Umbhalo Waphansi
a Njengomhubi uDavide, sonke siyamthanda uJehova futhi siyakujabulela ukumdumisa. Sinethuba elihle kakhulu lokubonisa ukuthi siyamthanda uNkulunkulu lapho sihlangana nabafowethu ebandleni ukuze simkhonze. Nokho, abanye kithi bakuthola kunzima ukuphendula emihlanganweni. Uma unaleyo nkinga, lesi sihloko sizokusiza ubone ukuthi kungani wesaba nokuthi ungakunqoba kanjani lokho kwesaba.