Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 9/22 k. 32
  • “Nginethulela Isigqoko”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Nginethulela Isigqoko”
  • I-Phaphama!—2000
I-Phaphama!—2000
g00 9/22 k. 32

“Nginethulela Isigqoko”

WABHALA kanjalo umKatolika ozinikele waseFairhope, e-Alabama, e-U.S.A., ekhuluma ngezincwadi zoFakazi BakaJehova nalabo ababemnike zona.

Wathi: “Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! babhalwe kahle kakhulu futhi banezindaba ezinhle. Njalo ngiyajabula lapho kufika abanye babantu benu bengilethele ikhophi kamagazini ngamunye. Futhi ngiwafunda womabili.

“Abantu benu banomusa nenhlonipho, futhi ngiyajabula kakhulu ukubona abantu benza umsebenzi kaNkulunkulu (uJehova) bemomotheka. Kulezi zinsukwana, kufike izingane ezimbili kwami zazisho amagama azo zase zinginika omagazini. Ngazibonga futhi ngajabula kakhulu ukubona izingane zenza imisebenzi emihle esikhundleni sokuba izigangi.

“NgingumKatolika ozinikele . . . , kodwa ngiyawuncoma umsebenzi omuhle owenziwa yinhlangano yenu nabantu bayo. Ngikusho ngokusuka ekujuleni kwenhliziyo yami lokhu, ukuthi ngiyabajabulela kakhulu omagazini benu futhi ngiyabancoma abantu benu abahle abamomothekayo. . . . Nginethulela isigqoko. Qhubekani nomsebenzi omuhle.”

OFakazi BakaJehova bananezinye izincwadi ezinakekela izidingo ezithile ngokukhethekile. Enye yazo incwajana enamakhasi angu-32 enesihloko esithi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Ezifundweni ezingu-16 ichaza kokubili izimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo kanye nalokho iBhayibheli elithi kufanele sikwenze ukuze samukelwe uNkulunkulu. Uma ungathanda ukucela ikhophi yamahhala, gcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 kulo magazini.

□ Ngicela ningithumelele ikhophi yencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifu- nayo Kithi?

Bonisa ulimi

□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela