BalanceFormcreative/iStock via Getty Images Plus
Yilwa Nomzwangedwa Ngokusiza Abanye—Okushiwo IBhayibheli
Emhlabeni wonke, abantu banomzwangedwa futhi bakuthola kunzima ukusondelana nabanye. Abanye ochwepheshe bezempilo bakholelwa ukuthi ukusiza abantu kungenye yezindlela zokulwa nale mizwa.
“Ukusiza labo abadinga usizo kungasinika injongo ekuphileni futhi kungasisiza sinciphise ukuzizwa sisodwa noma siqhelelene nabanye.”—I-U.S. National Institutes of Health.
IBhayibheli lisinika amacebiso esingawasebenzisa ukuze sisize abanye. Ukusebenzisa lokho elikushoyo kungasisiza silwe nomzwangedwa.
Ongakwenza
Yipha. Funa amathuba okuchitha isikhathi nabanye, ikakhulu ukuba nabo ngokoqobo. Zimisele ukupha abanye onakho. Lapho wenza kanjalo, bayobonisa ukwazisa, okungaholela ebunganini.
Isimiso seBhayibheli: “Kwenzeni umkhuba ukupha, abantu nabo bayonipha.”—Luka 6:38.
Sebenzisa amandla akho ukuze usize abanye. Funa izindlela zokusiza abantu ababhekene nobunzima. Kungase kube ukubalalela ngozwela noma ukubenzela okuthile okunganciphisa umthwalo wabo.
Isimiso seBhayibheli: “Umngani uhlale ekulungele ukusiza, kunoma yisiphi isimo.”—IzAga 17:17, I-Contemporary English Version.
Ukuze uthole okwengeziwe mayelana nendlela ongagcina ngayo ubudlelwane obuhle nabanye, funda isihloko esithi “Ukuphila Komndeni Nabangane.”