Umbhalo Waphansi
a AbaFarisi yibona abanecala kakhulu ngohlobo lweNkolo YobuJuda olukhona namuhla, ngakho akumangalisi ukuthi iNkolo YobuJuda isafuna izintuba emithethweni yayo yeSabatha eminingi enezelwe. Ngokwesibonelo, umuntu ovakasha ngeSabatha esibhedlela samaJuda sobu-orthodox angase athole ukuthi ikheshi liyazimela kuzo zonke izitezi ukuze abagibeli bagweme ukwenza “umsebenzi” oyisono wokucindezela inkinobho yekheshi. Abanye odokotela benkolo yobu-orthodox babhala imithi yesiguli ngoyinki ozophela ngezinsuku ezimbalwa. Ngani? IMishnah ibeka ukubhala esigabeni ‘somsebenzi,’ kodwa ichaza “ukubhala” ngokuthi ukushiya uphawu olungasuki.