Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yb14 k. 99
  • “Uzokufa Ungakapheli Unyaka”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Uzokufa Ungakapheli Unyaka”
  • INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2014
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ngayithanda ISierra Leone
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2014
  • Umsebenzi Wokwenza Abafundi Uye Walolonga Ukuphila Kwami
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Sasizimisele Ukukhonza UJehova
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2014
  • Kungani Kufanele Ngiye Emihlanganweni Eba SeHholo LoMbuso?
    Intsha Iyabuza
Bheka Okunye
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2014
yb14 k. 99

ISIERRA LEONE NEGUINEA

“Uzokufa Ungakapheli Unyaka”

UZachaeus Martyn

  • UNYAKA AZALWA NGAWO 1880

  • ABHAPATHIZWA NGAWO 1942

  • UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Waqala ukuphayona eneminyaka engu-72.

Isithombe ekhasini 99

UZACHAEUS akazange afundelwe muntu iBhayibheli. Kodwa ngemva kokufunda incwadi ethi Salvation nethi The Harp of God, wazi ukuthi uthole iqiniso.

Ekuseni ngelinye iSonto ngo-1941, waya emhlanganweni wokuqala woFakazi owawuqhele ngamakhilomitha angu-8 futhi kwakumelwe ehle intaba. Engazi ukuthi umhlangano uzoqala nini, wafika kusasele isikhathi eside. Wahlala walinda abazalwane ukuba bafike. Ngemva kokuba eseze esifundweni amaSonto amathathu eHholo LoMbuso, watshela iSonto LaseSheshi lendawo ukuthi alimesule emalungwini esonto.

Umngane wakhe omkhulu, naye owayesonta, wamthethisa, ethi, “Mkhulu, uma uqhubeka nokwehla wenyuka le ntaba amakhilomitha angu-8 uya ehholo lalaba bantu, uzofa ungakapheli unyaka.” Kwaphela iminyaka emihlanu le ndoda ibuka uZachaeus ehla enyuka kule ntaba kabili ngesonto. Kungazelelwe iyona eyaqumbeka phansi yafa! Ngemva kweminyaka engu-25, uZachaeus wayesazizwa engumqemane.

UZachaeus wakhonza uJehova ngokwethembeka kwaze kwaba yilapho eshona eneminyaka engu-97.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela