka kwesimilo nemiphumela yako emibi. Okubaluleke nakakhulu, yembula indlela usizo oluzofika ngayo maduzane.

Ungacela ikhophi yale ncwajana eduduzayo enamakhasi angu-32 ngokugcwalisa isigqebhezana esingezansi bese usithumela ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.

□ Ngicela ningithumelele ikhophi yencwajana ethi Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?

Bonisa ulimi

□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela