Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 3/22 k. 3
  • Izwe Eliluthwe Ukubhema

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izwe Eliluthwe Ukubhema
  • I-Phaphama!—2000
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ugwayi—Ingabe Uyawenqaba?
    I-Phaphama!—1996
  • Ukuphila Okuyizigidi Kuyabhujiswa
    I-Phaphama!—1995
  • Kungani Kumelwe Ukuyeke Ukubhema?
    I-Phaphama!—2000
  • Izinkampani Zikagwayi Zisenkingeni
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 3/22 k. 3

Izwe Eliluthwe Ukubhema

UBILL wayeyindoda enomusa, ekhaliphile nenamandla. Wayewuthanda umkhaya wakhe. Nokho, waqala ukubhema ugwayi esemncane. Kamuva ekuphileni waqala ukuwuzonda lo mkhuba. Nakuba ayephafuza ugwayi, ngobuqotho wayexwayisa amadodana akhe ngokubhema, ewatshela ukuthi kuwubuwula kanjani. Ngezinye izikhathi wayenyomfoza iphakethe likagwayi ngezandla zakhe eziqinile alijikijele lé kude, efunga ethi wayegcina ngcí ukubhema. Nokho, ngokushesha wayeqala abheme futhi—ekuqaleni efihla, kamuva obala.

Sekuphele izinyanga ebhekene nobuhlungu obunjunjuthayo, uBill wabulawa umdlavuza eminyakeni engu-15 edlule. Ukube wayengabhemi, ngokunokwenzeka ngabe usaphila nanamuhla. Umkakhe ngabe usenomyeni; amadodana akhe ngabe asenoyise.

Ukufa kukaBill, nakuba kwakubuhlungu emkhayeni wakhe, akuyona into eyingqayizivele. Ngokwe-World Health Organization (WHO), izifo ezibangelwa ugwayi zibulala cishe abantu abayizigidi ezine unyaka ngamunye, noma umuntu oyedwa njalo ngemva kwemizuzwana engu-8. Emhlabeni wonke ukubhema kuyimbangela eyinhloko yezifo enganqandeka. Uma izimo zamanje ziqhubeka, eminyakeni engu-20 ezayo ukubhema kuyoba imbangela yokufa nokukhubazeka ehamba phambili, ebulala abantu abaningi kunengculaza, isifo sofuba, ukufa kwabakhulelwe, izingozi zezimoto, ukuzibulala nokubulawa kuhlangene.

Ugwayi uyabulala. Nokho abawubhemayo bakuyo yonke indawo. I-WHO ithi emhlabeni wonke, okungenani abantu abayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-1,1 bayabhema. Lokho kusho cishe ingxenye eyodwa kwezintathu yabantu abadala emhlabeni.

Abahlaziyi bathi nakuba manje izinkampani zikagwayi zikhokha amakhulu ezinkulungwane zamaRandi ngenxa yokumangalelwa ngamacala athile, leyo mali incane uma iqhathaniswa nenzuzo eyizigidigidi zamaRandi eziyitholayo. E-United States kuphela, kulinganiselwa ukuthi kukhiqizwa izigidi eziyinkulungwane nesigamu zikagwayi ezimbonini zikagwayi ngosuku. Emhlabeni wonke, izinkampani zikagwayi nezinkampani eziphethwe uhulumeni zithengisa ugwayi ongaphezu kwezigidi eziyizigidi ezinhlanu minyaka yonke!

Kungani abantu abaningi kangaka bephikelela emkhubeni obulala kangaka? Uma ubhema, ungayeka kanjani? Le mibuzo izophendulwa ezihlokweni ezilandelayo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela