Umbhalo Waphansi
c Leli iphutha elenziwa izinkolo eziningi zeLobukholwa. Elithi umLuthela igama eliyisifekethiso lokugcona, izitha zikaMartin Luther ezaletha abalandeli bakhe, ababe sebelamukela. Ngokufanayo, amaBaptist amukela igama eliyisifekethiso lokugcona, abantu bangaphandle ababewethe lona ngenxa yokuthi ayefundisa ubhapathizo lokucwiliswa. Okunye okucishe kufane, amaWeseli (Methodists) amukela igama alethwa omunye umuntu wangaphandle. Ngokuphathelene nendlela i-Society of Friends eyabizwa ngayo ngokuthi ama-Quaker, i-World Book Encyclopedia ithi: “Igama elithi Quaker ekuqaleni lalihloselwe ukucunula uFox [umsunguli], owatshela umahluleli oyiNgisi ukuba ‘aqhaqhazelele iZwi leNkosi.’ Lomahluleli wabiza uFox ngokuthi ‘i-quaker’ [umqhaqhazeli].”