Umbhalo Waphansi
c INCAZELO YESITHOMBE: Bona ukuthi isifundo seBhayibheli singenza umuntu enze ziphi izinguquko ekuphileni kwakhe: Ekuqaleni, ukuphila kwalo muntu kubonakala kungenanjongo, uhlukanisiwe noJehova. Ube esehlangana noFakazi abasemsebenzini wokushumayela, futhi wamukela isifundo seBhayibheli. Akufundiswayo kumholela ekuzinikezeleni nasekubhapathizweni. Ngokuhamba kwesikhathi, naye wenza abafundi. Ekugcineni, bonke bajabulela ukuphila ePharadesi.