Umbhalo Waphansi
a Ezindaweni ezingaphandle kweScandinavia amaViking ayevame ukubizwa ngokuthi amaqaba, amaDane, amaNorthman noma amaNorseman. Njengoba izazi-mlando eziningi namuhla zisebenzisa igama elithi “amaViking” zibhekisela kubo bonke abantu baseScandinavia bangenkathi yamaViking, siye sasebenzisa lelo gama kulesi sihloko. Awaziwa umsuka wegama elithi “Viking.”