Umbhalo Waphansi
b Ama-Israyeli awawachazelanga amaKhanani imibandela yokuthula ngaphambi kokulwa nawo. Kungani? Kungenxa yokuthi amaKhanani anikwa iminyaka engu-400 ukuze alungise izindlela zawo ezimbi. Ngesikhathi ama-Israyeli efika ezokulwa nawo, amaKhanani—njengeqembu—ayengakashintshi. (Genesise 15:13-16) Ngakho kwakumelwe abhuqwe. Nokho, amaKhanani ambalwa alungisa izindlela zawo ezimbi, asinda.—Joshuwa 6:25; 9:3-27.