Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwbq isihloko 60
  • Ukwesaba Ukufa​—Ungakunqoba Kanjani?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukwesaba Ukufa​—Ungakunqoba Kanjani?
  • Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Impendulo YeBhayibheli
  • “Iqiniso Liyonikhulula”—Kanjani?
    I-Phaphama!—2012
  • Yenza Ukuba Inhliziyo Yakho Yesabe UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Kungani Kufanele Sesabe UNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • UKufunda UKuthola Injabulo Ngokwesaba UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
Bheka Okunye
Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
ijwbq isihloko 60

Ukwesaba Ukufa​—Ungakunqoba Kanjani?

Impendulo YeBhayibheli

Kuyafaneleka ukuba ukufa sikwesabe njengesitha futhi sithathe izinyathelo ezidingekayo ukuze sizivikele. (1 Korinte 15:26) Nokho ukwesaba ukufa okungenangqondo okubangelwa amanga noma izinkolelo-ze kufaka abantu “ngaphansi kobugqila konke ukuphila kwabo.” (Hebheru 2:15) Ukwazi iqiniso kuyokukhulula ekwesabeni ukufa ngendlela ekhwantabalisayo​—ukwesaba okungakwenza ulahlekelwe injabulo ekuphileni.​—Johane 8:32.

Iqiniso ngokufa

  • Abafileyo abazi lutho. (IHubo 146:4) Akudingeki wesabe ukuthi uzozwa ubuhlungu noma uzohlushwa ngemva kokufa ngoba iBhayibheli lifanisa ukufa nokulala.​—IHubo 13:3; Johane 11:11-14.

  • Abafileyo angeke basilimaze. Ngisho nalabo ababeyizitha ezinonya, ‘abanawo amandla ekufeni.’ (IzAga 21:16) IBhayibheli lithi ‘inzondo yabo nomhawu wabo sekushabalele kakade.’—UmShumayeli 9:6.

  • Ukufa akusho ukuthi sekuphelile ngathi. Ngovuko, uNkulunkulu uyobuyisela ekuphileni labo abaye bafa.​—Johane 5:28, 29; IzEnzo 24:15.

  • UNkulunkulu uthembisa ukuthi kuza isikhathi lapho ‘ukufa kungeke kusaba khona.’ (IsAmbulo 21:4) Ngokuphathelene nalolo suku, iBhayibheli lithi: “Abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade,” ngeke baphinde nanini besabe ukufa.​—IHubo 37:29.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela