Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwyp isihloko 81
  • Ngenzenjani Uma Ngibhorekile?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngenzenjani Uma Ngibhorekile?
  • Intsha Iyabuza
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okufanele ukwazi
  • Ongakwenza
  • Kuthiwani Uma Ingane Yami Ibhorekile?
    Usizo Lomndeni
  • Yiliphi Ikhambi Elilula Lesithukuthezi?
    I-Phaphama!—1995
  • Ingabe Ukuphila Kwakho Kunesithukuthezi? Ungakushintsha!
    I-Phaphama!—1995
  • Ingabe Ukuphila Phakade EPharadesi Kuyoba Nesithukuthezi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza
ijwyp isihloko 81
Umfana unemishini yezobuchwepheshe kodwa ulele embhedeni ubheke usilingi

INTSHA IYABUZA

Ngenzenjani Uma Ngibhorekile?

Ayikho into abanye abantu abayizonda njengokuba sekhaya ntambama izulu lina futhi kungekho abangakwenza noma indawo abangaya kuyo. Insizwa okuthiwa uRobert ithi, “Uma isimo sezulu sinjalo, ngivele ngihlale ngingazi ukuthi ngenzeni.”

Wake wazizwa kanjalo yini nawe? Uma kunjalo, lesi sihloko sizokusiza!

  • Okufanele ukwazi

  • Ongakwenza

  • Okushiwo ontanga yakho

Okufanele ukwazi

  • Ukusebenzisa imishini yezobuchwepheshe kungase kungakusizi.

    Ukungena ku-inthanethi kungaba indlela yokuchitha isizungu, kodwa kungakwenza ubhoreke nakakhulu ngoba kukwenza ungayisebenzisi ingqondo yakho. UJeremy oneminyaka engu-21 uthi: “Uzithola ugqolezele isikrini kodwa kungekho okutheni ocabanga ngakho.”

    Intombazane okuthiwa u-Elena iyavumelana nalokho. Ithi: “Kunezinto imishini yezobuchwepheshe engeke ikwazi ukuzenza. Ikwenza ungajwayelani nokuphila kwangempela okwenza ukuthi uma ungasayisebenzisi, uvele ubone ukuphila sekubhora nakakhulu!”

  • Lungisa ingqondo yakho.

    Ingabe ukuba nezinto eziningi okumelwe uzenze, kungakwenza ungabhoreki? Kuya ngokuthi uyithanda kangakanani leyo nto oyenzayo. Ngokwesibonelo, nakhu uKaren akukhumbulayo: “Ngisho noma kwakunezinto okwakumelwe ngizenze esikoleni, kodwa sasingibhora. Kufanele ukuthande okwenzayo ukuze kungakubhori.”

Bewazi? Ukungabi nalutho ozolwenza akuyona inkinga, kuyithuba lokubona amanye amakhono onawo.

Isitshalo esinesiginci, iphepha nepeni nezinto zokudweba

Ukungabi nalutho ozolwenza kuyithuba lokubona amanye amakhono onawo

Ongakwenza

Yenza ezinye izinto. Thola abangane abasha. Thola into entsha ongayenza ngesikhathi sakho. Funda ngezinto ezintsha. Mancane amathuba okuba abantu abathanda izinto ezahlukahlukene babhoreke lapho bebodwa, futhi ngokuvamile abantu ababhoreki uma benabo!

Okushiwo iBhayibheli: “Konke isandla sakho esikutholayo ukuba sikwenze, kwenze ngawo wonke amandla akho.”​—UmShumayeli 9:10.

“Ngisanda kuqala ukufunda ulimi lwesiMandarin saseChina, futhi ukuluprakthiza njalo kungenze ngabona ukuthi bese ngikukhumbula ukufunda into entsha. Ngiyathanda ukuba nomsebenzi okufanale ngiwenze. Kwenza ngisebenzise ingqondo futhi ngisisebenzise kahle isikhathi sami.”​—UMelinda.

Yazi ukuthi yini uzoyizuza. Uma wazi ukuthi okwenzayo ukwenzelani, uzokuthanda nakakhulu. Ngisho nomsebenzi wesikole ngeke ubhore kangako uma wazi ukuthi kuzokusiza ngani ukuwenza.

Okushiwo iBhayibheli: ‘Akukho lutho olungcono kumuntu kunokuba abone okuhle ngenxa yomsebenzi wakhe onzima.’​—UmShumayeli 2:24.

“Lapho sengizoqeda isikole, ngangitadisha amahora angu-8 ngosuku ngoba ngangisalele emuva. Angizange ngibhoreke ngoba ngangazi ukuthi yini engangifuna ukuyithola. Ngangihlale ngizikhumbuza ukuthi ngangifuna ukuphasa ngiqede isikole, futhi lokho kwangisiza ngaqhubeka ngitadisha.”​—UHannah.

Funda ukwamukela izinto ongeke uzishintshe. Ngisho nezinto okujabulelayo ukuzenza zingakubhora ngesinye isikhathi. Ngisho nomngane wakho omkhulu kuyokwenzeka ashintshe ebenihlele ukukwenza, bese usala ungazi ukuthi wenzeni. Kunokuphatheka kabi, zama ukuba nombono omuhle ngalokho okwenzekile.

Okushiwo iBhayibheli: “Onenhliziyo enhle unedili njalo.”​—IzAga 15:15.

“Umngane wami wangitshela ukuthi kufanele ngifunde ukukujabulela ukuba ngedwa. Wathi ukufunda ukujabula lapho unabanye nalapho uwedwa, kuyikhono elibalulekile ekuphileni wonke umuntu okufanele afunde ukuba nalo.”​—U-Ivy.

Okushowo ontanga yakho

UHannah

“Lapho ngibona abantu abanokuphila okwakubonakala kumnandi, ngangifisa ukufana nabo. Ngokuhamba kwesikhathi ngabona ukuthi babengabantu abavamile, umahluko nje ukuthi bona babenezinto ababezenza. Ngakho nami ngaqala ukwenza izinto. Ngenza izinto ezithile engizithandayo ngesikhathi sami futhi ngafunda ngezinto ezahlukahlukene. Njengoba ufunda okwengeziwe ngezinto ezenzeka emhlabeni, kuvele kukumangaze lokho okufundayo futhi ufune ukwazi okwengeziwe, bese kuyaphela ukubhoreka.”​—UHannah.

UCaleb

“Ngesikhathi ngisemncane, uma ngibhorekile ngangiveme ngidlale imidlalo yamavidiyo. Kodwa njengoba ngikhula, ngabona ukuthi le midlalo ayisiza kangako. Yona iyasichitha isikhathi, kodwa uma uqeda usuke ufana nomuntu ongenzanga lutho. Ngathola izinto ezingcono engangingazenza ngesikhathi sami.”​—UCaleb.

UMicaela

“Ngangivame ukubhoreka, kodwa ngokuhamba kwesikhathi ngafunda ukuthi uma ngifuna ukuba nabantu kufanele kube yimina okuhlelayo ukuba nabo. Ngakwenza lokho, futhi kwangisiza kakhulu. Manje angisavamile ukuba ngedwa, kangangokuba uma kwenzekile ngiyasijabulela leso sikhathi!”​—UMicaela.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela