Umbhalo Waphansi
b Yiqiniso, kunomehluko phakathi kokufumbathisa nesipho (tip). Ukufumbathisa kwenzelwa ukusonta ubulungisa noma ezinye izinjongo zokungathembeki, kuyilapho isipho siwukubonakaliswa kokwazisa ngenkonzo eyenziwe. Lokhu kuchazwe esihlokweni esithi “Imibuzo Evela Kubafundi” esikuyi-Nqabayokulinda ka-October 1, 1986.