Umbhalo Waphansi
a Nokho, uJehova ucabangela ezinye izici ekunqumeni ukuthi kufanele yini athethelele. Ngokwesibonelo, uma umenzi wobubi engazazi izindinganiso zikaNkulunkulu, lokho kungazi kunganciphisa ubunzima bokuba necala. Lapho uJesu ecela uYise ukuba athethelele labo abambulala, ngokusobala wayekhuluma ngamasosha amaRoma ambulala. ‘Ayengakwazi ayekwenza,’ engazi ukuthi wayengubani ngempela. Nokho, abaholi benkolo ababeshoshozela lokho kubulala bathwala icala elikhulu kakhulu—futhi ngabaningi babo, ukuthethelelwa kwakungenakwenzeka.—Johane 11:45-53; qhathanisa nezEnzo 17:30.