Umbhalo Waphansi
a Izinceku zikaJehova eziningi namuhla zibhekene nezinkinga zokuguga, kanti ezinye ukugula kuzishiya zikhandlekile. Sonke ngezinye izikhathi siyakhathala. Ngakho indaba yokugijima emncintiswaneni ingase izwakale iwumqansa. Lesi sihloko sixoxa ngendlela esingakwazi ngayo sonke ukugijima ngokukhuthazela futhi siwunqobe lo mncintiswano wokuphila uPawulu ayekhuluma ngawo.