Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwbq isihloko 173
  • Waqala Nini UNkulunkulu Ukudala Indawo Yonke?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Waqala Nini UNkulunkulu Ukudala Indawo Yonke?
  • Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Impendulo yeBhayibheli
  • Ingabe izinsuku eziyisithupha zokudala zingamahora angu 24 angokoqobo?
  • Kwenzekani phakathi nezinsuku eziyisithupha zokudala?
  • Ingabe indaba kaGenesise inembile ngokwesayensi?
  • Ladalwa nini ilanga, inyanga, nezinkanyezi?
  • Mdala kangakanani umhlaba ngokusho kweBhayibheli?
  • Lokho IBhayibheli Elisitshela Khona
    I-Phaphama!—2021
  • Ingabe Isayensi Iyaphikisana Nomlando KaGenesise?
    I-Phaphama!—2006
  • Isayensi nomlando kaGenesise
    Ingabe Izinto Eziphilayo Zadalwa?
  • Iqiniso Ebelifihliwe Ngendalo
    I-Phaphama!—2014
Bheka Okunye
Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
ijwbq isihloko 173
Amaplanethi nezinkanyezi emkhathini.

Waqala Nini Unkulunkulu Ukudala Indawo Yonke?

Impendulo yeBhayibheli

IBhayibheli alisitsheli ukuthi kunini lapho uNkulunkulu aqala khona ukudala indawo yonke nokuthi kwathatha isikhathi eside kangakanani. Limane nje lithi: “Ekuqaleni uNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba.” (Genesise 1:1) IBhayibheli alisho ngokuqondile ukuthi “ekuqaleni” kwakunini. Nokho, ukulandelana kwezenzakalo ezibhalwe kuGenesise kubonisa ukuthi leso sikhathi singaphambi kwezinkathi eziyisithupha, noma “izinsuku” zokudala.

  • Ingabe izinsuku eziyisithupha zokudala zazingamahora angu-24 angokoqobo?

  • Kwenzekani phakathi nezinsuku eziyisithupha zokudala?

  • Ingabe indaba kaGenesise inembile ngokwesayensi?

  • Ladalwa nini ilanga, inyanga, nezinkanyezi?

  • Mdala kangakanani umhlaba ngokusho kweBhayibheli?

Ingabe izinsuku eziyisithupha zokudala zingamahora angu 24 angokoqobo?

Cha. EBhayibhelini, igama elithi “usuku” lingasho ubude besikhathi obuhlukahlukene kuye ngokuthi indaba ikhuluma ngani. Ngokwesibonelo, enye ingxenye yalokhu kulandisa ichaza yonke inkathi yokudala njengeyenzeka ngosuku olulodwa.—Genesise 2:4.

Kwenzekani phakathi nezinsuku eziyisithupha zokudala?

UNkulunkulu wawuguqula umhlaba kusuka ekubeni ‘ongenalutho, ongenaso isimo esithile’ waba iplanethi okungaphileka kuyo. (Genesise 1:2) Ngemva kwalokho wabe esedala izinto eziphilayo emhlabeni. IBhayibheli lichaza amaqoqo ayisithupha ezenzakalo ezenzeka phakathi nalezo zinsuku, noma inkathi yokudala:

  • Ukukhanya nobumnyama.

    Usuku 1: UNkulunkulu wenza ukukhanya kwafinyelela emhlabeni, umphumela waba umjikelezo wemini nobusuku.—Genesise 1:3-5.

  • Isibhakabhaka nolwandle.

    Usuku 2: UNkulunkulu wenza umkhathi, noma wahlukanisa amanzi asemhlabeni namanzi asesibhakabhakeni.—Genesise 1:6-8.

  • Indawo eyomile esemhlabeni nohlaza.

    Usuku 3: UNkulunkulu wenza ukuba kuvele umhlabathi owomile. Wadala nezinto ezimilayo.—Genesise 1:9-13.

  • Ilanga, inyanga nezinkanyezi okubonakala lapho usemhlabeni.

    Usuku 4: UNkulunkulu wenza ukuba ilanga, inyanga nezinkanyezi kubonakale ngokucacile emhlabeni.—Genesise 1:14-19.

  • Izidalwa eziphila emanzini nezindizayo.

    Usuku 5: UNkulunkulu wadala izidalwa zasemanzini eziphilayo nezidalwa ezindizayo.—Genesise 1:20-23.

  • Izilwane eziphila ezweni kanye nabantu.

    Usuku 6: UNkulunkulu wadala izilwane ezihamba emhlabeni kanye nabantu.—Genesise 1:24-31.

Ngemva kokuphela kosuku lwesithupha, uNkulunkulu waphumula emsebenzini wakhe noma wayeka ukudala.—Genesise 2:1, 2.

Ingabe indaba kaGenesise inembile ngokwesayensi?

Indaba yeBhayibheli ngokudalwa komhlaba ayisho ukuthi inemininingwane ebanzi yesayensi. Kunalokho, ichaza indalo ngendlela yokuthi ngisho nabafundi bezikhathi zeBhayibheli kwakungaba lula ngabo ukuqonda ukulandelana kwezenzakalo. Indaba emayelana nokudala ayiphikisani nesayensi etholakele. Isazi sezinkanyezi uRobert Jastrow sabhala: “Yonke imininingwane ihlukile, kodwa izinto ezisemqoka emkhakheni wezinkanyezi kanye nokulandisa kweBhayibheli kukaGenesise kuyafana; ukulandelana kwezenzakalo eziholela ekubeni khona komuntu ziqala ngokushesha, ngesikhathi esimisiwe.”

Ladalwa nini ilanga, inyanga, nezinkanyezi?

Ilanga, inyanga nezinkanyezi kwase kukhona njengengxenye “yamazulu” adalwa “ekuqaleni.” (Genesise 1:1) Nokho, ngokusobala ukukhanya kwakho akuzange kufinyelele emhlabeni ngenxa yobumnyama obukhulu ababusemkhathini. (Genesise 1:2) Ngakho nakuba ukukhanya okuluvindi kwabonakala ngosuku lokuqala, umthombo wokukhanya wawungakabonakali. Ngosuku lwesine, umkhathi waphenya. IBhayibheli libe selithi ilanga, inyanga, nezinkanyezi kwaqala “ukukhanya emhlabeni,” ngokusobala lichaza indlela okwakubonakala ngayo uma ukubuka usemhlabeni.—Genesise 1:17.

Mdala kangakanani umhlaba ngokusho kweBhayibheli?

IBhayibheli alisho lutho ngeminyaka yomhlaba. UGenesise 1:1 umane nje uchaza ukuthi indalo ebonakalayo, kuhlanganise nomhlaba, kwaba nesiqalo. La mazwi awaphikisani nezimiso zesayensi enengqondo noma nokulinganisa kwesayensi mayelana nobudala bomhlaba.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela