“Ngiyayithanda Indlela Esingatha Ngayo Izindaba”
Yilokho umsizi osemusha womphathi webhizinisi waseYucatán, eMexico, akusho mayelana nendlela umagazini i-Phaphama! osingatha ngayo izihloko. Encwadini wachaza ukuthi wathola i-Phaphama! komunye uFakazi abasebenza naye enkampanini yomshuwalense.
Ekhuluma nge-Phaphama!, wathi: “Iwumthombo wangempela wokwaziswa neqiniso. Ngiyayithanda indlela esingatha ngayo izindaba, ngoba ayithambekele ekukhetheni kwezombangazwe futhi ayibabheki abantu abathile njengabangcono kunabanye. Ngiye ngathola amakhambi ezinkinga ngokufunda lo magazini. Lona umagazini othakazelisayo, ongathathi hlangothi, onokwaziswa kwamuva futhi ozuzisayo. Ngempela ngiyanihalalisela!”
Eminyakeni ethile edlule i-Phaphama! yadingida inselele yokubhekana nokufa kothandekayo. Kamuva lokho kwaziswa kwahlelwa kabusha futhi kwanyatheliswa encwajaneni enesihloko esithi Lapho Ufelwa Othandekayo. Mhlawumbe wena noma othile omaziyo angathola induduzo ngokufunda le ncwajana enamakhasi angu-32. Ungacela ikhophi ngokugcwalisa bese uthumela isigqebhezana esingezansi ekhelini eliboniswe kuso noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
◻ Ngithumeleleni ikhophi yencwajana ethi Lapho Ufelwa Othandekayo.
Bonisa ulimi
◻ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.