Umbhalo Waphansi
a Ngezinye izikhathi, leli vesi lihunyushwa ngendlela eyenza kuzwakale sengathi ukufa kukamama yikho kuphela okufanelwe isigwebo sokufa. Kodwa umbhalo wesiHebheru wolimi lokuqala ubonisa ukuthi lo mthetho wawukhuluma ngengozi eyayingase iholele ekufeni kukamama noma komntanakhe ongakazalwa.