Umbhalo Waphansi
c Ukulandisa kunikeza izibonelo ezimbili zokungahloniphi. Esokuqala, uMthetho wawukubeke kwacaca ukuthi iyiphi inyama yomhlatshelo okwakumelwe iye kubapristi ukuze bayidle. (Dut. 18:3) Kodwa etabernakele izikhohlakali zabapristi zazenza okuhluke kakhulu. Zazitshela izinceku zazo ukuba zifake imfologo enkulu embizeni okwakubiliselwa kuyo inyama zithathe noma yimaphi amaqatha aphumayo! Esesibili, lapho abantu beletha imihlatshelo ukuba izoshiswa e-altare, abapristi abakhohlakele babetshela izinceku zabo ukuba zikhakhabise abalethe iminikelo, zifune ngenkani inyama eluhlaza ngisho nangaphambi kokuba amanoni omhlatshelo anikelwe kuJehova.—Lev. 3:3-5; 1 Sam. 2:13-17.