Umbhalo Waphansi
c Kungase kubonakale kuxaka ukunezela lo mniningwane, kodwa kwakungeyona into engavamile ezikhathini zasendulo. Isazi-mlando esingumGreki uHerodotus saphawula ukuthi amaPheresiya asendulo ayelilela ukufa kukajenene othandwayo ngokuhlanganisa nezilwane ezifuyiwe emasikweni okulila.