Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • hdu isihloko 5
  • Inala Iqeda Ukuntula

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Inala Iqeda Ukuntula
  • Indlela Iminikelo Yenu Esetshenziswa Ngayo
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Siyambonga UJehova Ngenxa Yothando Lwenu
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2021
  • “Isipho SikaJehova”
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2018
  • Kungani Kufanele Uphe UMuntu Onakho Konke?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
  • Singasiza Ngani?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
Bheka Okunye
Indlela Iminikelo Yenu Esetshenziswa Ngayo
hdu isihloko 5
Izithombe: Imisebenzi eyenziwa oFakazi BakaJehova emhlabeni jikelele. 1. Umfowethu osemncane ufundela abanye abafanyana ababili incwadi. 2. Izincwadi ezinyathelisiwe ezihlukahlukene. 3. Indoda nomkayo bashumayela kowesilisa. 4. Umfowethu ufundela owesilisa umBhalo.

INDLELA IMINIKELO YENU ESETSHENZISWA NGAYO

Inala Iqeda Ukuntula

OKTHOBA 1, 2020

OFakazi BakaJehova benza imisebenzi yenkolo neyokunikeza usizo emphakathini emazweni angaphezu kuka-200. Kodwa amazwe angaba ngu-35 kuphela kulawa athola iminikelo eyanele ezweni lawo yokubhekana nezindleko zawo. Izindleko zinakekelwa kanjani emazweni angamile kahle kwezomnotho?

INdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova ihlaziya izidingo ezingokomoya nemisebenzi eyenziwa abanye oFakazi emhlabeni wonke. Izimali zibe sezabiwa ngokuvumelana nesidingo. Uma igatsha elithile lithola imali eningi kunaleyo eliyidingayo ukuze libhekane nezindleko zalo, lidlulisela leyo mali emazweni antulayo. Lolu hlelo lulandela isibonelo samaKristu okuqala, ayesizana ukuze “kube khona ukulingana.” (2 Korinte 8:14) Ayesebenzisa inala yawo ukuze aqede ukuswela kwamaKristu ayenokuncane.

Bazizwa kanjani abafowethu abasuke bethole imali evela kwamanye amagatsha? Ngokwesibonelo, eTanzania, lapho abantu abangaphezu kohhafu kulelo zwe bephila khona ngemali engaphansi kwama-dollar amabili ngosuku, leyo mali yasetshenziselwa ukulungisa iHholo LoMbuso elisetshenziswa yiBandla laseMafinga. Leli bandla labhala: “Selokhu iHholo lethu lalungiswa, inani labantu ababa khona selikhuphuke kakhulu! Siyibonga kakhulu inhlangano kaJehova nabafowethu emhlabeni wonke ngokupha kwabo, okusenze sakwazi ukujabulela ukuba nendawo enhle kangaka yokukhonza.”

Abanye babafowethu eSri Lanka bebeswele ukudla ngenxa yobhubhane lwe-COVID-19. Abanye babo, udadewethu u-Imara Fernando nendodana yakhe encane, u-Enosh. Kodwa ngenxa yeminikelo evela kwamanye amazwe, bakwazile ukuthola usizo abaludingayo. Babhala lo myalezo ekhadini abazenzela lona ngesandla: “Siyababonga abafowethu abasibonise uthando phakathi nalezi zikhathi ezinzima. Sijabula ngempela ngokuba amalungu alo mndeni, siqhubeka sithandazela nokuba uJehova abasize bonke abafowethu kulezi zinsuku zokugcina.”

U-Imara nendodana yakhe u-Enosh. Umfanyana uphethe uphawu olubhalwe ukuthi: ‘siyabonga.’

U-Imara no-Enosh Fernando

Noma ngabe abafowethu nodadewethu bahlala kuphi emhlabeni, izinhliziyo zabo zihlale zibashukumisela ukuba baphe abanye lokho abanakho. Ngokwesibonelo, u-Enosh, wazenzela ibhokisi lomnikelo elincane ukuze naye akwazi ukunikelela imindeni edinga usizo. UGuadalupe Álvarez naye ubonisa umoya wokupha ofanayo. Uhlala esifundazweni saseMexico lapho kunabambalwa khona abasebenzayo bathole iholo elincane kanti abaningi abasebenzi nhlobo. Noma kunjalo, unikela ngokusemandleni akhe naye. Wabhala: “Ngiyambonga uJehova ngobuhle bakhe nangothando lwakhe oluqotho. Ngiyazi ukuthi iminikelo yami izohlanganiswa neyabanye bese isiza abafowethu abaswele.”

Amahhovisi egatsha athumela izimali ezindaweni ezinesidingo ayakujabulela ukwenza lokho. U-Anthony Carvallo, okhonza eKomitini Yegatsha yaseBrazil, uthi: “Kwaphela iminyaka eminingi, umsebenzi owenziwa ezweni lethu udinga ukusekelwa ngezimali ezivela kwamanye amazwe. Ngenxa yalokho kusekelwa, sibe nokwanda okukhulu ngokubabazekayo. Manje, izimo zethu zezomnotho sezishintshile, ngakho nathi sesinelungelo lokusiza abanye. Abafowethu babheka umsebenzi wokushumayela ngokwezinga lomhlaba wonke futhi bayayibona indima abangaba nayo manje njengabafundi bakaJesu abazidelayo.”

OFakazi BakaJehova bangabasekela kanjani kangcono abafowabo nodadewabo abaswele? Hhayi ngokuthumela imali ngokuqondile emahhovisi amagatsha akwamanye amazwe, kodwa ngokunikelela umsebenzi womhlaba wonke. Le minikelo ingafakwa ebhokisini leminikelo elisebandleni elibhalwe ukuthi “Umsebenzi Womhlaba Wonke” noma ngokusebenzisa iwebusayithi ethi donate.jw.org. Yonke iminikelo enjalo yaziswa kakhulu.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela