Umbhalo Waphansi
f UProfesa Walter L. Liefeld uyabhala: “Kungenzeka ngempela ukucabanga ukuthi ukubikezela kukaJesu kwakuhlanganisa imikhakha emibili: (1) izenzakalo zango-A.D. 70 ezihilela ithempeli (2) nalezo ezaziyokwenzeka esikhathini esikude esizayo, ezichazwe ngamagama angokwesambulo.” Incwadi yokuhlaziya eyabhalwa uJ. R. Dummelow ithi: “Eziningi zezinkinga ezingathi sína kakhulu zalentshumayelo enkulu ziyanyamalala lapho siqaphela ukuthi iNkosi yethu yayingabhekiseli esenzakalweni esisodwa kuyo kodwa kwezimbili, nokuthi esokuqala sasiwumfuziselo wesesibili. . . . Ikakhulukazi [uLuka] 21:24, okhuluma ‘ngezikhathi zabeZizwe,’ . . . ubeka isikhawu esihlala njalo phakathi kokuwa kweJerusalema nokuphela kwezwe.”