Umbhalo Waphansi
c Ezinye izazi-mlando zamaJuda zithi lomzukulu kaEliyashibi kwakuthiwa uManase, nokuthi ekanye nomukhwe wakhe, uSanibalati, wakha ithempeli eNtabeni yaseGerizimu, elaba isikhungo sokukhulekela kwamaSamariya futhi wayesesikhundleni sobupristi ngesikhathi sokuphila kwakhe. IGerizimu yintaba uJesu abhekisela kuyo kuJohane 4:21.—The Second Temple in Jerusalem, 1908, W. Shaw Caldecott, amakhasi 252-5; bheka iWatchtower, July 15, 1960, amakhasi 425-6.