Umbhalo Waphansi
a Ngemva kokufa kukaC. T. Russell, kwenziwa incwadi eyabizwa ngokuthi umqulu wesikhombisa wethi Studies in the Scriptures emzamweni wokunikeza incazelo yencwadi kaHezekeli nesAmbulo. Ngokwengxenye, lo mqulu wawusekelwe kulokho okwashiwo uRussell ngalezo zincwadi zeBhayibheli. Nokho, isikhathi sokwambula lezo ziprofetho sasingakafiki, futhi nencazelo eyayinikezwe kulowo mqulu we-Studies in the Scriptures yayingacacile. Eminyakeni eyalandela, umusa kaJehova ongafanele nentuthuko yezenzakalo zomhlaba kuye kwenza amaKristu ayiqonda ngokunembe kakhudlwana incazelo yalezo zincwadi zesiprofetho.