Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwyp isihloko 71
  • Ngingamkhetha Kanjani Umuntu Engingabukela Kuye?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngingamkhetha Kanjani Umuntu Engingabukela Kuye?
  • Intsha Iyabuza
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani kufanele umkhethe ngokucophelela umuntu obukela kuye?
  • Indlela ongamkhetha ngayo lowo muntu
  • Obani Abayizibonelo Kimi?
    I-Phaphama!—2012
  • Ubani Okufanele Abe Isibonelo Engisilingisayo?
    I-Phaphama!—1998
  • Basha—Niyokwenzani Ngokuphila Kwenu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Idolobha Lephepha Eliyingqayizivele
    I-Phaphama!—2012
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza
ijwyp isihloko 71
Osemusha ubuka izithombe zabantu abangaba izibonelo

INTSHA IYABUZA

Ngingamkhetha Kanjani Umuntu Engingabukela Kuye?

“Lapho nginezinkinga esikoleni, kwakungisiza ukucabanga ngomuntu oyisibonelo kimi owabhekana nento efanayo. Ngangibe sengizama ukumlingisa. Ukuba nomuntu engibukela kuye kwakungisiza ngidlule ezimweni ezinzima.”—UHaley.

Umuntu oyisibonelo angakusiza ugweme izinkinga futhi ufinyelele imigomo yakho. Okubalulekile ukukhetha umuntu okahle ongaba yisibonelo kuwe.

  • Kungani kufanele umkhethe ngokucophelela umuntu obukela kuye?

  • Indlela ongamkhetha ngayo lowo muntu

  • Okushiwo ontanga

Kungani kufanele umkhethe ngokucophelela umuntu obukela kuye?

  • Umuntu okhetha ukubukela kuye uyothonya indlela owenza ngayo izinto.

    IBhayibheli litshela amaKristu ukuba abanake labo abayisibonelo, lithi: “Njengoba nicabangisisa ngomphumela omuhle wokuziphatha kwabo, nilingise ukholo lwabo.”—Hebheru 13:7.

    Icebiso: Njengoba umuntu okhetha ukubukela kuye ezokuthonya ngendlela enhle noma ngendlela embi, khetha umuntu onezimfanelo ezinhle, hhayi nje umuntu owaziwayo noma ocishe alingane nawe.

    “Ngafunda okuningi kumKristu engikanye naye u-Adam, kokubili indlela acabanga ngayo nenza ngayo. Kuyamangaza ukuthi ngisazikhumbula izinto azenza nazisho. U-Adam akazi ukuthi izinto azisho nezinto azenza zangisiza kangakanani.”—UColin.

  • Umuntu okhetha ukubukela kuye uzothinta indlela ocabanga ngayo nendlela ozizwa ngayo.

    IBhayibheli lithi: “Ningadukiswa. Ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba emihle.”—1 Korinte 15:33.

    Icebiso: Khetha umuntu onezimfanelo ezinhle, hhayi nje umuntu obukeka kahle ngaphandle. Ngale kwalokho, uyophoxeka.

    “Uma uhlale uziqhathanisa nabantu abahle, ababukeka benemali futhi abaphila ukuphila okuphezulu, kukwenza uzibone umubi futhi uzibukele phansi. Lokhu kungakwenza ukhathazeke kakhulu ngendlela obukeka ngayo futhi ufune ngazo zonke izindlela ukubukeka njengabo.”—UTamara.

    Ongacabanga ngakho: Yini engaba ingozi ngokukhetha osaziwayo nabadlali bemidlalo ethile?

  • Umuntu okhetha ukubukela kuye engayiphazamisa noma akusize uyifinyelele imigomo yakho.

    IBhayibheli lithi: “Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha.”—IzAga 13:20.

    Icebiso: Khetha abantu abayisibonelo abanezimfanelo ezinhle ongathanda ukuzilingisa. Njengoba ubuka indlela abenza ngayo, ungathola izinto ongazenza ukuze ufinyelele umgomo wakho.

    “Kunokuba uzibekele imigomo engaqondakali kalula njengokuthi, ‘Ngifuna ukuzimisela nakakhulu,’ kodwa ungathi, ‘Ngifuna ukuzimisela nakakhulu njengoJane. Uhlale efika ngesikhathi futhi uzibheka njengezibalulekile izabelo zakhe.’ ”—UMiriam.

    Isiphetho siwukuthi: Uma ukhetha umuntu okahle ozobukela kuye, uyobe ukhetha ukufana naye lowo muntu.

Osemusha ulandela umuntu oyisibonelo esihle

Ukulandela umuntu oyisibonelo esihle kungakusiza usheshe uyifinyelele imigomo yakho!

Indlela ongamkhetha ngayo lowo muntu

Nazi izindlela ezimbili ezingakusiza ukhethe umuntu ongabukela kuye.

  1. Cabanga ngemfanelo ofuna ukuyithuthukisa bese ucabanga ngomuntu omhloniphayo onayo leyo mfanelo.

  2. Ungacabanga ngomuntu omhloniphayo bese ukhetha imfanelo oyithandayo anayo ofuna ukuyilingisa.

Ikhasi lomsebenzi elihambisana nalesi sihloko lingakusiza ukuba ukwenze lokho.

Abantu ongabukela kubo kungaba:

  • Ontanga. “Umngani wami omkhulu ungumuntu engifuna ukuba njengaye. Uhlale ekhona lapho umdinga futhi uyabakhathalela abanye. Mncane kunami kodwa unezimfanelo ezinhle mina engingenazo futhi lokhu kungenza ngifune ukulingisa isibonelo sakhe.”—UMiriam.

  • Abantu abadala. Kungaba abazali bakho noma abantu basebandleni. “Angingabazi ukuthi abazali bami bayisibonelo kimi. Banezimfanelo ezinhle. Banawo amaphutha kodwa futhi basaqhubeka bethembekile naphezu kwawo. Ngithemba ukuthi kuyoshiwo okufanayo ngami lapho sengineminyaka elingana neyabo.”—U-Annette.

  • Abalingiswa abaseBhayibhelini. “Ngiye ngakhetha abalingiswa abahlukahlukene baseBhayibhelini njengoThimothewu, uRuthe, uJobe, uPetru nentombazanyana engumIsrayeli, ngezizathu ezingafani. Lapho ngiqhubeka ngifunda ngabalingiswa abaseBhayibhelini, yilapho beba ngokoqobo kimi. Ngiyakuthanda ukufunda ngokulandisa okusencwadini ethi Lingisa Ukholo Lwabo nokusengxenyeni ethi ‘Izikhombo Zezibonelo Ezinhle’ etholakala kuyo yomibili imiqulu yencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo.”—UMelinda.

Icebiso: Ungabi nje nomuntu oyedwa obukela kuye. Umphostoli uPawulu wathi kumaKristu akanye nawo: “Iso lenu lihlale likulabo abahamba ngendlela evumelana nesibonelo esinibekela sona.”—Filipi 3:17.

Ingabe bewazi? Nawe ungaba isibonelo kwabanye! IBhayibheli lithi: “Yiba isibonelo kwabathembekile ngokukhuluma, ngokuziphatha, ngothando, ngokholo nangobumsulwa.”—1 Thimothewu 4:12.

“Ungakwazi ukusiza abanye ube nawe usizwa. Angeke wazi ukuthi ubani obukele nokuthi okushoyo kungakushintsha kanjani ukuphila komunye umuntu.”—UKiana.

Okushiwo ontanga

U-Emma

“Osaziwayo abaningi abakuhloniphi ukuphila uJehova abanike kona. Ukubukela kubantu abanjalo kuyosilimaza futhi kungasenza sicabange ukuthi leyo iyona ndlela okumele siziphathe ngayo.”—U-Emma.

UJustine

“Ukuba nomuntu okahle obukela kuye kungakusiza uphumelele ekuphileni. Ungabukela kothile bese uyabona ukuthi yini okufanele uyenze noma ungakhetha ukuzibonela wena ngokwakho.”—UJustine.

UMicah

“Kungase kudingeke ukuba ubafune abantu ozobukela kubo, lokhu kuhlanganisa ukwazi abanye abantu nokwakha ubungani nabo. Abantu abayizibonelo ungabathola nasezindaweni ongalindele ukubathola kuzo.”—UMicah.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela