Umbhalo Waphansi
a I-Phaphama! ayilona iphephabhuku lezokwelapha, futhi lezi zihloko ezikhuluma nge-MCS azihloselwe ukusekela noma imuphi umbono wezokwelapha. Zimane nje zibika izinto ezisanda kutholakala nalokho odokotela abathile neziguli abakuthola kuwusizo ekubhekaneni nalesi sifo. I-Phaphama! iyavuma ukuthi kunokungavumelani phakathi kodokotela, mayelana nezimbangela ze-MCS, ubunjalo balesi sifo, noma izindlela zokwelapha eziningi nezinhlelo labo esibaphethe abanikezwa zona futhi bazisebenzise.