Umbhalo Waphansi
a UProfesa C. Marvin Pate uthi izazi eziningi zikholelwa ukuthi lapho uJesu ethi ‘namuhla,’ wayesho ukuthi wayezofa bese eya ePharadesi ngalo lolo suku noma phakathi namahora angu-24. Uthi inkinga ngalo mbono ukuthi uyaphikisana nalokho okushiwo iBhayibheli, njengoba lithi uJesu wayesethuneni ngemva kokufa, wabe esenyukela ezulwini kamuva.—Math. 12:40; IzE. 2:31; Roma 10:7.