Umbhalo Waphansi
c Emthandazweni wakhe, uHana wasebenzisa amazwi afana nalawo abhalwa uMose. Kusobala ukuthi wayezinika isikhathi sokuzindla ngemiBhalo. (Dut. 4:35; 8:18; 32:4, 39; 1 Sam. 2:2, 6, 7) Emakhulwini eminyaka kamuva, uMariya umama kaJesu, wasebenzisa amagama afana ncamashi nalawo ashiwo uHana.—Luka 1:46-55.