Umbhalo Waphansi
a Abakwa-Amoni babenganqikazi ukwenza izenzo zonya olukhulu. Ingakapheli neminyaka engu-60, básongela izakhamuzi zaseGileyadi ngokuthi bazozikhipha zonke iso langakwesokunene. Umprofethi u-Amose wakhuluma ngesikhathi lapho baqhaqha khona abesifazane bakwaGileyadi abakhulelwe.—1 Samuweli 11:2; Amose 1:13.