Umbhalo Waphansi
a Lapho uPetru ehambela eSiriya Yase-Antiyokiya, wajabulela ubudlelwane obumnandi namakholwa abeZizwe. Nokho, kwathi lapho kufika amaKristu angamaJuda evela eJerusalema, uPetru ‘wahoxa futhi wazihlukanisa, ngokwesaba labo besigaba sabasokile.’ Singacabanga nje ukuthi kumelwe ukuba labo beZizwe ababephendukile bazizwa kanjani lapho lo mphostoli ohlonishwayo enqaba ukudla nabo.—Galathiya 2:11-13.