Umbhalo Waphansi
a Ezinye izazi zeBhayibheli zigomela ngokuthi uJude wacaphuna incwadi engekho eBhayibhelini ebizwa ngokuthi i-Book of Enoch, kodwa leyo ncwadi igcwele izindaba eziqanjiwe ongaziwa umthombo wazo, okuthiwa ezika-Enoke kube kungenjalo. Kule ncwadi isiprofetho sika-Enoke sicashunwe ngokunembile, kodwa kungenzeka sasithathwe komunye umthombo osuwalahleka—mhlawumbe okuthile okubhaliwe noma indaba eyayixoxwa. Kungenzeka ukuthi noJude wasebenzisa wona lowo mthombo noma kungenzeka ukuthi wafunda ngo-Enoke kuJesu owayesezulwini futhi owakubona ukuphila kuka-Enoke.