Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwbq isihloko 86
  • Ingabe UNkulunkulu Uyawushintsha Umqondo Wakhe?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe UNkulunkulu Uyawushintsha Umqondo Wakhe?
  • Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Impendulo yeBhayibheli
  • IBhayibheli alisho yini ukuthi uNkulunkulu akalokothi ashintshe?
  • Ingabe uNkulunkulu uyazisola ngokuthi wadala abantu?
  • Ingabe Kufanele Uwushintshe Umqondo Wakho?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Isixwayiso Esitholakala Kokwenzeka Endulo
    Ungaba Umngane KaNkulunkulu
  • Gumbuqela Yonke Imicabango Emelene Nolwazi NgoNkulunkulu!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
  • Indlela Ongakushintsha Ngayo Lokho Oyikho
    I-Phaphama!—1991
Bheka Okunye
Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
ijwbq isihloko 86
Uphawu olubonisa ukuthi ungajika

Ingabe UNkulunkulu Uyawushintsha Umqondo Wakhe?

Impendulo yeBhayibheli

Yebo, ngomqondo wokuthi uyasishintsha isimo sakhe sengqondo lapho abantu beshintsha indlela abaziphatha ngayo. Ngokwesibonelo, lapho uNkulunkulu ekhipha isahlulelo kubantu bakwa-Israyeli wasendulo, wathi: “Mhlawumbe bayolalela babuye, yilowo nalowo endleleni yakhe embi, bese ngizisola ngenhlekelele engicabanga ukuyikhipha phezu kwabo ngenxa yobubi bezenzo zabo.”​—Jeremiya 26:3.

Izinguqulo zeBhayibheli eziningi zihumusha leli vesi ngokuthi uNkulunkulu “angaphenduka” enhlekeleleni abeyihlosile, okunganikeza umqondo wokuthi usuke enze iphutha. Nokho, igama lesiHebheru lokuqala lingasho “ukushintsha umqondo noma inhloso.” Esinye isazi sabhala: “Ukushintsha kwendlela umuntu aziphatha ngayo, kushintsha isahlulelo sikaNkulunkulu.”

Nokho, ukuthi uNkulunkulu angawushintsha umqondo wakhe akusho ukuthi uphoqelekile ukuba awushintshe. Cabanga ngezimo iBhayibheli elibonisa kuzo ukuthi uNkulunkulu akawushintshanga umqondo:

  • UNkulunkulu akamvumelanga uBhalaki ukuba amenze ashintshe umqondo waKhe futhi aqalekise isizwe sakwa-Israyeli.​—Numeri 23:18-​20.

  • Lapho uSawulu, iNkosi yakwa-Israyeli, egxila ekwenzeni okubi uNkulunkulu akazange awushintshe umqondo waKhe wokumenqaba njengenkosi.​—1 Samuweli 15:28, 29.

  • UNkulunkulu uzosifeza isithembiso sakhe sokwenza iNdodana yakhe ibe umpristi phakade. UNkulunkulu ngeke awushintshe umqondo waKhe.​—IHubo 110:4.

IBhayibheli alisho yini ukuthi uNkulunkulu akalokothi ashintshe?

Yebo, iBhayibheli licaphuna uNkulunkulu ethi: “NginguJehova; angizange ngishintshe.” (Malaki 3:6) Ngokufanayo, iBhayibheli lithi uNkulunkulu ‘akashintshashintshi njengokuphenduka kwethunzi.’ (Jakobe 1:​17) Nokho, lokhu akuphikisani nalokho okushiwo iBhayibheli ngokushintsha kukaNkulunkulu umqondo. UNkulunkulu akashintshi ngomqondo wokuthi ubuntu bakhe nezimiso zakhe zothando nobulungisa azilokothi zishintshe. (Duteronomi 32:4; 1 Johane 4:8) Noma kunjalo, anganika abantu iziqondiso ezihlukahlukene ngezikhathi ezingafani. Ngokwesibonelo, uNkulunkulu wanika iNkosi uDavide iziqondiso ezingafani mayelana nokulwa izimpi ezimbili ezazilandelana, nokho zombili lezi zindlela zaphumelela.​—2 Samuweli 5:​18-​25.

Ingabe uNkulunkulu uyazisola ngokuthi wadala abantu?

Cha, kodwa uyazisola ngokuthi abantu abaningi abamnaki futhi bayamenqaba. Lapho lichaza izimo zangaphambi kukaZamcolo wosuku lukaNowa, iBhayibheli lithi: “UJehova wadabuka ngokuthi wayebenzile abantu emhlabeni, futhi wezwa ubuhlungu enhliziyweni yakhe.” (Genesise 6:6) Kuleli vesi, igama elithi “wadabuka” livela egameni lesiHebheru elingase lisho “ukushintsha umqondo.” UNkulunkulu washintsha umqondo ngeningi labantu abaphila ngaphambi kukaZamcolo ngoba base bebabi. (Genesise 6:​5, 11) Nakuba kwamdumaza ukuthi bakhetha ukwenza okubi, akazange ashintshe indlela asibheka ngayo sonke isintu. Eqinisweni, walondoloza abantu kuZamcolo ngoNowa nomndeni wakhe.​—Genesise 8:​21; 2 Petru 2:​5, 9.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela