Umbhalo Waphansi
a Ngemva kokuphuma eGibhithe, ama-Israyeli ayemagange ukungena eKhanani, izwe uNkulunkulu ayelithembise u-Abrahama. Kodwa lapho izinhloli eziyishumi zibuya nombiko omubi, abantu bakhononda ngoMose. UJehova wabe esebajezisa ngokuthi babezochitha iminyaka engu-40 ehlane—isikhathi eside ngokwanele ukuba kufe sonke leso sizukulwane esivukelayo.